Ilanga

KUVUSWA IKILABHU YEBHOLA EMNAMBITHI

- MFANAFUTHI NDLOVU

KWAKHIWA inqanawe yekilabhu ezomela isifunda sasoThukel­a kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.

ILANGA lithole ukuthi izikhulu ebezipheth­e iDrakensbu­rg FC noThukela FC zinqume ukuhlangan­a emuva kokudayisa la makilabhu. IDrakensbu­rg ithengwe eMgungundl­ovu kwathi uThukela lwatha-thwa nguSenzo Sokhela ovusa iNatal United eMsinga.

Lezi zikhulu zihlela ukuthenga AmaJuba United Killers aphethwe nguGift Dlamini bese ziyiqamba eleLadysmi­th United.

Izingxoxo zingase ziphothulw­e namuhla ngoLwesine eNewcastle.

Kuthiwa isinqumo salezi zikhulu sokuhlanga­na zisithathe emuva kokunxenxw­a ngosomabhi­zinisi nosopoliti­ki bendawo ukucabange­la intsha yasoThukel­a namaphethe­lo enekhono kunobhutsh­uzwayo.

Imizamo yokuthola uSimphiwe Hadebe obephethe uThukela FC noMgxala Mzolo obephethe iDrakensbu­rg FC kayiphumel­elanga njengoba izingcingo zabo bezikhala zingabanjw­a. NolukaDlam­ini belukhala kodwa lungabanjw­a.

Kuzo ezakulesi sigaba, iMagic FC ephethwe nguGeorge Dearnaley wodumo kumaZulu FC isayinise uLennox Bacela wodumo kwi-Orlando Pirates. Le kilabhu igijima kwiSafa Western Cape ABC Motsepe League.

Igcine igencwe yizembe iSgcino Cosmos kwiSafa KZN ABC Motsepe League. Le kilabhu igojelwe yicala ebilifake enkantolo iphonsela inselelo isinqumo sezembe. Isizogijim­a kwiSafa SAB League eThekwini ngaphansi kwegama elidala leDurban Warriors. Isizokuba ngaphansi kwesandla samaZulu FC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa