UTHWELE KANZIMA ONGAKWAZI UKUTHOLA UMAZISI
IJAMILE impilo kowesifazane waseLindelani, enyakatho yeTheku osekuphele iminyaka ezama ukushaya umazisi kodwa kungenzeki.
UNkz Thandeka Mthembu (28) ( uthi impilo yakhe inzima kangangoba isithinta nezingane zakhe ezingenazo izitifiketi zokuzalwa, okudalwa wukuthi kwayena akanawo umazisi. Uthi usezame konke okusemandleni ukuthola umazisi kodwa kunalokho, emnyangweni wezasekhaya bahlekisa ngaye uma ebachazela usizi oludala angabi nawo.
Elandisa ILANGA ngenkinga yakhe, uthi unina umshiye esemncane ndawana thize eNgwavuma , enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal engumuntu ozobuya ayomlanda kodwa wahamba amasolokohlo.
Uthi kusukela lapho ubesehambe ehlala wagcina ecoshwe ngowesifazane obedayisa empeshenini waya naye lapho abehlala khona KwaDukuza, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal. Basuke lapho bathutha bayohlala eLindelani naye lona wesifazane. Sebehlala eLindelani, lona wesifazane uhlaselwe ngabantu bamdubula washona phambi kwakhe.
“Kusukela kushone lona wesifazane besengihambe ngicela komakhelwane ukudla nokuhlala. Ngize ngaba mdala ngiphila leyo mpilo, ngingazi noyedwa umuntu wakithi njengoba nomama wangilahla. Ngenxa yosizi, ngigcine ngingayanga nhlobo esikoleni ngoba akekho umuntu obezongifundisa njengoba bengingedwa nje.
“Ngiyile emnyangweni wezasekhaya ngiyoza- ma ukushaya umazisi kodwa bangichitha bathi kumele ngiye esikoleni ebengifunda kusona bangenzele incwadi. Ngibachazelile ukuthi kangikaze ngilubhade esikoleni njengoba bengingenaye umuntu obezongifundisa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Bangitshele ukuthi mangiye kosonhlalakahle ukuze bangenzele incwadi kodwa nakhona ngehluleka. Sengiphenduke isicefe emnyangweni wezasekhaya, njalo uma ngiya khona bavele bahlekise ngami ngize ngifikelwe ngamahloni,” kusho uNkz Mthembu.
“Esikoleni sezingane sengithole umyalezo ocacisayo ukuthi uma siqhubeka isikhathi zingenazo izitifiketi, zizoxoshwa. Kangazi ukuthi sengizophuma ngibhekephi uma ngifuna usizo. Phambilini ngike ngazama ukuya nomuntu wakwaMthembu emnyangweni wezasekhaya kodwa nakhona lapho bangichitha. Indlela engithwele kanzima ngayo, kangikwazi ngisho nokuthola umsebenzi,” kusho yena.
Okhulumela iHhovisi loMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uMnu Cyril Mncwabe, uthi kumele uNkz Mthembu athole umuntu wakubo kanina ozoqinisekisa ukuthi uyingane kadadewabo ngempela. Uthi inkinga ekhona wukuthi baningi abantu abasuka ngaphandle njengaseSwaziland -njengoba lona wesifazane eqhamuka ngakhona enyakatho-mpumalanga beze eNingizimu Afrika - ngenhloso yokufuna omazisi. Utshele ILANGA ukuthi yingakho umthetho uqine kanjena. Uthe izingane zingenzelwa izitifiketi nguyise kodwa nakhona kuzomele kuqale kwenziwe ulibofuzo ukuqinisekisa ukuthi ngezakhe ngempela yini.