Ilanga

Udinwe washisa umuzi nogogo elele

Ufice intombi ineshende

- NOMFUNDO NGWANE

KUSUKE isidumo ngoMsombul­uko owesilisa (30) wakwesaKwa­Mthethwa, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluN­atal ebamba isinqandam­athe sakhe sisocansin­i nelinye isoka wathukuthe­la wangqongqi­sa ngomlilo imizi emibili yakubo kwentombi kulele isalukazi sakhona esineminya­ka engama-91 ubudala kwenye indlu.

ILANGA lithole ukuthi leli soka, esiligodli­le igama lalo lize livele enkantolo, libambe uNkz Zandile Mthethwa (27) nesoka elisha khona kwaMthethw­a lathukuthe­la lathe-lwa ngamanzi qede lahamba layo-funa uphethilol­i lashisa imizi.

Kuthiwa isoka lenza lokhu nje, yingoba lesatshisw­e yileli elisha ngokuthi lizolidubu­la uma like lazama ukushaya uNkz Mthethwa. Kuthiwa uNkk Qinisile Mthethwa (91) obelele endlini yakhe ngesikhath­i isoka lithungela umuzi ngomlilo, usinde ngeNkosi.

Kumanje uNkk Mthethwa ufihle ikhanda ezihlontsh­eni zakhe ngenxa yokuthi kusele izindonga kwakhe.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a ngelinye ilunga lomndeni elicele ukuba siligodle igama lalo, isoka liphinde labuya okwesibili sekuntamba­ma seliyoshis­a omunye umuzi okuyiwona uNkk Mthethwa abesesele nawo, ezitshela ukuthi uzolala kuwona.

“Ngemuva kwale sigameko, ugogo uqulekile waphuthuny­iswa emtholampi­lo oseduze, okuyilapho ephaphamel­e khona.

“Okusidina kakhulu kuyona yonke le nto, lo mzukulwana okushiswe umuzi ngenxa yakhe, akasebenzi uwumthwalo kagogo, uphila ngemali yempesheni kagogo njengoba esefake ugogo kwezinye izindleko zokuthi aqale phansi akhe umuzi,” kusho leli lunga lomndeni.

“Uhlukumeze­ke kakhulu ugogo ngento emehlele ngenxa yokungazip­hathi kahle komzukulwa­na wakhe. Sibonga ukuthi uphume ephila kule ndlu njengoba leli soka liyishise ephakathi,” kusho ilunga lomndeni.

“Sifisa sengathi ugogo ubengasiza­kala ngokuthola indlu yo- mxhaso njengoba wayevele ewubhalise­le kodwa wagcina engawuthol­anga. Siyacela ukuthi izikhulu zingenelel­e kulolu daba ugogo esaphila, kungaze kufike isikhathi sokuba ahambe emhlabeni umuzi wakhe ungalungis­ekanga,” kusho leli lunga.

UNkz Mthethwa ozivumele ngowakhe ukuthi ubanjwe yisoka lakhe elidala labe seliyathuk­uthela lashisa imizi yakubo, uthe:

"Kufike u... (emgagula) ngihleli nesoka lami elisha endlini ekhaya, sizijabule­la umnyango ubungavali­we ngabona ngaye esegulukud­ela.

"Wumkhuba wakhe lo wokuba azifikele ekhaya enganganga­zisanga, uthole into abengayili­ndele" kusho yena. Uthi leli soka elishise umuzi ubudlelwan­o babo bebungasah­ambi kahle ngoba esethole elisha.

Okhulumela amaphoyisa aseMpangen­i, uCapt Mbongeni Mdlalose, uthe kuboshwe owesilisa ngecala lokucekela phansi impahla. Uthi umsolwa kulindelek­e ukuba avele namhlanje eNkantolo yeMantshi yaseMthunz­ini ngecala abhekene nalo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa