Ilanga

UPienaar uphawula ngezinga lePSL

- SENZO SOKHELA

AKAWUVALI umlomo ngebhola laseNingiz­imu Afrika uSteven “Schillo” Pienaar (35) osanda kusayinisw­a yiBidvest Wits.

IWits idlulele kwi- semi-final yeMTN8 iguqisa iLamontvil­le Golden Arrows ngo-4-3 wamaphenat­hi ngoLwesihl­anu kusihlwa eBidvest Stadium, eGoli. Lo mdlalo uphele zibambene ngo-2-2. Ube neziwombe ezinzima njengoba kugcine kukhishwe amakhadi ayisi-6 abomvu.

Kwi-Arrows kukhishwe uDanny Phiri, uSiyabonga Dube nabaqeqesh­i bayo bobabili uClinton Larsen nomsizi wakhe uMandla “Mhloli” Ncikazi. KwiWits ku- khishwe uSlavko Damjanovic odlala emuva noGavin Hunt ongumqeqes­hi.

UPienaar ugijime umdlalo wakhe wokuqala njengoba eshaye ibuya kwiPremier Soccer League (PSL) emuva kokuhlala iminyaka eli-16 e-Europe.

“Kube nzima ngisuka ebhentshin­i ngoba bese nginesikha­thi eside ngigcine ukudlala kuleli. Ibhola lalapha selikhule ngendlela eyisimanga linjalo nje liyashesha. Nabadlali bakhombisa ukuqeqeshw­a ngokweqoph­elo eliphezulu, abazenzeli umathanda.

“Nokho ngiyakukhu­thaza ukuthi abadlali bakuleli bakulwele ukuyodlala phesheya. Ngaphandle kwemali yakhona econsisa amathe, kukhulu abangakuzu­za phesheya. Phesheya ibhola liyaphilwa, ungazuza okuningi okungabuye kusize iligi yethu neBafana Bafana ngokunjalo,” kusho uPienaar.

Uthi kumjabulis­ile ukushaya ibuya ngewini. UPienaar ushaye enye yamaphenat­hi ebe seqophelwe­ni eliphezulu.

“Bengiminci­le ukuthi ngingabing­elelwa ngesibhaxu. Ngesikhath­i i-Arrows ihamba phambili ngo-2-0 bese ngililahli­le ithemba ngoba kuvele kwaphuma nomdlali wethu ngekhadi elibomvu. Ingijabuli­sile indlela engibuye ngayo ekhaya. Ngiyethemb­a ukuthi kukhulu engizokuco­belela abalingani bami ngengikufu­nde e-Europe,” kusho uPienaar.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUSTEVEN Pienaar weWits emakene noNkanyiso Cele weGolden Arrows.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUSTEVEN Pienaar weWits emakene noNkanyiso Cele weGolden Arrows.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa