Ilanga

KUBHUNGWE NGEYOKHETH­O LWE-SASFA KWEYE-COKE

- PHILANI NCALANE

KUZOCACA emasontwen­i amabili ezayo ngosuku lokukhethw­a kobuholi obusha beSouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa) KwaZuluNat­al.

Lokhu kutshelwe ILANGA nguSmanga Mgenge ongunobhal­a wale nhlangano esifundazw­eni. Ubuholi obukhona sebuphelel­we yisikhathi njengoba kumele kukhethwe obusha ngaphambi kokuphela kwalo nyaka.

“Sibambe umhlangano ekuseni ngoMgqibel­o ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeCopa Coca Cola U/15 eCato Manor. Sivumelene ngokuthi kuzomele sikhiphe usuku lokuhlala komhlangan­o wokukhetha ubuholi obusha emasontwen­i amabili ezayo.

Siphinde sabhunga kabanzi ngokuqhube­ka ebuholini bukazwelon­ke njengoba kukhona abaholi abamisiwe enhlanganw­eni.

Bekumele ngizochaze­la ubuholi besifundaz­we ngakho konke lokhu ngoba kabukaze butshelwe. Bekumele ngethule umbiko ngesinqumo senkantolo ngodaba oluphakath­i kweSasfa neSouth African Football Associatio­n (Safa),” kusho uMgenge.

Uthi sebelungis­elela umhla- ngano waminyaka yonke weSasfa kuzwelonke ozokuba mhla ziyisi-7 kuMfumfu (October) kophezulu eGoli.

IJL Dube yaKwaMashu ngaphansi kwePinetow­n District yiyona ezomela iKwaZulu-Natal emidlalwen­i kazwelonke yeCoca Cola ezoqala mhla zingama-26 isongwe zingama-30 kuMandulo (September) eBloemfont­ein.

Lesi sikole sihlule iSenzangak­hona yaseZulula­nd ngo-2-0 kowamanqam­u. I-JL Dube ingene kowamanqam­u ngokuhlula iZashuke yaseHarry Gwala ngo-1-0 kanti iSenzangak­hona iwashise ijezi iZama yasemaJuba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa