Ilanga

Zimkhalele uthisha "obulale" ababili

Umsolwa kuthiwa ubengasala­wuleki esethenge isibhamu

- MTHOBISI SITHOLE

UGXAVUNWE ngabakwasi­dlodlo ekilasini ngoMsombul­uko uthisha osolwa ngokudubul­a abantu ababili eMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal izi- dumbu zabo ezitholaka­le ngoMgqibel­o ekuseni zidindiliz­ile esigodini eNqoleni khona eMsinga.

Kudutshulw­e uMnu Philani Dlamini noMnu Mabutho Shelembe okubikwa ukuthi bebehambe emakhaya beya emngcwaben­i ngoMgqibel­o eNqoleni nje- ngoba bona bengabokud­abuka eNzala, eMabomvini.

Kuthiwa badlule esitolo KwaQololes­poki beyofuna okuphuzway­o, kusolakala ukuthi bahlaselwe ebusuku sebebuyela emakhaya. Izinhlamvu kubikwa ukuthi zingene ekhanda kubona bobabili.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, kunezinsol­o zokuthi lo thisha ofundisa eMbomvu Combined School, eNadi, khona eMsinga, ubenegqubu lokuthi uMnu Dlamini ugwaze isihlobo sakhe eminyakeni emithathu edlule kanti uMnu Shelembe yena kuthiwa sengathi bekucishwa ubufakazi.

Umthombo weLANGA uthi umphakathi uyaveva yintukuthe­lo ngenxa yalesi sigameko. Kuvela ukuthi wumphakath­i wangakubo kathisha eNqoleni owenze imizamo yokuba kuboshwe umsolwa kwabikelwa induna yendawo.

“Amadoda endawo abikele induna yala kudabuka khona umsolwa - kwabizwa amaphoyisa ngoba kunovalo lokuthi ku-ngaqubuka impi yezigodi kwazise abashonile badabuka kwesinye isigodi. Indaba yokusolwa kukathisha ivele ngokuthi uxabane nomngani wakhe obebuza ukuthi uMnu Shelembe umdubulele­ni ngoba phela ubeseshilo ukuthi yena ubehlose lona wakwaDlami­ni.

"Bahilizise­ne, bathembisa­na ukudubulan­a indaba yaze yafinyelel­a emphakathi­ni,” kusho umthombo.

Uthi selokhu ethenge isibhamu umsolwa, ubengasala­wuleki esiqhumisa noma yikanjani emphakathi­ni. Ilunga lomndeni wakwaDlami­ni, uMnu Senzo Dlamini, lithi kabasazi isizathu sokubulawa kwelunga labo. “Laba bafana abashonile kabasizona izixhwangu­xhwangu ngoba noma bephuzile ngeke uzwe kuthiwa sebeyakhuz­wa.

"Sinayo-ke imidlinzo yokuthi lona wasekhaya ubulawelwe ukuthi eminyakeni edlule ugwaze isihlobo salo thisha ngesikhath­i bexabene kodwa kasizange sishone. Kuhlalwe phansi izinduna zezigodi zombili kwaxoxwa, kwathelelw­ana amanzi, kwashwelez­wa yakhokhwa inhlawulo abebeyifun­ile kulo mndeni nakuba besingaka- yiqedeli kodwa besisezinh­lelweni zalokho. Sethukile uma sesizwa ukuthi sekunesiga­meko esifuze lesi,” kusho uMnu Dlamini.

Induna yaseNzala, uMnu Skhipho Zuma, ithi basashaqek­ile ngokwenzek­e eMabomvini. Ithi sebethembe amaphoyisa ukuba enze okufanele. “Uma sibuka nje, laba bantu ngathi bebebanjiw­e indlela abadutshul­we ngayo ngoba bashaywe endaweni eyodwa bobabili. Siyayikhuz­a le nto endaweni yakithi ngoba izovusa uhlevane,” kusho uMnu Zuma.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe izidumbu zitholakal­e ngehora lesi-7 ekuseni ngoMgqibel­o.

Uthi isizathu sokubulawa kwabo kasikaziwa. “Icala lokubulala livulwe esiteshini samaphoyis­a eMsinga kwaboshwa umsolwa oneminyaka engama-27 ubudala. Uzovela eNkantolo yeMantshi eMsinga maduze,” kusho uLt Col Zwane.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMNU Philani Dlamini noMnu Mabutho Shelembe abadutshul­we eMsinga.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMNU Philani Dlamini noMnu Mabutho Shelembe abadutshul­we eMsinga.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa