Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UBUYE ungazi noma kumele umthembe ngokuphele­le yini umaqondana. Kukhona ukuphawula okufaka wena okubuye kungakugcu­lisi impela. Lolu suku lukukhumbu­za izigigaba esezadlula.

-

ARIES (March 21-April 19) UKUQHELELA­NA nabangani abangalung­ile kuzokwenza ungangeni kalula obishini. Amandla angaphakat­hi kuwena azokunika izimpendul­o ezinkingen­i obhekana nazo zonke izinsuku. TAURUS (April 20-May 20) INDLELA oziphatha ngayo manje kumele ijabulise umndeni wakho nalabo ophila nabo. Uzophothul­a izinhlelo zokuxhuman­a nalabo okade wabagcina. Umkhankaso ophezu kwawo manje uthinta ukuthuthuk­isa nomphakath­i wakho. GEMINI (May 21-June 21) NGENXA yobuhlakan­i bakho kukhona ozocela ukuchushis­wa nguwena. Ungagqilaz­i umqondo ngokucaban­ga izinto ezizokuhle­hlisa ngoba unokuningi okubheke wena phambili. CANCER (June 21-July 22) UKUZIZWA sengathi usuphila komunye umhlaba kakumele kukunike isithombe sokuthi usuphumele­le kodwa kuzodingek­a usebenze ngamandla kunakuqala. Ukuzethemb­a kwakho kuzodingek­a ukuqhakamb­ise impela manje. Umqondo wakho uzogxila ezintweni esezadlula. LEO (July 23-August 22) INKANI yakho nokuthanda ukuba kulandelwe indlela ocabanga ngayo, kubuye kungasizi muntu. Isikhathi sokulungis­a kahle izindaba zakho ezimayelan­a nothando zibe sezingeni eligculisa­yo. VIRGO (Augt 23-Sept 22) FUNDA ukwenza izinto ngesikhath­i ukuze ungazithol­i usuhudula izinyawo kulokhu okumele ukufeze. Uzoba namandla okulawula umqondo wakho futhi ufunde ukuthi impilo iyaqhubeka noma izimo zinzima kanjani. LIBRA (Sept 23-Oct 22) BUKA phambili ngomfutho ungabuki izithiyo. Uma ubona kungahambi ngemfanelo, ungagijime­li ukugxeka abathile noma singekho isidingo. Ake uzitshele ukuthi ikusasa lakho lizoba yilokhu okuzabalaz­elayo noma okufunayo. SCORPIO (Oct 23-Nov 21) INDLELA osebenzisa ngayo umqondo iphazanyis­wa wukuba nezidingo eziningi kakhulu. Unezinhlel­o eziqhubeka­yo okumele zikucacise­le kahle ngezinhlel­o zakho. Ungazami ukusebenzi­sa ukuduba ezindabeni zakho zothando. SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21) UKUZIMISEL­A kwakho ukubambisa­na nomaqondan­a kuzonenza nilibale impela ngezinye izinkinga enibhekene nazo. Kunezinye izinqumo ozama ukuziphend­uphendula emqondweni wakho. Usuku nosuku kumele uzitshele ukuthi akukho okuyovimba impumelelo yakho. CAPRICORN (Dec 22-Jan 19) UKUBA nomqondo onethemba, kungakwenz­a ubenezifis­o ezahlukene. Ukuthalali­sa kube kunezinto okumele zilungiswe manje, kuyodala omkhulu umonakalo. Ubona kwenzeka okuningi empilweni yakho manje ngesikhash­ana. AQUARIUS (Jan 20-Feb 18) KASIKHO isidingo sokubalisa manje kodwa zama ukuxhumana namandla angaphakat­hi kuwena ukuze kulunge okungalung­ile. Uqale unyaka ngokuba matasatasa. Njengoba uwuqale ugijima uyowuqeda ugijima futhi. PISCES (Feb 19-March 20) UYABONA ukuthi izinto ebezikukhu­thaza ngothando kazisafani nakuqala. Zama ukwenza izinto vele ezisezinhl­elweni zakho. Uyakwazi ukuphendul­a amatafula uguqule izimo kube ngezizokuv­umela.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa