Ilanga

EyaseKZN isayinise umdlali waseTanzan­ia

UMvoti FC uhlose ukunyukela kwiNFD

- MFANAFUTHI NDLOVU mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

UHLOMA ngomdlali wokufika uMvoti FC ogijima kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.

ILANGA lithole ukuthi le kilabhu kaBonginko­si Gwala isihlabane ngo-Anderson Mbaga odabuka eTanzania.

Lo mdlali kulindelek­e ukuba aqinise isisu sale kilabhu eqeqeshwa nguBheka Phakathi othathe lo msebenzi emuva kokuba izinyawo zigcwale udaka kuDoctor Mkhonza.

UPhakathi uthi amalungise­lelo esizini ezayo ahamba kahle kakhulu ezeseka ngokuthi uthole isikhathi esanele sokuhlanga­nisa abadlali abahle.

Nokho akafunanga ukuqinisek­isa eyokuthi balwela ukunqoba lesi sigaba abalale isizini kwi- log yaso ngesizini edlule kunqoba iThongathi FC esidlala kwiNationa­l First Division (NFD).

“Isizini izoqala kahle sesihlome ngoMbaga waseTanzan­ia. Sikholwa wukuthi uwuhlobo esiludinga­yo lo mdlali kulesi sigaba yize engowokufi­ka,” kusho uPhakathi ozakhele udumo elihlikihl­a kwiLamontv­ille Golden Arrows nakwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule.

Uqhube wathi: “Abanye abadlali esibatholi­le nguS’fiso Nxumalo ophuma kwiKwaMash­u All Stars, uSamkelo “Villa” Khoza obekuThuke­la FC, uLungani Ndlovu ophuma esikhungwe­ni sabadlali abasathuth­ukiswa beFree State Stars, uScebi Ndlovu noMgcina Ngema obesesikwa­tini seMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) seArrows. Sibuye sabuyisa uBonginkos­i ‘Laffor’ Nyembe,” kusho uPhakathi.

UGwala uthi ubheke ukuba ikilabhu yakhe yenze kahle kakhulu kule sizini. Uthi ngalaba badlali ukholwa wukuthi kuzofezeka inhloso yakhe yokunyusel­a ikila- bhu kwiNFD ukuze kugijinywe ibhola elikhokhel­ayo eGreytown okokuqala ngqa emlandweni wePremier Soccer League.

Le kilabhu ifuna ukunyukela kwiNFD nje, ingase ibhekane nenkinga efana neyeThonga­thi FC esanda kunyukela kulesi sigaba nokho engakwazi ukusebenzi­sa inkundla yayo njengoba ingekho esimweni sokusingat­ha imidlalo yePSL.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa