UBULAWE EVULELA UMKAKHE ISANGO
Abasolwa babaleke ngemoto yenkosikazi
ABABAZA isihluku okubulawe ngaso iphoyisa amalunga omphakathi waseMpangeni, enyakathompumalanga yeKwaZulu-Natal, elidutshulwe livulela umkalo isango emzini walo engena ngemoto ngoLwesibili ebusuku.
Ngokuthola kweLANGA, uConstable Musa Mdlalose (31) ( osesithombeni), obenomuzi eNgwelezane, eMpangeni, udutshulwe ngabantu abangaziwa ngesikhathi evulela umkakhe isango ehamba ngemoto yomsebenzi.
Kubikwa ukuthi inkosikazi ifike ngezithuba zehora lesi-8 ebusuku ihamba ngeToyota Hilux, yafonela umyeni ukuba ayivulele isango. Isingenile imoto egcekeni, uConst Mdlalose uvale isango kwabe sekuvumbuka abasolwa ababili egcekeni - okukholakala ukuthi bebecashe ngaphakathi - bavulela ngentululwane yezinhlamvu kuyena waphuthunyiswa esibhedlela wafike washonela khona.
Kuthiwa abasolwa baqede ukudubula uConst Mdlalose bashaya bachitha nemoto ebihamba umkakhe osindile kulesi sigameko. UConst Mdlalose ubesebenzela uphiko lwePublic Order Policing (POP) eMpangeni.
*Kwesinye isigameko esifuze lesi, kudutshulwe kwabulawa iphoyisa ebelihamba nesihlobo salo esingusomatekisi oNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngoLwesibili ebusuku.
ILANGA lithole ukuthi uConst Cebekhulu (elingatholakalanga igama lakhe) ubehamba nesihlobo sakhe ngesikhathi behlaselwa ngabantu abangaziwa okuthiwa bavulele ngentululwane yezinhlamvu kwadubuleka yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe abakaboshwa abasolwa kuzona zombili lezi zigameko.