Ilanga

BABULAWA YINDLALA EZIKOLENI

- MTHOBISI SITHOLE

ZIBHUBHILE yinkemane izingane ezifunda kwezinye izikole ngaphansi esekethe yaseMbumbu­lu, eningizimu yeTheku ngenxa yokunikeze­lwa komsebenzi kumuntu okuthiwa uzihlangul­ile sekulindel­we ukuba asabalalis­e ukudla kulezi zikole.

ILANGA lithole ukuthi eFundinduk­u Secondary School, eMadundube Primary, eBridgeman Primary, eDuze Primary, eKudeyeni Primary naseNkanye­zi Primary selokhu kuvulwe izikole kazikaze zikuthole ukudla. Kuthiwa obekumele aphekele lezi zikole uthe akanalwazi ngalo msebenzi okuthiwa makawenze, ubengasith­umelanga isicelo sokusebenz­a ngaphansi kwalezi zikole.

Umthombo weLANGA uthi ziphazamis­ekile izingane zibona kudliwa kwezinye izikole kodwa zona zibulawa yindlala.

Uthi kuneziphep­hela kukhona lokhu kudla esezingasa­lubhadi esikoleni ngenxa yokuthi kakuphekwa. “Ukudla kuneqhaza elikhulu kakhulu ekusizeni izingane eziphuma emindenini ehlwempu. Kuyasixaka ukuthi lo muntu unikezwe kanjani umsebenzi ekubeni ethi akanalo ulwazi lwawo.

"Ubefonelwa usuku nosuku ecelwa ukuba alethe ukudla ngoba phela unikeziwe incwadi yokuba azosebenza ezikoleni zezingane zethu,” kusho umthombo. Abazali bakhale ngokwenzek­a kulezi zikole kanti kubikwa ukuthi umnyango wezemfundo usuqoke inkampani entsha, iChube Events And Training, ukuba iphakele lezi zikole.

"Bekulindel­eke ukuba iqale mhla zili-14 kuNcwaba (August) kuze kube mhla zingama-31 kuNdasa (March) ngonyaka ozayo. ILANGA lixhumanil­e nalezi zikole zakuqinise­kisa ukuthi akukho ukudla ezikoleni. UNkz Nombuso Shezi weChube, wethembise ukuthi uzoqala umsebenzi namuhla ngoLwesine ahambise ukudla ezikoleni.

Okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi akekho onikezwa umsebenzi engathumel­anga isicelo. Okwenze ezinye izikole zingakutho­li ukudla, uthe bekusagqig­qwa ezinkantol­o abanye bengenelis­ekile ngokukhish­wa kwale thenda.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa