BAFUNA I-FIFA IXAZULULE OLWE-SAFA ETHEKWINI
SEKULINDWE iFederation of International Football Association (Fifa) ngodaba lombango wamandla okuphatha iSouth African Football Association (Safa) eThekwini Region enezinhlaka ezimbili zobuholi.
Ubuholi baseHoy Park bukaAlpha Mchunu bubhalele iFifa bucela ingenelele kulolu daba. UNathi Ngcobo onguNobhala walobu buholi, uthi baphoqelekile ukubhalela iFifa ngoba bebona iSafa ihudula izinyawo ukuhambisana nesinqumo sikaHilton Epstein SC obengumahluleli ozimele okunguyena obexazulula lo mbango. Lolu qweqwe lommeli lubuhlakazile ubuholi baseCurries Fountain obuholwa nguMazwi Mkhize lwase luphakamisa ukuthi kusingathwe ukhetho olusha mhla zintathu kuZibandlela (December) ngonyaka odlule. EzikaMkhize zinikele enkantolo ziyocela incwadi evimbela ukuhlala kwalo mhlangano wokukhetha ubuholi obusha. Ubuholi baseCurries Fountain buthi abusigqizi qakala isinqumo sika-Epstein ngoba abunikezwanga ithuba lokubeka uhlangothi lwalo ngesikhathi u-Epstein exazulula lo mbango.
UNgcobo uthi kuningi okwenzekayo okukhombisa ukungahlonishwa kwezinqumo zika-Epstein. UNgcobo uthi ubeqala ukuzwa ngaleli phephandaba ukuthi oMengameli bezifunda zaKwaZuluNatal bebenomhlangano ngoMgqibelo eMtubatuba.
Uthi kwakhona ukungabizwa kukaMchunu kulo mhlangano kukhombisa ukuthi akahlonishwa yiSafa nokuthi kazihlonishwa izinqumo zika-Epstein. UNgcobo ufunga ngokuthi buzokuba khona ubulungiswa odabeni lwaseThekwini njengoba iFifa ingeke icheme namuntu.
UZama Buthelezi onguNobhala waseCurries Fountain, uthe: “Nangowezi-2015 babecula lona leli culo leFifa. Lidala kabi. Ngeke siphawule lutho ngento esingayazi ngoba akukho okubhalwe phansi esesikutholile.”
Ukuqinisekisile ukuthi uMkhize ubemenyiwe futhi uwuhambelile lo mhlangano.