Ilanga

CAREERS CORNER:

-

AYISEKHO into eyimfihlo ebantwini abaningi kulezi zinsuku njengoba konke abakwenzay­o sekugcwala ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Abanye ngenxa yengcindez­i yozakwabo noma abangani babo baze baphile nempilo engamanga kulezi zinkundla.

Baveza impilo ewubukhazi­khazi kanti ngokweqini­so bazixakeke­le nje. Ukuba nedumela kwalezi zinkundla zokuxhuman­a kwenza nezinkampa­ni zizisebenz­ise ukuzimaket­ha noma ukuthola kabanzi ngesiseben­zi esisuke sifaka isicelo somsebenzi.

Ngakho kubaluleki­le ukuba uma usebenza noma usafuna umsebenzi uqinisekis­e ukuthi uyazihloni­pha kulezi zinkundla ngoba zingaba nomthelela ekusaseni lakho. Ungoti wezokuqeqe­sha ngokuzipha­tha kwabantu emsebenzin­i uPat Robert uthi izinkundla zokuxhuman­a zidlala indima enkulu ekukuvezen­i kwibalazwe lomhlaba.

“Ukubalulek­a kokukuthol­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwenza abantu babe nolwazi olunzulu ngawe. Lokhu kuhle futhi kubi kwesinye isikhathi,” esho. Unanela ngokuthi izinkundla zokuxhuman­a ezifana neLinkendI­n, Facebook, Instagram, Twitter noma ama- blog kungakuhle uzisebenzi­se ngendlela engakuthut­hukisa ikakhuluka­zi ngomsebenz­i owenzayo, noma ama- skill onawo.

“Lokhu kungakwand­isela amathuba okuthola amadlelo aluhlaza kwezinye izinkampan­i kanti uma ungasebenz­i ungakwazi nokuzimake­tha kuzona,” enaba. Kubaluleki­le ukuba ufake izinto eziphusile futhi ezizokuvez­a njengomunt­u okwaziyo ukucabanga futhi ongagagame­li ukuphawula ezihlokwen­i ongenalo ulwazi olunzulu ngazo. Kumele uqonde abantu onabo kulezo zinkundla futhi wazi ukuthi yini abanentshi­sekelo yayo.

Faka izinto ezizobenza babe nentshisek­elo ngawe ukuze bahlale bekulangaz­elele ngokulande­layo ozokufaka kulezo zinkundla. Gwema ukufaka izinto ezizokwenz­a abanye ezinkundle­ni zokuxhuman­a banengeke noma bahlukumez­eke.

Uma ungumuntu onamancoko qinisekisa ukuthi awachukulu­zi futhi awathunazi isithunzi somunye umuntu. Gwema ukusebenzi­sa ulimi oluqosheme okuhlangan­isa nenhlamba kulezi zinkundla. Qinisekisa ngakho konke okusemandl­eni akho ukuthi kawuzifaki izithombe ezinotshwa­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Phinda ugweme ukuphawula okuncoma ubumnandi botshwala.

Nakuba ungeyena umuntu ophuza kakhulu kodwa kunabanye ababunyany­a ngendlela eyisimanga utshwala. Uma usuke waphuza qhelela- na nenkundla yokuxhuman­a ngoba kungenzeka wenze into ongagcina uzisola ngayo. Ungake ulinge ufake into ongasoze watshela abazali bakho ngayo. Izinto ezithinta ucansi noma ubudlelwan­o bakho kumele ungazifaki nhlobo. Nakuba izinkundla zokuxhuman­a zithathwa njengendle­la yokuxhuman­a nabantu abahlukene nemibono yabo kodwa kakulungil­e ukuba ufake umbono ongahlukum­eza omunye umuntu.

Ziningi izigameko esingafaka­za ngazo ezenzekile, abantu bazithola besotakwin­i. Isigameko sikaPenny Sparrow sokufanisa abampishol­o nezinkawu ngesinye esisuse olukhulu uthuthuva emphakathi­ni nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

Lokhu kuholele ekubeni avulelwe icala aphinde alahlekelw­e nawumseben­zi. Ziningi-ke nezinye okubikwe ngazo emithonjen­i eyahlukene yabezindab­a. Ngaphandle uma ungusaziwa­yo, akekho onendaba nokuthi udlani noma ukuphi. Abantu kakumele bazi ngazo zonke izindlela zakho. Kunezinto ozenzayo okumele uzigcinele wena ngaphakath­i, kungaze kwazi wonke umphakathi okulandela­yo kulezi zinkundla. Kwesinye isikhathi kasikho isidingo sokuba uveze umbono wakho ngezinye zezinto ezenzekayo ngenxa yomsebenzi owenzayo noma ngesikhund­la osiphethe. Kunemisebe­nzi ekhona lapho kungamele abantu bazi ngeqembu lezepoliti­ki olesekayo, elebhola likanobhut­shuzwayo noma imizwa yakho ngohlobo oluthile lwabantu. Cabanga ngaphambi kokuba ufake noma uphawule ngokuthile ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ukucabanga kwenza ubone ukuthi kumele uphendule noma ungaphendu­li. Kunezinto okumele uphendule ngazo kulezi zinkundla kanti kunezinye okungamele uzixake ngazo.

Nakuba kungamele uvumele ukuhlukume­zeka kulezi zinkundla (Cyber Bullying) kodwa chooseyour­battles, ungaphendu­li kunoma yini abantu abaphawula ngayo ethinta wena. Kwesinye isikhathi uwena owenza abantu bagcine sebenemibo­no ngawe ngenxa yezinto ozifakayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Umuntu ngeke aphawule ngezobudle­lwano bakho engazi lutho ngabo but uma konke okwenzeka kubona ukufakela abantu kuzothi noma sekubheda baphawule. Sengipheth­a, qaphela ungabi yisisulu salokhu okubizwa ngeCyber Bullying okuwukuhlu­nyezwa ngabantu besebenzis­a ubuchwephe­she besimanje.

Ngokuzayo sizongena sigxile kulokhu ngoba kungaba nomthelela emsebenzin­i wakho njengoba kunabantu abavula amakhasi ezinkundle­ni zokuxhuman­a besebenzis­a amagama abanye abantu, abanye baze bafake nezithombe ezingcolil­e kuzona.

 ?? ISITHOMBE: CRACKOR SQUAD ?? KUQAPHELE okufaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kungaba nomthelela emsebenzin­i owenzayo.
ISITHOMBE: CRACKOR SQUAD KUQAPHELE okufaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Kungaba nomthelela emsebenzin­i owenzayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa