I-DOWNS IQHOSHE NGE-CAF IKHISHWA KWI-MTN8
IMAMELODI Sundowns ibeke izaba iwashiswa ijezi ekuseni yiMaritzburg United kuba ngu-1-0 wegoli lika-Evans Rusike elingene ngomzuzu wama-58 kwi- quarter-final yeMTN8 izolo ngeSonto ntambama eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
UPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weDowns, obekubhalwe usizi emehlweni akhe emuva kwalo mdlalo, uthe uzame konke ukubhodloza udonga lweTeam of Choice kwasho kona ukuthi beyingazimisele ngokudlala ibhola, beyizele ukuzovala nje emuva.
Uthi benze iphutha elikhulu ngokuvumela le kilabhu ukushaya igoli kuqala okwenze yavele yahlala emuva ngesikhathi seyihamba phambili. Uqhoshe ngokuthi ezakhe zizobonisa ibhola elihle sezibhekene neWydad Athletic Club yaseMorocco kwi- quarter-final yeCaf Champions League ngenya- nga ezayo.
Kulo mdlalo iSundowns ihluleke ukuthola igoli yize isifake nabadlali bayo ababili abasanda kusayina u-Oupa Manyisa ophuma kwi-Orlando Pirates noGeorge Lebese obekwiKaizer Chiefs. IMaritzburg ifake uSiyanda “Magazi” Xulu osanda kusayina ephuma kwiChiefs.
UFadlu Davids ocija iTeam of Choice uncome abadlali bakhe ngokunqoba lo mdlalo obawelisele kuma- semi-final alo mqhudelwano abaqhathwe kuwona neSuperSport United kwathi iCape Town City yatonyulwa neBidvest Wits. Le midlalo izokuba yimilenze emibili.
Eyomlenze wokuqala izokuba ngempelasonto yokugcina yale nyanga kuthi eyowesibili ibe ngeyomhla ziyisi-9 kuMandulo (September).
ITeam of Choice izoqala ekuhambeni ePretoria kanjalo neWits ezolibangisa eCape Town.