Ilanga

UTHWELE KANZIMA ONGAKWAZI UKUTHOLA UMAZISI

- SKHOSIPHI MTHEMBU osesithomb­eni),

IJAMILE impilo kowesifaza­ne waseLindel­ani, enyakatho yeTheku osekuphele iminyaka ezama ukushaya umazisi kodwa kungenzeki.

UNkz Thandeka Mthembu (28) ( uthi impilo yakhe inzima kangangoba isithinta nezingane zakhe ezingenazo izitifiket­i zokuzalwa, okudalwa wukuthi kwayena akanawo umazisi. Uthi usezame konke okusemandl­eni ukuthola umazisi kodwa kunalokho, emnyangwen­i wezasekhay­a bahlekisa ngaye uma ebachazela usizi oludala angabi nawo.

Elandisa ILANGA ngenkinga yakhe, uthi unina umshiye esemncane ndawana thize eNgwavuma , enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal engumuntu ozobuya ayomlanda kodwa wahamba amasolokoh­lo.

Uthi kusukela lapho ubesehambe ehlala wagcina ecoshwe ngowesifaz­ane obedayisa empeshenin­i waya naye lapho abehlala khona KwaDukuza, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal. Basuke lapho bathutha bayohlala eLindelani naye lona wesifazane. Sebehlala eLindelani, lona wesifazane uhlaselwe ngabantu bamdubula washona phambi kwakhe.

“Kusukela kushone lona wesifazane besengiham­be ngicela komakhelwa­ne ukudla nokuhlala. Ngize ngaba mdala ngiphila leyo mpilo, ngingazi noyedwa umuntu wakithi njengoba nomama wangilahla. Ngenxa yosizi, ngigcine ngingayang­a nhlobo esikoleni ngoba akekho umuntu obezongifu­ndisa njengoba bengingedw­a nje.

“Ngiyile emnyangwen­i wezasekhay­a ngiyoza- ma ukushaya umazisi kodwa bangichith­a bathi kumele ngiye esikoleni ebengifund­a kusona bangenzele incwadi. Ngibachaze­lile ukuthi kangikaze ngilubhade esikoleni njengoba bengingena­ye umuntu obezongifu­ndisa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

“Bangitshel­e ukuthi mangiye kosonhlala­kahle ukuze bangenzele incwadi kodwa nakhona ngehluleka. Sengiphend­uke isicefe emnyangwen­i wezasekhay­a, njalo uma ngiya khona bavele bahlekise ngami ngize ngifikelwe ngamahloni,” kusho uNkz Mthembu.

“Esikoleni sezingane sengithole umyalezo ocacisayo ukuthi uma siqhubeka isikhathi zingenazo izitifiket­i, zizoxoshwa. Kangazi ukuthi sengizophu­ma ngibhekeph­i uma ngifuna usizo. Phambilini ngike ngazama ukuya nomuntu wakwaMthem­bu emnyangwen­i wezasekhay­a kodwa nakhona lapho bangichith­a. Indlela engithwele kanzima ngayo, kangikwazi ngisho nokuthola umsebenzi,” kusho yena.

Okhulumela iHhovisi loMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal, uMnu Cyril Mncwabe, uthi kumele uNkz Mthembu athole umuntu wakubo kanina ozoqinisek­isa ukuthi uyingane kadadewabo ngempela. Uthi inkinga ekhona wukuthi baningi abantu abasuka ngaphandle njengaseSw­aziland -njengoba lona wesifazane eqhamuka ngakhona enyakatho-mpumalanga beze eNingizimu Afrika - ngenhloso yokufuna omazisi. Utshele ILANGA ukuthi yingakho umthetho uqine kanjena. Uthe izingane zingenzelw­a izitifiket­i nguyise kodwa nakhona kuzomele kuqale kwenziwe ulibofuzo ukuqinisek­isa ukuthi ngezakhe ngempela yini.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa