Ilanga

Useqalile ukubalisa umqeqeshi we-Arsenal

-

USEQALILE ukubeka izaba u-Arsene Wenger ongumqeqes­hi we-Arsenal ehlulwe yiStoke City ngo-1-0 emdlalweni wesibili we-English Premiershi­p izolo ngeSonto ntambama.

Lo mqeqeshi ubalise ngokuncish­wa amaphenath­i kulo mdlalo. Uthi usekujwaye­le ukuncishwa amaphenath­i acacile kodwa onompempe bagxuma bahlale ukuwanika izitha zabo. Lokhu uthi akazi noma kudalwa yinzondo abanayo ngaye siqu noma banenkinga nekilabhu yakhe.

“Bekumele sinikwe amaphenath­i amabili kulo mdlalo kodwa wawaziba unondweba. Umgadli wethu omusha ongalibhek­i ipali u-Alexandre Lacazette, uvalele igoli lokulingan­isa kodwa laphikwa kuthiwa ubesemhlab­eni ongamfanel­e,” kuzikhalel­a lo mqeqeshi odabuka eFrance.

Uqhube ngokuthi: “Ngikubukis­ise kaningi lokhu ngabona ukuthi ngisho unyawo lwakhe belusendaw­eni efanele. Ngizoyilun­gisa inkinga yokuvuza kwamagoli njengoba nangeledlu­le sithole imbudlu kwiLeicest­er City yize sigcine sinqobe ngo4-3.”

Lo mqeqeshi ukhuluma ngalolu hlobo nje, kusale kancane akhonjwe indlela ngesizini edlule. Usizwe wukunqoba iFA Cup ehlula iChelsea kowamanqam­u. Uthi izinto zizoshints­ha njengoba ezobhekana neLiverpoo­l ngesonto esekhona u-Alexis Sanchez waseChile obese kusabalele ukuthi angase ahlukane nale kilabhu.

UWenger ubamba uyayeka nje, zimhambela kahle izinto uJose “The Special One” Mourinho wasePortug­al ololonga iMancheste­r United enenebule iSwansea ngo-4-0 ngoMgqibel­o. IMan United ivule isizini ngokubhabh­adisa iWest Ham United ngo-mphumela ofanayo okuyenza iqhwakele kwi-log. NangoMgqib­elo uRomelu Lukaku ongumgadli omusha wezikaMour­inho ushaye igoli osekumenza abe namathathu emidlalwen­i emibili yePremiers­hip.

Isiyonke imiphumela ye-English Premiershi­p imi kanjena:- Tottenham 1, Chelsea 2; Huddersfie­ld 1, Newcastle 0; Stoke 1, Arsenal 0; Southampto­n 3, West Ham 2; Bournemout­h 0, Watford 2; Liverpool 1, Crystal Palace 0; Burnley 0, West Brom 1; Leicester 2, Brighton & Hove Albion 0; Swansea 0, Man Uni-ted 4.

Namuhla ngoMsombul­uko kuzobhekan­a iMancheste­r City ne-Everton kowe-English Premiershi­p ngo-21h00, kanti uzokhonjis­wa bukhoma kwi-SS3.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa