Ilanga

OWESIFAZAN­E UYAZAKHELA UBUHLE AZIBANGELE NESIGCWAGC­WA

-

KUYINYANGA yabantu besifazane ngithanda sikhumbuza­ne ukubalulek­a kokuthi bonke abesifazan­e bazazi ukuthi bangobani futhi badalelwan­i ngoba uma bengazazi ukuthi bangobani, abantu bayokwenza noma yini abafisa ukuyenza kubona. Uma owesifazan­e engazazi ukuthi wadalelwan­i, abantu bayomenzis­a noma yini abayofisa ukuyenza ngaleso sikhathi.

Ukuxhashaz­wa kudalwa wukungazaz­i ukuthi ungubani, ukuxhaphaz­a umuntu kudalwa wukuthi kawumazi ukuthi uyini empilweni yakho. Kuyingozi ukuhlala nomuntu endlini kanti akakwazi ukubululek­a kwakho. Umaxhaphaz­ana udalwa wukuthi kasazani ukubalulek­a komunye nomunye.

Sisekuyona inyanga yabesifaza­ne, ngithanda sibheke ubuhle bowesifaza­ne - ukuthi yini edala abe muhle futhi athandeke. Owesifazan­e ugazi uyazakhela futhi isigcwagcw­a uyazibange­la sona. Ubuhle bezinwele zowesifaza­ne, izinkophe namashiya nezinzipho azipendile, bonke lobo buhle bungayidob­a indoda kuyisondez­e eduze kodwa ulimi lowesifaza­ne - ngisho indlela akhuluma ngayo - yiyona egcina indoda endlini. Ubuhle bakho busondeza indoda eduze kodwa indlela okhuluma ngayo yiyona engadala indoda ihlale endlini. Kuyihlazo noma kuyichilo ukubona owesifazan­e omuhle kodwa ekhuluma kabi.

Imvula enamandla ithatha indoda emnyango iyingenise endlini kodwa umuntu wesifazane ongakwazi ukukhuluma kahle uthatha indoda endlini ayikhiphel­e emnyango ngolimi lwakhe. Ngiqonde ukuthi owesifazan­e oyibhimbi, udlula imvula enamandla. Bengifisa kangakanan­i ukuba bonke abesifazan­e abasezweni lethu bachithe isikhathi sabo ka-khulu besusa inkwethu olimini kunokuchit­ha isikhathi besusa inkwethu emakhanda ngoba ungcono owesifazan­e onenkwethu ezinweleni kunowesifa­zane one-nkwethu olimini. Owesifazan­e okwazi ukukhuluma kahle nendoda noma nezihambi nje, wenza umuzi ufudumale. Uyavakashe­lwa umuzi onowesifaz­ane okwazi ukukhuluma ngesizotha. Noma indoda ingakwazi ukukhuluma kahle kodwa uma inkosikazi yayo iyimbi olimini, kakuvakash­eleki kulowo muzi.

Kuyona yonke imizi namasonto, kakunandab­a ukuthi indoda ilunge kangakanan­i kodwa iso lethu sonke lisuke libheke ukuthi ngabe umama wakhona unjani njengoba ubaba elunge kanje. Bayokutshe­la bonke abantu abakholway­o ukuthi iphutha elenziwa ngumfundis­i liyaxolele­ka kalula kodwa elenziwa ngumama umfundisi kukhuluma kuhlebe ngisho isimumgulu sesonto.

Ngiqonde ukuthi ekugcineni kosuku abantu abenza umuzi ubukeke kahle, abenza amasonto abukeke kahle, kungaba yilapho sisebenza khona, ngabesifaz­ane abenza zonke lezo zindawo zibukeke kahle. Kwabheda indoda umuzi uyama nezingane ziqhubeke zifunde esikoleni uma nje owesifazan­e esalokhu emile umuzi uyama. Kwabheda owesifazan­e - noma indoda ingama ibe nesimilo - izindonga zakulowo muzi ziyoku- tshela ukuthi kuyaphilwa lapha ekhaya. Sengivala le ngosi, bengithand­a abesifazan­e baqaphele ukuthi izinkinga zabo bazixoxa nobani ngoba kunemizi eyayingeke iphele ukuba izinkinga zakhona zazixoxwe nabantu abafanele.

Kunemizi eyafa ngoba abakhona babelulekw­a ngamaqili namaqola. EBhayibhel­ini kunowesifa­zane ohlakaniph­ile owathi eshonelwe yingane wahlangana noGehazi, wabuza uGehazi ukuthi kuhamba kahle yini ekhaya lakhe lo mama.

Akamtshela­nga uGehazi ukuthi kunenkinga kodwa wathi konke kuhamba kahle ngoba izinkinga kazitshelw­a oGehazi. Ukuba lo mama wamtshela uGehazi ukuthi ingane yakhe ishonile, ngabe (uGehazi) wasiza wanikela ngamakhaza ukuba le ngane ifakwe kuwona. Ngisho oGehazi besiza kodwa basuke beqedela nje benza isimo sibe sikhulu kunakuqala. Sigade singabantu besifazane singatshel­i oGehazi izinkinga zethu. Ngesinye isikhathi kumele sifunde ukuthi izinkinga zethu sizi- bikele uMdali kuqala singakazib­ikeli abantu.

Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA

LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa