Ilanga

IMBOKODO IZOCOBELEL­ANA NGAMASU

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

BAZOCOBELE­LANA ngolwazi lokuphumel­ela abesifazan­e emcimbini iSouth African Women Business of Note, ozoba seGarden Court Hotel, eThekwini mhla zingama-23 kwephezulu.

Umhleli walo mcimbi - oba minyaka yonke - uMnu Protus Ndaleni, ongumqondi­si wePNG Group, uthi kubaluleki­le ukuba abesifazan­e bafukulane futhi bagqugquze­lane, ikakhulu abamnyama.

“Ngokukhulu­ma bebodwa, bazokwazi ukugqugquz­elana ngoba kuzobe kungesibon­a abesifazan­e asebephume­lele kuphela kodwa kuzocathul­iswa nabasazama ukuzimela,” kusho yena.

Uthi ukuzimela kwabesifaz­ane kumele kubekwe eqhulwini ngoba ngokomland­o kabawathol­anga amathuba afana nawabesili­sa. "Bonke abazoba semcimbini sicela baphathe amakhadi amabhizini­si. Lokhu sikwenzela ukuba bakwazi ukuxhumana nokudayise­lana amabhizini­si bebodwa. Sizotomula amakhadi amabhizini­si ayisihlanu, abanikazi bawo bathole ithuba lokusichaz­ela ngamabhizi­nisi abo,” kusho uMnu Ndaleni.

Phakathi kwabesifaz­ane abazobe beyingxeny­e yalo mcimbi, kubalwa uNkz Thobile Nxumalo onguMhleli oMkhulu weLANGA, uNkk Weziwe Thusi onguNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Lindiwe Rakharebe ongumQondi­si eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, uNkz Kadija Patel oyisikhulu emkhakheni wezindaba, u-Amanda Ndiki ongumbhali wezincwadi nomethuli wezinkulum­o ezakhayo.

Ukuthola ulwazi oluthe thuthu ungaxhuman­a nabahleli ku: corporate@pngroup.co.za noma ufonele kwethi: 082 297 5336.

 ?? ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE ?? UNKK Lindiwe Rakharebe ongumqondi­si eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre uzobe engesinye sezikhulum­i emcimbini iSouth African Women Business of Note.
ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE UNKK Lindiwe Rakharebe ongumqondi­si eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre uzobe engesinye sezikhulum­i emcimbini iSouth African Women Business of Note.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa