Ilanga

SENYUKILE ISIBALO SABANGENEL­E IMANDELA MARATHON

- MZWAMANDLA ZONDI

SENYUKE ngabasubat­hi abayizi-3000 isibalo sababhalis­ele ukubamba iqhaza kwiMandela Day Marathon ezokuba ngempelaso­nto yokugcina yale nyanga eMgungundl­ovu.

Lo mjaho uhlukanisw­e izigaba eziyisi-7. NgoMgqibel­o kuneTrial Run, iMountain Biking, iTriathlon neYouth Run, ngeSonto kube ne-42km ezoqala eManaye Hall, eMbali, i-21km ezosukela kwiHalf Way (ye-42km), i-10km ne-4.6664km ezogijinyw­a yizitatany­iswa.

Yonke le mijaho izophelela eHowick Capture Site.

Izibalo zomjaho wanonyaka ziqiniseki­swe nguJohan van Staden ongumdidiy­eli wawo. Uthi kwiRoad Running bebelindel­e abasubathi abayizi-9000 kodwa bathola abayizi-12 185. Uthi bahlelele abasubathi indawo yokulala eMbali naseHowick, kanti bazokwamuk­ela kuphela abasubathi abayi1 200.

“Bonke abasubathi bazoshiya izimoto zabo eMbali bese sibathatha ngezethu sibayise lapho kuqala khona imijaho. Noma sebeqedile kuzokuba nezimoto ezizobatha­tha zibaphindi­sele emuva. Yonke imijaho yangeSonto izoqala ngo-6, izimoto zizoqala ngo-4 ekuseni ukuthutha abagijimi,” kusho uJohan.

Imiphumela yeSupa Mama 21km Challenge kwabesilis­a ihambe kanje, esigabeni esivulelek­ile: 1.Bonginkosi Zwane 69:23, 2.Sithembele Fanekho 70:46, 3. Elvi Mjaja 73:05.

Kwabesifaz­ane: 1.Loveness Madziva 83:41, 2.Nwabisa Mjoli 97:50, 3.Lisa Collett 98:06

Kwi-10km kwabesilis­a: 1.Prodigal Khumalo 32:44. Kwabesifaz­ane: 1.Zama Mokoena 40:47.

EyeCross Country ihambe kanje, kwabesilis­a kwi10km: 1.Bonginkosi Zwane (Boxer) 37:04, 2.Sipho “Gift” Mbanjwa (Phantane) 37:08, 3.Mthokozisi Mazibuko (Speed Exp) 37:58. Kwabesifaz­ane: 1.Nwabisa Mjoli (Hollywood Bets) 46:47, 2.Thobile Mkhize (Speed Exp) 47:19, 3.Bathabile Mkhize (Speed Exp) 47:42.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa