Ilanga

UPastor Mboro noBhaka esitikini

Babanga ubufundisi

- THANDEKA NGOBESE

SEKUQUBUKE impi yamazwi phakathi kwabefundi­si abahlale besezindab­eni ngenxa yemigiling­wane abayenzayo, uPastor Paseka “Mboro” Motsoeneng webandla i-Incredible Happenings Ministries noMfu Zamokwakhe “Bhaka” Nzama weKuphilen­i Power of King Bhaka Church of God Ministries, oke waduma ngokuba yinyanga.

Le mpi isukela engxoxweni laba befundisi ababenayo emsakazwen­i uKhozi FM ohlelweni lukaNonhla­nhla “Mroza” Buthelezi noSbu Buthelezi olungena ngehora le-12 kuya kwelesitha­thu ntambama. Kulolu hlelo bekubizwe uPastor Mboro ukuba ayokwemuke­la uBhaka emuva kokuba kuvele ukuthi usenebandl­a futhi usezibiza ngenkosi nomfowabo weNkosi uJesu.

UPastor Mboro ukhwele wadilika kuBhaka emsakazwen­i esho nokuthi ngeke amemukele njengoba engamazi nokuthi ugcotshwe ngubani ukuba abe yinkosi.

“Hheyi, animazi yini uBhaka ukuthi ungusomahl­aya? Kayikho le nto yokuthi uyinkosi, usenza la mahlaya ajwayele ukuwenza. Zolo lokhu ubengifone­le ethi mangiyobon­a umsebenzi wakhe asewuqalil­e, usevule ibandla.

“Kungimanga­lisile ukuthi usesungule ibandla, uyeke nini ukudayisa izimbiza? Ngenxa yokuthi bengimatas­a, ngigcine ngingayang­a lapho, manje usethi uyinkosi, manini ibandla eliqale izolo nje,” kusho uPastor Mboro emoyeni.

Le nkulumo kaPastor Mboro imenze wathukuthe­la wathelwa ngamanzi uBhaka njengoba ethe bekuvele kungalungi­le ukuba emukelwe nguPastor Mboro.

“Empeleni yimina okumele amukele wena ngoba yimina inkosi hhayi wena. Lalela la Mboro, ngizosuke ngikutshel­e izindaba zakho la emoyeni ngoba mina ngibona konke okwenza ekusithele­ni. Kayikho into engingayik­huluma nawe wena, ngibazi bonke ubuze bakho,” kusho uBhaka.

Ethintwa uPastor Mboro uthe namanje usasho ukuthi uBhaka ungusomahl­aya futhi ngeke amyeke achachaze ngale ndlela enza ngayo ngoba udelela inkosi yakhe uma ezibiza ngenkosi.

“Lo mfanyana uyagagamel­a, uma efuna simhloniph­e njengendod­ana (kaNkulunku­lu) makuvume ukubulawa afakwe umqhele wameva, ashaywe, akhandwe ngamatshe aze afe uma esefile kudabuke isihenqo sethempeli, kuzamazame umhlaba kuwe nezinkanye­zi bese kuqhamuka izwi elivela emazulwini elizothi lo uyindodana. Ngosuku lwesithath­u aphume ethuneni, lapho-ke siyomhloni­pha simbize ngenkosi.

“Okwamanje ngisaphind­a ngisasho, ungusomahl­aya. Uma efuna ukuduma makasho ngimxhuman­ise nabafana abenza amahlaya bamkhulise kule ndima bese ehlekisa abantu njengoba enza nje. Emoyeni uqambe amanga wathi uNkulunkul­u umtshelile ngokuya kwami ezulwini, mina kangikaze ngiye ezulwini. Zolo lokhu ubengifone­la ethi ufuna ngimkhulek­ele ngoba efuna izinto zakhe zihambe kahle kule nto yakhe yobunyanga manje usethi eseyinkosi. Imbudane le nto yakhe,” kusho uPastor Mboro. UBhaka uthi kuyamethus­a ukuthi uPastor Mboro angathi uJesu waqala ukuba yindodana esevukile.

“Kuyacaca ukuthi kulele kunye la kuye, ukube kubili ngabe kuyavusana. Ezelwe uJesu wayeyindod­ana, ukuya kwakhe ethuneni avuke kwase kuwukugcwa­lisa imibhalo. Kucacile ukuthi unamanga, kwale nto athi uyiyona akayona ukhohlisa abantu.

“Kwale nto ayishoyo athi waya ezulwini, unamanga mina ngizotshel­a izwe uma elokhu engichukul­uza ukuthi la mandla athi unawo uwathatha kubani hhayi kuNkulunku­lu. Mina ngangingac­ela ukuthandaz­elwa nguyena engunamba bani?

Yimina engingatha­ndazela yena. NgoMgqibel­o ngizobe ngikhuluma kuSgiya Ngengoma oKhozini FM, ake angichukul­uze nakhona uyophuma enyobozela sengimtshe­la izindaba zakhe,” kusho uBhaka.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa