CAREERS CORNER:
AYISEKHO into eyimfihlo ebantwini abaningi kulezi zinsuku njengoba konke abakwenzayo sekugcwala ezinkundleni zokuxhumana. Abanye ngenxa yengcindezi yozakwabo noma abangani babo baze baphile nempilo engamanga kulezi zinkundla.
Baveza impilo ewubukhazikhazi kanti ngokweqiniso bazixakekele nje. Ukuba nedumela kwalezi zinkundla zokuxhumana kwenza nezinkampani zizisebenzise ukuzimaketha noma ukuthola kabanzi ngesisebenzi esisuke sifaka isicelo somsebenzi.
Ngakho kubalulekile ukuba uma usebenza noma usafuna umsebenzi uqinisekise ukuthi uyazihlonipha kulezi zinkundla ngoba zingaba nomthelela ekusaseni lakho. Ungoti wezokuqeqesha ngokuziphatha kwabantu emsebenzini uPat Robert uthi izinkundla zokuxhumana zidlala indima enkulu ekukuvezeni kwibalazwe lomhlaba.
“Ukubaluleka kokukuthola ezinkundleni zokuxhumana kwenza abantu babe nolwazi olunzulu ngawe. Lokhu kuhle futhi kubi kwesinye isikhathi,” esho. Unanela ngokuthi izinkundla zokuxhumana ezifana neLinkendIn, Facebook, Instagram, Twitter noma ama- blog kungakuhle uzisebenzise ngendlela engakuthuthukisa ikakhulukazi ngomsebenzi owenzayo, noma ama- skill onawo.
“Lokhu kungakwandisela amathuba okuthola amadlelo aluhlaza kwezinye izinkampani kanti uma ungasebenzi ungakwazi nokuzimaketha kuzona,” enaba. Kubalulekile ukuba ufake izinto eziphusile futhi ezizokuveza njengomuntu okwaziyo ukucabanga futhi ongagagameli ukuphawula ezihlokweni ongenalo ulwazi olunzulu ngazo. Kumele uqonde abantu onabo kulezo zinkundla futhi wazi ukuthi yini abanentshisekelo yayo.
Faka izinto ezizobenza babe nentshisekelo ngawe ukuze bahlale bekulangazelele ngokulandelayo ozokufaka kulezo zinkundla. Gwema ukufaka izinto ezizokwenza abanye ezinkundleni zokuxhumana banengeke noma bahlukumezeke.
Uma ungumuntu onamancoko qinisekisa ukuthi awachukuluzi futhi awathunazi isithunzi somunye umuntu. Gwema ukusebenzisa ulimi oluqosheme okuhlanganisa nenhlamba kulezi zinkundla. Qinisekisa ngakho konke okusemandleni akho ukuthi kawuzifaki izithombe ezinotshwala ezinkundleni zokuxhumana. Phinda ugweme ukuphawula okuncoma ubumnandi botshwala.
Nakuba ungeyena umuntu ophuza kakhulu kodwa kunabanye ababunyanya ngendlela eyisimanga utshwala. Uma usuke waphuza qhelela- na nenkundla yokuxhumana ngoba kungenzeka wenze into ongagcina uzisola ngayo. Ungake ulinge ufake into ongasoze watshela abazali bakho ngayo. Izinto ezithinta ucansi noma ubudlelwano bakho kumele ungazifaki nhlobo. Nakuba izinkundla zokuxhumana zithathwa njengendlela yokuxhumana nabantu abahlukene nemibono yabo kodwa kakulungile ukuba ufake umbono ongahlukumeza omunye umuntu.
Ziningi izigameko esingafakaza ngazo ezenzekile, abantu bazithola besotakwini. Isigameko sikaPenny Sparrow sokufanisa abampisholo nezinkawu ngesinye esisuse olukhulu uthuthuva emphakathini nasezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kuholele ekubeni avulelwe icala aphinde alahlekelwe nawumsebenzi. Ziningi-ke nezinye okubikwe ngazo emithonjeni eyahlukene yabezindaba. Ngaphandle uma ungusaziwayo, akekho onendaba nokuthi udlani noma ukuphi. Abantu kakumele bazi ngazo zonke izindlela zakho. Kunezinto ozenzayo okumele uzigcinele wena ngaphakathi, kungaze kwazi wonke umphakathi okulandelayo kulezi zinkundla. Kwesinye isikhathi kasikho isidingo sokuba uveze umbono wakho ngezinye zezinto ezenzekayo ngenxa yomsebenzi owenzayo noma ngesikhundla osiphethe. Kunemisebenzi ekhona lapho kungamele abantu bazi ngeqembu lezepolitiki olesekayo, elebhola likanobhutshuzwayo noma imizwa yakho ngohlobo oluthile lwabantu. Cabanga ngaphambi kokuba ufake noma uphawule ngokuthile ezinkundleni zokuxhumana. Ukucabanga kwenza ubone ukuthi kumele uphendule noma ungaphenduli. Kunezinto okumele uphendule ngazo kulezi zinkundla kanti kunezinye okungamele uzixake ngazo.
Nakuba kungamele uvumele ukuhlukumezeka kulezi zinkundla (Cyber Bullying) kodwa chooseyourbattles, ungaphenduli kunoma yini abantu abaphawula ngayo ethinta wena. Kwesinye isikhathi uwena owenza abantu bagcine sebenemibono ngawe ngenxa yezinto ozifakayo ezinkundleni zokuxhumana.
Umuntu ngeke aphawule ngezobudlelwano bakho engazi lutho ngabo but uma konke okwenzeka kubona ukufakela abantu kuzothi noma sekubheda baphawule. Sengiphetha, qaphela ungabi yisisulu salokhu okubizwa ngeCyber Bullying okuwukuhlunyezwa ngabantu besebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
Ngokuzayo sizongena sigxile kulokhu ngoba kungaba nomthelela emsebenzini wakho njengoba kunabantu abavula amakhasi ezinkundleni zokuxhumana besebenzisa amagama abanye abantu, abanye baze bafake nezithombe ezingcolile kuzona.