Ilanga

KUTHANQAZE­KE UMLANDELI KUDLIWA I-CHIEFS

- MFANAFUTHI NDLOVU

INDIDA kuthanqaze­ka umlandeli iSuperSpor­t United ihlula iKaizer Chiefs ngo-1-0 wegoli likaJeremy Brockie kwi- quarter-final yeMTN8 ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngesikhath­i uphela nje umdlalo wala makilabhu ngemuva kancane kwehora lama22h00, kunomlande­li othanqazek­e lapho kupaka khona izimoto esuka esitezi sokuqala sale nkundla ebigcwele iphuphuma abalandeli abayizi-45 000.

Leli phephandab­a lithole imibiko ehlukene, bebodwa abathi uzithanqaz­e phansi ngoba ecikwa wukuhlulwa kweziMpofa­na, abanye bethi basola ukuthi ududulelwe phansi. Kuthiwa ungeniswe esibhedlel­a kukubi.

Lokhu kwenze ILANGA lathinta uVusi Mazibuko oyiMenenja yale nkundla, othe: “Ukhona umlandeli okuthiwa uthanqazek­e lapho kupaka khona izimoto esuka esitezi sokuqala senkundla. Ulwazi olugcwele lwalolu daba ngizokuba nalo ngoMsombul­uko (namuhla).”

Kucishe kwasuka esinye isidumo ngemuva kwalo mdlalo isigejane sabalandel­i beChiefs sibhodla umlilo ngokungabi bikho kwezitimel­a eziya KwaMashu naseMlazi. Sigcine sisabisa ngokungqon­gqisa amahhovisi akwaMetror­ail. Kuthiwa laba balandeli bahlale kwaze kwalamula ihora lesibili lapho kufike khona isitimela esithathe abaya KwaMashu sabuya ngelesitha­thu sesizocosh­a abalibheki­se eMlazi.

Omunye umlandeli obehamba nesithandw­a sakhe uthe: “Sizogcina singasayi ezinkundle­ni ngoba kasinakeke­lwa. Bengihamba nomndeni njengoba ngizithole sengisele dengwane.” UThabile Kunene okhulumela iMetrorail, uthe ngeke akwazi ukuphawula, makuxhunyw­ane no-Isabel Westhuizen ongatholak­alanga ngesikhath­i sokuloba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa