I-DA ilufakela izibuko olokumoswa kwemali
Bafuna kubekhona ozojeziswa ngalokhu
LIXHUMANA nabezomthetho iqembu eliphikisayo kuMasipala weTheku, iDemocratic Alliance (DA), mayelana nodaba oluthinta ukumosheka kwemali yabakhokhi bentela okwenzeke ngesikhathi kubhuntsha ngemizuzu yokugcina ingqungquthela ebizwa ngeSocial Cohesion.
Le ngqungquthela bekumele ibe seCoastlands Hotel, eMhlanga, enyakatho yeTheku mhla zili-19-20 kuNhlangulana (June) kophezulu. Ukubhuntsha kwayo kuholele ekubeni uMasipala weTheku umise uMnu Thembinkosi Ngcobo oyinhloko yomnyango wezamapaki, ezobuciko namasiko nezokungcebeleka. Lo mnyango kuthiwa yiwona obuhlela iSocial Cohesion ebiqhutshwa yilo masipala. NgoMsombuluko uMnu Ngcobo ubuyiselwe emsebenzini wakhe ngemuva kokumiswa isikhathi esingangenyanga.
Kuvele ukuthi umasipala yiwona okuhoxisile ukumiswa kwakhe wabe usuyalelwa yinkantolo ukuba ukhokhe zonke izindleko ezithinta leli cala.
Ekhuluma izolo ngoLwesithathu esigcawini sabezindaba ebesisemahhovisi eDA, eSpringfield, eThekwini umholi waleli qembu KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, uthe umbuzo usamile ekutheni ngubani okumele ajeze ngokumosheka kwemali okwenzeke kubhuntsha iSocial Cohesion.
“Mangicacise ukuthi kasisondelene noMnu Ngcobo kodwa sakusho esanda kumiswa ukuthi kuyiphutha, uphendulwa imvu yomhlatshelo, bakhona okumele bachaze ngokwenzekile. Kuyacaca ukuthi kube nokugxambukela kwezepolitiki kulolu daba - okuthinta isiyingi se-African National Congress (ANC) eThekwini neMeya yeTheku (uNkk Zandile Gumede)," kusho uMnu Mncwango.
Uthi basaxhumana nethimba labo lezomthetho ukuze libachushise ngezinyathelo okumele bazithathe ngalolu daba. “Nakanjani kumele abe khona ozojeza ngokumosheka kwemali ngento ebingagwemeka,” kusho uMnu Mncwango ngesikhathi echaza ngesimo salo masipala ngemuva kwezinsuku ezingama-365 kuphethe uNkk Gumede.
Uthi kuningi abangagculisekile ngakho okwenzeka kuleli dolobha. “Sikhathazekile ngokugodlwa kwemibiko ebalulekile yomcwaningi-mabhuku. Le mibiko iqukethe okubalulekile okungasiza ukulungisa isimo esibhekene nomasipala.
"Sizosebenzisa zonke izinhlaka esinazo ukuqinisekisa ukuthi le mibiko iyadedelwa. Uma kudinga ukuba size sifinyelele enkantolo, sizokwenza kanjalo. Yingakho sixhumana nabezomthetho ukuze basichushise ngemigudu okumele siyilandele,” kusho uMnu Mncwango.
UMnu Mthunzi Gumede okhulumela uNkk Gumede, uthe imeya ilinde umbiko ogcwele mayelana nodaba lukaMnu Ngcobo ngaphambi kokuba kube nezinyathelo ezithathayo.
Mayelana nokuthi lusazoqhubeka yini uphenyo lokumosheka kwemali ngale ngqungquthela, uthe konke kuzovela embikweni ozotholwa yimeya.