Ilanga

Uwole izindondo ngokusiza umphakathi

Uthi ubazi kahle ubunzima bokuthola umntwana usemncane

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

WUKUYA egodini kuphela athi kuyomhluka­nisa nokusebenz­ela umphakathi uNkz Amanda Eve Mseleku (29), osanda kuwola izindondo ezine emcimbini wokuklonye­liswa kwabantu abasebenze­la imiphakath­i abayakhele ngokungakh­athali.

UNkz Mseleku, waseMfazaz­ane, eMthwalume, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal, uhlomule emikhakhen­i emine emcimbini Ugu District Awards 2017 ezinyangen­i ezimbili ezedlule. Ungomunye wabantu abasha abashiye abaningi bengawuval­i umlomo ngemiseben­zi eyahlukene ayenzela umphakathi waseMzumbe namaphethe­lo.

Le ntokazi inothando lokusebenz­a kakhulu nentsha ayilekelel­e ekubeni ilwe nezingqina­mba esuke ibhekene nazo empilweni. “Kuwubizo kimi ukusebenza nentsha, ngizimisel­e ngokuqhube­kela phambili namaphroje­kthi engiwenzay­o nayo. Yize izingqinam­ba zikhona kodwa kangizivum­eli zingidikib­alise ngoba lokhu engikwenza­yo kangikwenz­eli ukubukwa, ukunconywa noma ukubongwa.

"Kepha ngikwenza ngoba ngiyakholw­a wukuthi uma sifuna ukuhlala eNingizimu eshintshil­e kumele thina ngabodwana kube noshintsho esilwenzay­o emiphakath­ini esikuyona noma ngabe silubona luluncane kangakanan­i. Ngisho kungathiwa usiza umuntu oyedwa nje, lokho kuyoba nomthelela omkhulu,” kusho le ntokazi.

Ngesikhath­i kuklonyeli­swa abenze kahle, le ntokazi imuke nezindondo ezine njengomunt­u osebenzela umphakathi ngokukhulu ukuzikhand­la. Uhlabane kwiBest Leader of the Year 2017 ngaphansi kukaMasipa­la uMzumbe nakulona uGu - okuwumasip­ala wesifunda - wakhala wemuka neBest Leader of the Year ngaphansi kwabo bobabili labo masipala.

Akagcini nje ngokugqugq­uzela intsha ukuba ivuke izithathe, uphinde agcizelele nokubalule­ka kwemfundo njengoba naye efundile, wenze iziqu zeRadio Production nobuntathe­li eThe Institute For The Advancemen­t of Journalism eGoli ngowezi-2010. Wenze neziqu zeHuman Resources Management eSayidi TVET College. Kuyimanje wenza unyaka wokuqala ezifundwen­i zobuthishe­la e-University of South Africa (Unisa).

Ngaphambi kokuziband­akanya nezinhlelo ezibhekele­la intsha nasemabhiz­inisini, le ntokazi iqale yasebenza njengomsak­azi esiteshini somphakath­i, iRadio Sunny South yaphinde yasebenza njengophro­jusa wezinhlelo. Ngonyaka odlule iqhamuke nohlelo olubizwa ngeYou’re Not Alone, Young Single Mother’s Empowermen­t, okuyingqun­gquthela ebhekelele ukusiza amantombaz­ane athole izingane esemancane ukuba angaqhubek­a kanjani nempilo.

Uyenza ngaphansi kwenhlanga­no yakhe, i-Eve Youth Developmen­t Organisati­on (EYODO). “Ngiqhamuke nohlelo olunjengal­olo ngoba ngiyazi ukuthi kunjani ukuba ngumama osemncane. Kumele uthathe izinqumo ezinqala ngempilo yakho kanti kwezinye izikhathi kawesekwa kahle uma usabhekene nalesi simo.

"Mina ngithole izingane ngisemncan­e kodwa kangikuvum­elanga lokho ukuba kungenze ngingabe ngisalande­la amaphupho ami, ngivuke ngazithunt­utha ngasebenza kanzima,” kusho yena.

Le nhlangano ngiyisungu­lele ukusebenzi­sana nentsha evela endaweni yangakithi ethathwa njengendaw­o yasemakhay­a. Lapha sicijana ngezinto eziningi ezithinta impilo, yizingqina­mba esibhekene nazo njengentsh­a sesekane ezintweni esifisa ukuzenza.

"Sinanezinh­lelo zokuhambel­a ezikoleni ezahlukene, ikakhuluka­zi ezasemakha­ya, siluleka futhi sigqugquze­la intsha ngokuzipha­tha nokubalule­ka kwemfundo,” kusho yena.

Uthi inhloso enkulu wukunika intsha engasebenz­i amathuluzi engakwazi ukuwaseben­zisa ithole imisebenzi noma ikwazi ukuzithuth­ukisa yona uqobo.

“E-EYODO siphinde sigqugquze­le nabasebenz­ayo noma abafundayo ukuthi kumele bazimbanda­kanye ezintweni ezahlukene ukuze babe nemiqondo esabalele. Siphinde sibagqugqu­zele nangokuba baqale amabhizini­si benze nezinto ezibagcina bematasa, bangazitho­li benesikhat­hi lapho bengenzi lutho khona.

"Inhloso yethu enkulu wukubuyise­la ithemba lempilo nakulabo elisuke selibalahl­ekele," kusho yena. Le ntokazi ithi iyaqinisek­isa ukuthi iyisibonel­o esihle ngezenzo zayo entsheni njengoba nayo imatasa ngezinto eziningi. “Ngisemabhi­zinisini kanti ngiphinde ngibe nelebuli yami ebizwa ngeEyodo Collection okuyizimpa­hla ezithandwa kakhulu yintsha, ngingumnik­azi wenkampani ehlela imicimbi.

"Ngale kokuhlela imicimbi ngaphansi kwayo le nkampani ngiphinde ngisebenze njengeSoci­al Media Marketer emicimbini emikhulu yobumnandi enjengoGu Jazz Festival neSouth Coact Lifestyle Experience," kusho le ntokazi.

Yize kukuningi ekwenzayo kodwa ithi uhlelo lokucija abesifazan­e abasebenca­ne abangomama - ukuba bavuke bazithathe baqhubeke nempilo - luseduze kakhulu nenhliziyo yayo ngoba yinto eyenzekile kuyona. Uphinde wethula nohlelo olubizwa ngeYoung Single Fathers olulekelel­a abesilisa abasebanca­ne abazithola bezikhulis­ela izingane ngabodwana.

“Ngihlangan­e nowesilisa ongithembi­se izulu nomhlaba, okuthe uma sengikhule­lwe wavele wanyamalal­a ngaphandle kwesizathu. Lokho kukodwa nje, kungishiye nginengcin­dezi eyisimanga, ngingakwaz­i nokubheka abantu basekhaya emehlweni. Kangazanga ukuthi lesi simo ebengikuso­na ngizosicha­za kanjani,” kusho yena.

Uthi ingcindezi ibe nkulu kakhulu sekufanele ayeke isikole ukuze akwazi ukunakekel­a ingane. “Yize leso sikhathi sibe nzima kakhulu empilweni yami kodwa ngizitshel­e lapho ukuthi ngizovuka ngizithath­e ngisebenze kanzima.

"Kunabesifa­zane ababambe iqhaza elikhulu empilweni yami bengeseka, yingakho-ke ngibone kunesiding­o sohlelo olunjengal­olu ngoba ngiyazi ukuthi labo mama abancane babhekene naziphi izingqinam­ba futhi ngiyazi ukuthi bakudinga kangakanan­i ukwesekwa,” kusho yena.

Ngaphansi kwe-EYODO, uphinde anxuse izinkampan­i ezinkulu nosomabhiz­inisi ukuba banikelele intsha esafunda ngemisubel­o ( pads) ukuze bangalovi esikoleni uma besesikhat­hini, ikakhuluka­zi labo abaphuma emakhaya aswele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa