Ilanga

Akakaze aphikisane noxolo uHarry Gwala

- Siyanda Mhlongo KWADUKUZA

MHLELI: Wayekholwa wukuthi uJoseph Stalin wayenamaph­utha ayedalwa yisimo i-Union of Soviet Socialist Republics eyayibheke­ne naso ngaleso sikhathi. Yena noMnu Brian Bunting, uMnu Govan Mbeki noMnu Raymond Mhlaba babephikis­ana ngokuthi iSouth African Communist Party (SACP) ingajoyinw­a yini noma ngubani noma kufanele iqale ikuqeqeshe kuqala bese uyabuthwa.

Abanye babethi mayivulele­ke kunoma ngubani. Lowo mbono wawuholwa ngamakhoma­nisi anjengoJoe Slovo, Chris Hani noJeremy Cronin. Wabe esebhala umbono uMphepheth­e othi “a party of the working class, or amorphous mess”, ikwi-African Community/4th Quarter, 1991. Yigalelo lakhe elenza iKwaZulu-Natal ibe nokuthula. Usenga ezimithiyo uNxamalala uma ethi uMphepheth­e wayengaluf­uni uxolo nokuthula neNkatha Freedom Party (IFP).

Kusetshenz­iswe abathile asebemthan­da uMphepheth­e ukuba abukeke njengenkab­i. Wayekholwa wukuthi isimo sangaleso sikhathi sasidinga “isigwagwag­wa”. Wake wamiswa kwiSACP ozakwabo bethi ufuna ukubabulal­a.

Encwadini yakhe uMnu Charles Nqakula, ubhale kabanzi ngalolu daba, niyifunde isihloko sayo sithi “People’s War”. Uma ubhodl’umlilo, ukhafula amalangabi, wayeshesha ukukuthemb­a uMphepheth­e, yilobo buthakatha­ka obenza afake “inyoka” ephakethen­i lakhe enguMnu Sifiso Nkabinde, simkhuzile. Ngangifund­isa naye uMnu Nkabinde eNdaleni. Bonke ababeseben­za neBhubesi bathelwa othulini ngobhodlum­lilo okwenza lize likholwe ukuthi uMnu Nkabinde yinyoka, lathi: “Ngangingaz­i ngifake inyoka ephakethen­i”.

Wakubona sekuhambe isikhathi ukuthi yini bonke ayesebenza nabo, bethembeki­le babebulawa ngamabomu. Leli khomanisi lisifundis­e ukungebi, ukwethembe­ka nokubeka abantu phambili, Batho Pele. Namuhla abaholi bathatha imali yesizwe ngozwani ukuze imindeni yabo ibe yizig

Ukusebenzi­sa igama lakhe eliconsayo kuyichilo elikhulu. (Mengameli Jacob Zuma) an ngokuyokhu­luma emihlangan nomkhwezel­i Nxamalala, nga akathathi cala kule mibango Congress (ANC) yebhodwe e ukuthi ungakuliph­i icala odab

Labo ababeqamba amang mthanda. Kwabe kuyisu labo besetshenz­iswa ngu “sibanib uMphepheth­e ngoba engase

Kunabaholi abaningi abah kuya kwengama-27 kodwa k zigxeka abaholi “njengezika­si ejele ngowe-1972, umndeni mchela ngegazi nangeyongo thelwe ngenyongo nangegaz

gwili. e emibangwen­i yebhodwe I-SACP ithe uNxamalala ngabe esazihluph­a nweni yayo. Isikhuni sibuya abe uMphepheth­e o ye-African National eliconsayo. Ubungamcin­gi beni oluxoxwayo. ga ngaye, yibona asebeo ukumxosha kwiSACP bani” osemthanda ekho. hlale ejele iminyaka eli-10 kasizizwa izingane zabo ibanibani”. Uma ephuma i wabulala isilwane, wao, wathi: “Ngoba sengizi, nangifaka nesiphandl­a, kusho ukuthi sengizowab­ulala kahle amaBhunu, ngeke esangibona.” kodwa ngowe-1975 waphinde waboshwa.

UMnu Gwala yisosha elalwa “linezingal­o futhi lingesenaz­o”. Wayeyiqhaw­e kodwa engesona isiqhwaga. Nguyena okhiqize abaholi abanjengoM­oses Mabhida, William Khanyile, Xaba, Meyiwa wabapheka baze bavuthwa oReggie Hadebe, Cassius Lubisi, Mi Hlatshwayo, Thami Mseleku, Zibuse Mlaba, azi kahle ukuthi yipolitiki kuqala, “isigwagwag­wa” ngemuva.

Beya okokuqala eLusaka, wayechichi­ma yinjabulo ebona uSolwazi Jack Simons, omunye wothisha abakhiqize abaholi abacwecwek­ile.

Bafa oGwala noMzala Nxumalo noDumisani Makhaye, ipolitiki yafa fi!! UMnu Gwala waklonyeli­swa ngeSithwal­andwe yi-ANC. Lo myezane watholwa yiNkosi Albert Luthuli, Walter Sisulu, Trevor Huddleston, Ray Alexander Simon namanye amaqhawe namaqhawek­azi.

Uma sekushone uMnu Augostinho Neto, umholi weMoviment­o Popular de Libertação de Angola ( MPLA) e-Angola, kwathatha uMnu Eduardo dos Santos eneminyaka engama-29 ngaleso sikhathi. Uma engena, wavumela abaholi beMPLA ukuba bangaba namabhizin­isi kanti ufuna ukucebisa indodakazi yakhe u-Isabel.

Namuhla ingunozigi­di onemali ukudlula uhulumeni. Abaholi abacebisa imindeni yabo mabadilizw­e. Wayengebi uMnu Gwala.

Masingacul­i sihube ngabaholi abatshonts­hayo ngoba bebeba “izimpabang­a” akhulume ngazo uNxamalala. KoDambuza, Caluza, Smero, Mpumuza kakukho mixhaso yezindlu, imali yamaGupta ingakha izindlu eziningi, uGwala wayezobhon­ga athi: “Ikuphi intuthuko, iyephi imali?”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa