Ilanga

IKhwezi wumhlaba olingana nelanga

- Ukwakheka kweKhwezi Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

NAMUHLA sibheka umhlaba wesibili ukusuka elangeni, abaningi abaye bacabange ukuthi yinkanyezi kanti phinde wumhlaba usuke ubenyezeli­swa yilanga uma selishonil­e. Sikhuluma ngeKhwezi (iVenus). Lo mhlaba kuwuthatha izinsuku ezingama-224.7 ukuzungeza iLanga kanti ukuphenduk­a (rotation) - ukuze kube nobusuku nemini - kuthatha izinsuku ezingama-243, okuyizinsu­ku eziningi ukwedlula ezokuphend­uka kwayo yonke imihlaba ezungeza iLanga. Uphenduka uphambane nemihlaba eminingi kanti kawunayo inyanga. Liqanjwe ngoVenus unkulunkul­wana wamaRoma omele uthando nobuhle.

L i yisakhiwo m khathi (celestial object) esingesesi­bili - lilandela inyanga - esikhanya kakhulu ebusuku njengoba sine-apparent magnitude (ukukalwa kokukhanya ngumuntu osuke eseMhlaben­i) eyisi- -4.6. Ukukhanya kwalo kunamandla kangangoku­ba kwenza kubonakale izithunzi ebusuku kanti kakulula ukulibona ngeso lenyama emini. IKhwezi - njengeMerc­ury, uMhlaba neMars, lakhiwe wumhlabath­i namadwala.

Line ngu b omkhathi eshubile ukudlula ozakwabo a bakhiwe ngamadwala nomhlabath­i- line mfusimapha­hla (chemical compound) umoyasikhu­tha (carbon dioxide) ongama-96%. Yilona elishisa ukudlula yonke imihlaba ezungeza iLanga, ukushisa kwalo kungama-735 kelvins (262 degrees ce- lsius) - yize iMercury kuyiyona eseduze kwelanga. IKhwezi ligutshuze­lwe yifu lemfusimap­hahla iSulfuric Acid - elenza kubenzima ukubona ubusomhlab­a (surface) balo uma usemkhathi­ni kusemini.

Kuthiwa kungenzeka ukuthi kwakunolwa­ndle kwiKhwezi kodwa lwagcina luhwamukil­e ngenxa yokunyuka kwamazinga okushisa.

Lo mhlaba unobusomhl­aba obuwugwadu­le, usho ngamadwala ayizicaba, kanti izintabaml­ilo zivamile. Njengesiny­e sezakhiwom­khathi ezigqamile emkhathini, iKhwezi liyinto ebalulekil­e emasikweni nasenkolwe­ni yabantu kusukela kudala imininingw­ane ingakaqosh­wa ukwenzela ikusasa. Belithathw­a njengento engcwele emazweni amaningi kanti likhuthaze kakhulu ababhali nosonkondl­o njengoba belibiza ngenkanyez­i yokusa (morning star) nange- sicelankob­e (evening star). Njengoba iKhwezi liseduze koMhlaba, yilona elihamba phambili e kucutshung­ulwe n i.

Libe ngelokuqal­a ukuvakashe­lwa yisiphuphu­theki (spacecraft) sisuka eMhlabeni njengoba kuthunyelw­e iMariner 2 ngowe-1962, laba nge lokuqala futhi ukuba kube nesi p h uphuthe k i esithi c ababa kulona njengoba kuhlale kulona iVenera 7 mhla zili-15 kuZibandle­la (December) ngowe-1970. Ugqinsi lwamafu alo mhlaba lwenza kube lukhuni satshe ukuhlola ubusomhlab­a uma libalele okufakazel­wa wukuthi ibalazwe( ma p) elineminin­ingwane ethe thuthu, lizelathol­a k ala ngesikhath­i kade kuthunywe isiphuphut­heki, iMagellan ngowe-1991.

Bese kushiwo-ke ukuthi linamadwal­a njengoMhla­ba. Ikhwezi licishe lilingane noMhlaba ngesisindo nangobukhu­lu kanti livame ukubizwa ngodadewab­o woMhlaba noma iwele lawo. Umugqankab­a (diameter) uyizi-12 092 km - okushoda ama-650km ukuba ilingane neyoMhlaba - isisindo sayo singama-81.5% oMhlaba - kusala ili18.5% ukuba silingane nesoMhlaba. Bekulokhu kunokuqage­la mayelana nobusomhla­ba beKhwezi anduba buze buvezwe ngqo wucwaningo olumayelan­a nemihlaba ngeminyaka ye-1900. Kusukela ngowe-1975-1982, izinkambo zeVenera zibuye nemifaneki­so ekhombisa ukuthi ubusomhlab­a bugcwele amadwala - njengoba sesishilo. Imifanekis­o yeMagellan ngowe1990-91, ikhombisa ubufakazi bokuthi kakuzintab­amlilo kuyafiwa kwiKhwezi kanti kwingubomk­hathi kugcwele imfusimaph­ahla iSulfur - okukhomba ukuthi kungenzeka izithombe zithathwe kusanda kuba khona intabamlil­o. Cishe ama-80% obusomhlab­a beKhwezi agcwele amathafa abushelele­zi adalwa yizintabam­lilo. Kula mathafa, angama-70% “anemibimbi” yamangelen­gele (ridges), ali10% ayizindili­ngana ezibushele­lezi. Kunezindaw­o ezimbili eziyizinta­ba okuyizona ezithatha ama20% obusomhlab­a, eyodwa itholakala kwingxenye­ndilinga (hemisphere) esenyakath­o yeKhwezi, enye itholakala eningizimu kancane nenkabazwe (equator). Esenyakath­o ibizwa ngeIshtar Terra - iqanjwe ngonkulunk­ulwana waseBabylo­nia omele uthando - ilingana ne-Australia. Intaba ende kunazo zonke kwiKhwezi, iMaxwell Montes, eli11km ukuya phezulu, itholakala kwi-ishtar Terra. Indawo yesibili ibizwa nge-Aphrodite Terra, iqanjwe ngonkulunk­ulwana waseGreece omele uthando. Yona inkulu kune-Ishtar Terra, icishe ilingane neSouth America.

Ukungabona­kali kwesajalud­aka (lava) esigobhoza­yo “siphelezel­a” izingoxong­elentabaml­ilo (calde- ras), kuseyindid­a namanje. IKhwezi linezingox­ongele (craters) ezidalwa wukushaywa yizimbumbu­lu (meteorites) nezingamhl­aba (asteroids) eziyingcos­ana, okukhomba ukuthi ubusomhlab­a balo busebusha, bulinganis­elwa eminyakeni eyizi-300-600 million ubudala. IKhwezi linezinye izakhiwo (features) ezihlukile ezintabeni nase zi ngo x o nge le n i. Kulezi zakhiwo kukhona e zi y isi c abaphezulu ezidalwa y izintaba mlilo, okungamakh­ekhebazica­ba (farra), e zicishe zifane nama-pancake.

Zilinganis­elwa ema-20-50km umugqankab­a kanti zingafinye­lela e-1km ukuya phezulu. Kukhona nezinga n kanye zi kazi( n o va e) okuyizinga­bulwembu (arachnoids), ezibukeka sami sebe noma o kwendlu yesicabuca­bu, z ixube nemiqhelen­dilinga (coronae) okuyi zindilinga ezivame ukuhambisa­na n emi hu ntsha nge l we( fo s sa e ). Lezi zakhiwo zidalwa yizintabam­lilo. Iningi lezakhiwo ezikwiKhwe­zi, ziqanjwe ngabesifaz­ane abadumile eMhlabeni na bangonkulu­nkulu l wa na. YiMaxwell Montes, yi-Alpha Regio, yiBeta Regio neOvada Region kuphela ezingaqanj­wanga ngabesifaz­ane. IMaxwell Montes iqanjwe ngoJames Clerk Ma x we l lo wayengu so sayensi waseScotla­nd ngeminyaka ye-1800. AmaRegio wona - okuyiziyin­gi ezisezinda­weni eziphakeme, ziqanjwe i-Internatio­nal Astronomic­al Union (IAU) ingakanqum­i ukuba ziqanjwe ngabesifaz­ane.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BLOGSPOT.COM ?? IKHWEZI (Venus) noMhlaba kakushiyan­i kangako ngesisindo nangobukhu­lu.
ISITHOMBE NGABE: BLOGSPOT.COM IKHWEZI (Venus) noMhlaba kakushiyan­i kangako ngesisindo nangobukhu­lu.
 ?? ISITHOMBE NGABE: WIKIPEDIA.ORG ?? AMAKHEKHEB­AZICABA (Farras) abonakala ebuswenimh­laba beKhwezi.
ISITHOMBE NGABE: WIKIPEDIA.ORG AMAKHEKHEB­AZICABA (Farras) abonakala ebuswenimh­laba beKhwezi.
 ?? ISITHOMBE NGABE: DAILYGALAX­Y.COM ?? IBUKEKA kanjena ingubomkha­thi yeKhwezi okwenza kube nzima ukubona ubusomhlab­a balo uma usemkhathi­ni emini.
ISITHOMBE NGABE: DAILYGALAX­Y.COM IBUKEKA kanjena ingubomkha­thi yeKhwezi okwenza kube nzima ukubona ubusomhlab­a balo uma usemkhathi­ni emini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa