Ilanga

ZISHO NTANGAYAMA­SHINGA:

- Mthobisis@ilanganews.co.za

UYAYIBONA inqubekela phambili emculweni nakuba bekukhona abebewunga­baza ushuni awudlalayo ngesikhath­i efika emculweni kodwa namhlanje sebeyawuth­okozela.

UMcebo Mncwango (30) waseZingwe­ni, eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthi nakuba bekhala abaculi abaningi ngokungath­engwa komculo kodwa owakhe uyahamba ngoba uzibambela mathupha - awuhambise emphakathi­ni ayozikhang­isa kubathandi bawo.

Le nsizwa iyaziwa ngisho emicimbini yomasikand­i. Kawusikhal­eli isikhathi sakho uma kunandisa yona ngoba iyayazi into eyenzayo. Ikhono lokujabuli­sa abantu libuzwa kuyo kanti nezinsizwa ekhahlela nazo esiteji ziyazimise­la. ILANGA likupha umlando omncane wale nsizwa nezihasho zayo. Uma izihasha isho kanje: “Ugencegenc­e ematrogwen­i umfazi wezimu, Udwendwe lukaKoto isilomo saMancwang­o, Imbuzi encane abayibeke amaba la Yaphuma ingenamyoc­u. Usbhamu esodubula mina Siyobe sinenhlanh­la”. Ngokomland­o wezihasho zakhe uMcebo uthi phambilini ubelusile ehlathini kanti kukhona izinsizwa ezimbili ebezifuna ukuntshont­sha le mfuyo, walwa kwacishe kwanqamuka izandla ngoba lezi zinsizwa bezizama ukumsocong­a ngocelemba ukuze ziqede nya ngobufakaz­i.

“Bengisehla­thini eduze nalapho kudlula khona izitimela ngasematro­gweni, okuyilapho ngaphe-nduka khona umfazi wezimu ngo-ba kwase kucacile ukuthi igazi lizochithe­ka,” kusho uMcebo.

Uthi uzibiza ngodwendwe lukaKoto ngoba yena uzifanisa nento engapheli kwazise bekukhona abomndeni wakhe nabanye abasemacel­eni abebethi kuzoshabal­ala ngaleli khono lomculo.

Bebekale ngisho izinyanga ezithile ukuthi ngeke ziphele esayibambi­le emculweni. Utshele leli phephandab­a ukuthi kakuphelel­anga lapho ngoba ugcine esebekwa namabala kwabakhona nabazama ukumdubula ngesikhath­i sebebona ukuthi uyaqhubeke­ka.

Yingakho ethi siyobe sinenhlanh­la isibhamu esiyodubul­a yena ngoba sike sehluleka. UMcebo ubenothand­o lomculo we- rhythm and blues kodwa uthando lukamasika­ndi lusanda kumvukela nakuba ebeyigagu, kwaziwa nangakubo kodwa ubengakube­kile kakhulu engqondwen­i ukuthi uzocula.

Uphothule umatikulet­sheni ngonyaka wezi-2005 eFilidi High School walibangis­a eThekwini College ngomnyaka olandelayo eyozama ukuqhubeka nesigaba sobuthishe­la kodwa kwangenzek­a ngenxa yokushoda kwamaphuzu abefuneka ekolishi.

Uthi ukunokuba abuyele kubo, unqume ukufuna amatoho eThekwini ngoba ubesazi isimo sasemuva lapho eqhamuka khona. Ujoyine iqembu lomculo iNgwe Emabala ngoba elibone lenza kahle eThekwini kanti uzokwehlel­wa yinhlanhla athole umsebenzi eNando’s khona eThekwini waze wathola nemali yokuthenga isigingci.

Uthi usebenzile khona futhi ewusizo kakhulu ngoba bekunandis­a yena nasemseben­zini uma kunemicimb­i ngaphakath­i.

“Ngithole lesi sigingci ngasisetha ushuni kaShwi nokaKwakhe Mgqumeni Khumalo, ngaqala ngapatanis­a kwaze kwalunga kwagcina sekukhala into ezwakalayo.

“Ngowezi-2009 ngishiye phansi itoho ngabuyela ekhaya ngayozinik­eza isikhathi sokucabang­a ukuthi lo mculo ngeke yini ngiphile ngawo.

“Kuthe ngowezi-2010 ngaqopha i- demo enezingoma ezintathu ngaqala nganandisa ngasekhaya uma kwenziwa imicimbi. Langa limbe ngiqondane noPhuzekhe­misi kweminye yawo.

“Ngiyishayi­le ingoma nami ngingazele­le lutho, wavele wathatha umbhobho uPhuzekhem­isi wathi lo mfana kusukela manje ngiyamsiza ngeke aphinde akoqozise ehlathini.

“Kangikholw­anga ngizwa lawo mazwi, ngivele ngawa bhu phansi esiteji sengibona ukuthi saphumelel­a ngempela isifiso sami. UPhuzekhem­isi uthe ngoba yena uya phesheya ngaleso sikhathi, uzongishiy­a komunye ubaba asebenzisa­na naye ukuze asale engisiza. Lowo baba uvele wafuna imali enkulu kwabhuntsh­a kanjalo,” kusho uMcebo.

Uthi ngokuhamba kwesikhath­i udibane noMnu Sandile Shange ombone enandisa emcimbini ngayo i- demo. UMnu Shange lo onamakhame­ra okushutha ama- video, ucele ukumshutha ingoma eyodwa. Uthi leyo ngoma uyithathe wayihambis­a ohlelweni uGubhu Lwami kwi-1KZNTV yafike yadlalwa kumabonaku­de kanti idlala nje, isikhulu senkampani yomculo, sibukele uhlelo.

“Ngithole ucingo ngifonelwa kuGubhu Lwami kwathiwa kunesikhul­u ebesifikil­e sizongifun­a sathi sichazekil­e sibuka ingoma yami kumabonaku­de nganikezwa inombolo yaso. Ngisifonel­ile ngathola ukuthi nguMnu Velanto Thwala ophethe inkampani yaMabunjwa Records wathi mangiye eGoli.

“Ngifike ehle- li ehhovisi neMfezemny­ama ngabanikez­a i- demo yami yalalelwa wathi uyangithat­ha kwakubhukh­wa isitudiyo ngavele ngadideka ingqondo phela ngangingaz­itsheli ukuthi ngelinye ilanga ngingasebe­nza nabantu abadumile.

“Ubaba uThwala uwenzile umehluko empilweni yami nasemndeni­ni wonke,” kusho uMcebo. Uyikhiphil­e i-albhamu yakhe yokuqala ethi “Ngiqome Ntombi” ngowezi-2014.

Uthi emuva kokuphuma kwayo, ucele ukuba inkampani imgayele amakhophi ayi-1000 kuphela ngoba ubengafuni umculo uduve kwazise ubesemusha engaziwa.

Uveze ukuthi uqale lapho wagcwala emigwaqwen­i yaseGoli ezipromoth­a, athengwa wonke amakhophi wabe esethatha imali wayibuyise­la enka- mpanini.

Uthi ugcine esethenga nemoto wanquma ukuhlala kubo ukuze ezothola imicimbi. Nyakenye ukhiphe i-albhamu ethi “uThule Uthini” okuyiyona ngempela emphakamis­ile kanti njengamanj­e usezinhlel­weni zokudedela enye.

 ??  ??
 ?? ISITHUNYEL­WE: SITHUNYELW­E ?? UMCEBO uyazibambe­la akathumeli esigingcin­i.
ISITHUNYEL­WE: SITHUNYELW­E UMCEBO uyazibambe­la akathumeli esigingcin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa