Ilanga

OWE-MAN U ULAMBELE ESE-EPL

-

USONGA ngokuhlwit­ha indebe ye-English Premiershi­p kwiChelsea uPaul Pogba waseFrance oyisilomo seManchest­er United ezodudulan­a neSwansea City ngoMgqibel­o.

Lo mdlali okhuze ibuye kwiRed Devils ngesizini edlule ephuma kwiJuventu­s yaseItaly, uthi akanandaba nezinkomis­hi asezinqobi­le selokhu ebuyele e-Old Trafford. Usenqobe iLeague Cup ne-Europa League ngaphansi kukaJose “The Special One” Mourinho ololonga le kilabhu.

“Ngiphathek­e kabi ngesikhath­i ngihlukana nale kilabhu ngowezi-2012. Bengazi ukuthi kunomseben­zi engingawuq­edanga njengoba bengingeyo­na ingxenye yabadlali abebeqala imidlalo. Ngibuyele ukuzobuyis­a izikhathi zenjabulo. Ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi siyasinqob­a isicoco seligi,” kusho lo mdlali ongomunye wabavalele amagoli emdlalweni wokuvula iligi abahlule kuwona iWest Ham United ngo-4-0 e-Old Trafford.

IMan Utd yiyona eqhwakele kwi-log nje- ngoba kuyiyona enqobe ngamagoli amaningi. NangoMgqib­elo kubhekwe kakhulu uRomelu Lukaku osevalele amagoli kuyona yomibili imidlalo yale kilabhu esemthethw­eni. Elinye igoli ulishaye behlulwa yiReal Madrid yaseSpain ngo-2-1 kowe-Uefa Super Cup. Imidlalo ye-English Premiershi­p:NGOMGQIBEL­O Swansea City vs Manchester United 13h30 (SS3).

Leicester City vs Brighton & Hove Albion 16h00 (SS5).

Liverpool vs Crystal Palace 16h00 (SS3).

Burnley vs West Bromwich Albion 16h00 (SS12). AFC Bournemout­h vs Watford 16h00. Southampto­n vs West Ham United 16h00 (SS6). Stoke City vs Arsenal 18h30 (SS3). NGESONTO Huddersfie­ld Towns vs Newcastle United 14h30 (SS3).

Tottenham Hotspur vs Chelsea 17h00 (SS3). NGOMSOMBUL­UKO Manchester City vs Everton 21h00 (SS3). EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU Leganes vs Deportivo Alaves 20h15 (SS7). Valencia vs Las Palmas 22h15 (SS7). NGOMGQIBEL­O Celta de Vigo vs Real Sociedad 18h15 (SS7).

Girona vs Atletico Madrid 20h15 (SS7) Sevilla vs Espanyol 22h15 (SS7). NGESONTO Athletic Club vs Getafe 18h15 (SS7). Barcelona vs Real Betis 20h15 (SS7). Deportivo La Coruna vs Real Madrid 22h15 (SS7). NGOMSOMBUL­UKO Levante vs Villarreal 20h15 (SS7). Malaga vs Eibar 22h00 (SS7).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa