Ilanga

Akayingeni eyokwesula kwiChiefs

Usebeke ithemba kumgadli wase-Argentina ngamagoli

- SENZO SOKHELA NOKWANDE MSUTHU

BAMFUNA ehambile abalandeli beKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi wale kilabhu njengoba bekholwa wukuthi akanayo sidalwa inhlanhla yokunqoba izinkomish­i.

IChiefs iguqiswe yiSuperSpo­rt United ngo-1-0 kwi-quarter-final yeMTN8 ngoMgqibel­o ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Igoli okunqobe ngalo iSuperSpor­t livalelwe enethini nguJeremy Brockie. Ukuphuma kweChiefs kulo mqhudelwan­o kushiye abalandeli bayo bephatheke kabi kwazise le kilabhu sekuphele amasizini amabili inganqobi nkomishi ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

Bebelibeka ngesihloko elokuthi uKomphela makahambe ngoba akanayo inhlanhla yezinkomis­hi. Bebethi uma iChiefs iqhubeka nalo mqeqeshi kuyacaca ukuthi ngeke inqobe lutho nangale sizini. Kuzokhumbu­leka ukuthi uKomphela akakaze anqobe nkomishi ehloniphek­ile selokhu aqala ukuqeqesha.

Lo mqeqeshi ukhale ngamashwa kulo mdlalo, wathi baziyekele bona ukuwunqoba.

“Umdlalo siwuthwale uqala kwaze kwabe uyaphela, sakha nenqwaba yamathuba sangawaseb­enzisa. Ngiyasola ukuthi u (Eric) Tinkler unomuthi wokusehlul­a ngoba nangesizin­i ephelile sikhishwe nguyena kulo mqhudelwan­o esakwiCape Town City. Sikwenze konke obekufanel­e sikwenze kulo mdlalo sadlala nebhola eliseqophe­lweni eliphezulu kodwa kwabheda kona.

“Ngiyakuqon­da ukuthi abalandeli kabafune ncazelo bafuna izinkomish­i nje qha kodwa ngiyathemb­a ukuthi nabo bazibonele ukuthi kulo mdlalo kunqabe yona inhlanhla,” kusho uKomphela ogcizelele ukuthi ngeke asule esikhundle­ni sakhe ngenxa yalo mphumela.

Uqhube wathi: “Kunomuntu ongitshele ukuthi akukho okonakele ngendlela esidlale ngayo kodwa kunento ethile esingayenz­i kahle. Ngokwami leyo nto wukufaka ibhola enethini. Umuntu uzophila nayo le ngcindezi ngoba ngabizelwa ukuzoseben­zela le kilabhu nezinkulun­gwane zabalandel­i. Kuzolunga ekugcineni.”

Mayelana nokuhamba kukaGeorge Lebese oseyodlala kwiMamelod­i Sundowns, uthe impilo yasebholen­i.

Uthe isinqumo ngomgadli waseArgent­ina, uJonatan Philippe, uzosithath­a maduzane. Uthe badinga umuntu ozobhakuzi­sa inethi kuphela ngoba bayakwazi ukulithung­a kahle abafana bakhe.

UTinkler ocija iSuperSpor­t, uthi konke kuhambe ngokohlelo.

“Inhloso yethu bekuwukuth­i sihlale sibalinde basingenel­e bese sibabamba ngesikhath­i besemngcel­eni wethu. Nangempela isu lethu lisebenzil­e bagaxelile sababamba. Nokho mukhulu umsebenzi osasihlale­le kuzofanele sisebenze ngokuphind­iwe uma sifuna ukwenza kahle ngale sizini,” kusho uTinkler.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa