USUTHU SELUTHEMBE UMDALI NGONTULI
UKHONJWA kwiBlack Leopards uLuc Eymael obengumqeqeshi wePolokwane City ngesizini edlule bahlukana sekukubi sekuboshwana.
U-Eymael kuthiwa ucathanyelwa yiLeopards eqhathwe noBuntu Cape Town FC koweNational First Division (NFD) ngoMgqibelo ngo15h00 eGiyani Stadium. Enye ikilabhu okuthiwa ifuna lo mqeqeshi yiFree State Stars eyiqale kabi isizini ngaphansi kukaSammy Troughton njengoba iguqiswe ngamaZulu angomakoti be-Absa Premiership ngo-1-0 ngeledlule ISIPINGO LFA NGESONTO EGround No 1: Isu Elihle vs Pretty Tigers 08h00, Z By Nite vs Celtic Crocks 09h30, Abangani vs Gunners United 10h45, P4 United eMlazi.
Kuthiwa u-Eymael iLeopards ifuna athathe umsebenzi kaJean Loscuito okuvela ukuthi unyamalele kule kilabhu kaDavid Thidiela. Le kilabhu ithuse abantu abaningi ngesikhathi idayisa uSphelele “Stash” Ntshangase kwiBaroka FC. Kuvela ukuthi udayiswe ngo-R3 million.
U-Eymael kuthiwa utheleke eNingizimu Afrika ngoLwesibili ekuseni. U-Eymael useke wakuveza phambilini ukuthi uyayithanda iNingizimu Afrika. Kuthiwa uJean unyamalele nje, ucikwa yindlela izinto ezenziwa ngayo kwiLeopa-rds enqabile ukumdede- vs Punchovilla 12h00. EGround No 2: Fairways vs South Coast Legends 08h00, Mates vs Luxury X1 09h30, Slow Jam vs Sylvester X1 10h45, Adams vs Ulundi Spurs 12h00. la efuna ukujoyina iFree State.
Nakuba ILANGA lingakwazanga ukuxhumana noThidiela kodwa ucashunwe kweminye imithombo yezindaba evuma ukuthi unyamalele umqeqeshi wabo. Uthe akamazi ukuthi ukuziphi izinkalo.
Nokho uBerry Ramunenyiwa ongumxhumanisi weLeopards nabalandeli utshele ILANGA ukuthi kabamesheli u-Eymael kwazise uJean akekho ekilabhini nje, yingoba egula.
“UJean usengumqeqeshi wethu futhi unenkontileka. Simnike ikhefu kwazise uyagula,” kubeka lesi sikhulu. EGround No 3: Isdudla United vs Beacon Park 08h00, Dear Mama vs Durban Unicity 09h30, Illovo Masters vs Gandus Stars 10h45, Amagents vs M Legends 12h00. KONKE sesikubeke kuNkulunkulu isikhulu samaZulu FC ngabagadli ababili esizama ukuthola oyedwa wabo ngaphambi kokuvaleka kwewindi lokusayiniswa kwabadlali.
ULunga Sokhela oyisikhulu esiphezulu soSuthu ngeledlule utshele ILANGA engxoxweni engashicilelwanga ukuthi ucuthele uCamaldine Abraw uma egcina ngokungamtholi uBongi Ntuli ongumgadli weMamelodi Sundowns ophila ngokubolekiswa emakilabhini ehlukene.
Ebuzwa izolo ngoLwesithathu ukuthi kugcine kumi kanjani emizamweni yakhe yokuthola omunye walaba bagadli uphendule ngokuthi konke usekubeke kuNkulunkulu. USuthu ludinga umgadli ozovalela amagoli azolusiza embhidlangweni wokuzinza kwi-Absa Premiership njengoba lubuyele kulesi sigaba ngokuthenga ilungelo leThanda Royal Zulu edle ubhedu kwiNational First Division (NFD) ngesizini edlule.
U-Abraw odabuka eTogo, uchithwe yiKaizer Chiefs ngoba exakwe wukulimala kwazise ngesizini edlule uhlale izinyanga eziyisi-9 exilongwa ngemuva kokuyodlalela iqembu lesizwe lakubo. Akawenzanga umsebenzi abewulandelwe kwiFree State Stars lapho ahlaba khona umxhwele kumasizini amabili ewuhlupho kubadlali basemuva bezitha futhi ewaqhulula namagoli.
Umqeqeshi woSuthu, uCavin Johnson, usekubeke kwacaca ukuthi uyamfuna uNtuli kwazise usebenze kahle naye bekwiPlatinum Stars kumasizini amabili adlule. Kuthiwa uNtuli usefuna ukudedelwa unomphela yize esalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe neSundowns.“Inhliziyo kaBongi ikumaZulu ngoba amphatha kahle ngesikhathi ebolekiswe kuwona kumasizini amabili adlule. Usefuna ukuzinza unomphelo ekilabhini eyodwa. Usekhathele wukugcogcoma,” kusho umthombo oncikene noNtuli.