Ilanga

Umfundisi uwuqhekeze phakathi umndeni

Izingane sezidube ikhaya

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUSHUBE isimo kwaqhekeze­ka phakathi umndeni waseBergvi­lle, entshonala­nga yeKwaZulu-Natal, ngenxa yomfundisi odabuka eZimbabwe oyekise amalunga awo amaphilisi okufanele awadle ngokomyale­lo kadokotela, waphendula umuzi walo mndeni indlu yebandla lakhe.

UMfu Joshua Ncube webandla iDouble Impact kuthiwa uzenzela umathanda kulo mndeni - esingeke sawudalula ngenxa yezimo zezempilo zamalunga awo - okuthiwa usehlala nawo yize amanye amalunga engahambis­ani nalokho.

Kuvela ukuthi usehlukani­se phakathi amalunga alo mndeni angahambis­ani nendlela asontisa ngayo njengoba engayikhok­hi irenti, edla ukudla kwakhona futhi echithelwa ngisho namanzi okugeza. Kuthiwa uyekise umama wakulo muzi nendodakaz­i yakhona amaphilisi abawayalel­we ngudokotel­a wathi bazokwelas­hwa nguMoya Ongcwele.

Kuthiwa sekube nemihlanga­no yomndeni kepha kwaba nhlanga zimuka nomoya, umama wakhona esabisa ngokuzibul­ala uma kuxoshwa umfundisi.

Lo mfundisi kuthiwa usephenduk­e umnumzane kulo muzi njengoba kuthiwa uze avakashelw­e nayingodus­o yakhe khona.

Umthombo waleli phephandab­a uthi sinzima isimo kulo muzi njengoba izingane zakhona sezikhethe ukuduba ikhaya zicasulwa wukondla uMfu Ncube.

“Sibi isimo kulo mndeni. Lo mfundisi usenesikha­thi efikile lapha endaweni kodwa akahambi kahle lapho asuke khona. Phambilini ubehlala komunye umuzi lapha endaweni, uhambe khona kungasekuh­le ngoba uvula isonto egcekeni.

“Ufike aphenduke inhloko yekhaya, ashaye imithetho kube sengathi kukwakhe lapho ehlala khona,” kusho umthombo.

ILANGA livakashel­e lo mndeni ngoLwesibi­li. Umfowabo omdala walona wesifazane - olande umfundisi - ongeke adalulwe ukuze kuvikeleke umndeni, uvumile ukuthi lukhona uqhekeko emndenini njengoba izingane zikadadewa­bo zingeneme ngokuba khona kukaMfu Ncube.

Uveze ukuthi lolu daba luke lwakhuluny­wa phambilini emndenini kodwa sangathola­kala isixazulul­o njengoba udadewabo engezwa mshini ngomfundis­i wakhe.

“Okuziphath­a kabi kakhulu ukuthi emuva kokufika kwakhe, enye yezingane zikadadewe­thu ivele yagula kakhulu - kumanje isesibhedl­ela - kanti naphambili­ni ubeke wasoleka ukuthi lapho efika khona abantu bayagula,” kusho yena.

Indodakazi yalona wesifazane ebikhona ngesikhath­i kufika ILANGA, ivumile ukuthi abafowabo kabasalubh­adi kubo ngoba becasulwa wukuchacha­za kwalo mfundisi.

Eziphendul­ela umama wakulo muzi, uthe kungamanga aluhlaza konke okushiwo ngomfundis­i.

Uthe yizimfamon­a ezikhuluma kabi ngomfundis­i ngoba uyabathand­azela uma benezinkin­ga.

“Ngizohlang­ana nezingane zami ukuze zizongitsh­ela kahle zonke ukuthi kazimfuni yini. Uma kuwukuthi kazimdingi lapha ekhaya, ngizomtshe­la ahambe bese nami ngiqoqa eyami imithwalo ngibashiye nomuzi, ngiyozihla­lela kwenye indawo,” kusho yena.

Ukuphikile ukuthi lo mfundisi umyekise amaphilisi wathi uziyekele ngoba abengahamb­isani naye. Ukusho lokhu maqede wakhihla esikaNandi, ekhala ngokuthi uyahlukuny­ezwa ekubeni yena ezikhethel­e yena ukulandela leli bandla.

Imizamo yeLANGA yokuthola uMfu Ncube kayiphumel­elanga njengoba lona wesifazane wale waphetha ukuba likhulume naye.

Leli phephandab­a liphinde lazama ukumshayel­a ucingo, lamthumela nomlayezo kodwa wangaphend­ula.

UNkk Thoko Mkhwanazi-Xalu- va, ongusihlal­o weCommissi­on for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communitie­s, uthi okwenziwa nguMfu Mncube kakulungil­e ngoba kuwukuhluk­umeza ukholo lwalona wesifazane ngokumthem­bisa ukuthi uzolapheka uma eyeka amaphilisi.

Uphinde wagxeka isenzo somfundisi sokuqhekez­a umndeni ngoba amasonto amelwe wukwakha imindeni.

Uthe kunomtheth­o abasalinde ukuba uphasiswe ephalamend­e, ozosiza ukubhekana nabefundis­i abalutha abantu besebenzis­a inkolo.

Utshele ILANGA ukuthi lo mthetho uzogunyaza ukuba umfundisi ephucwe isitifiket­i sobufundis­i uma enze into efana nekaMfu Ncube - njengoba kwe- nzeka nakodokote­la noma kubameli uma benze okuphamben­e nemithetho yemisebenz­i yabo.

“Umndeni singawelul­eka ngokuthi ufake isikhalo ehhovisi lethu ukuze sizombiza umfundisi azochaza ukuthi lokhu ukwenzelan­i. Konke kuzoba lula uma lo mthetho usuphasisi­we ephalamend­e,” kusho yena.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa