Ilanga

IKINGS IMINCELE INKUNDLA YANGAKUBO

- SENZO SOKHELA

UBONGANI Ngidi onguSihlal­o weReal Kings United egijima kwiNationa­l First Division (NFD) uzwakalise ukuthi ngeke akuthole ukuphumula engakalife­zi iphupho labalandel­i bale kilabhu lokuthi imidlalo yasekhaya iyidlalele eHammarsda­le Stadium, eMpumalang­a ngaphandle kwasePinet­own.

IKings izogijima umdlalo wayo wokuqala wasekhaya weNFD neWitbank Spurs ngoMgqibel­o ngo15h00 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Ivule isizini yeNFD ngephuzu ibambana nomkhaya iRichards Bay FC ngo-1-1 eMhlathuze Sports Complex ngeledlule.

IKings igijima isizini yayo yesibili kulesi sigaba njengoba inyukele kusona nyakenye. Nakuba kujabulise abalandeli bayo ukunyukela kulesi sigaba kodwa bayakhala ngokuthi le kilabhu idlala kude naseHammar­sdale njengoba isebenzisa iSugar Ray Xulu Stadium.

Isizathu sokusebenz­isa kweKings le nkundla wukuthi iPremier Soccer League (PSL) kayiyiphas­isanga iHammarsda­le Stadium, ikhale ngokuthi kayisekho sesimweni sokusingat­ha imidlalo yalesi sigaba. ILANGA lithole ukuthi uNgidi uwa evuka ezama ukuxoxa noMasipala weTheku ukuba uba-lungisele le nkundla ukuze babu-yisele imidlalo yabo yasekhaya kuyona.

UNgidi ethintwa ukuphawula ngalolu daba, ukuqinisek­isile uku- thi basemizamw­eni yokuthi le sizini iphele sebegijima eHammarsda­le.

“Sizama ngawo wonke amandla ukuthi imidlalo yethu ibuyele eHammarsda­le okuyisizin­da sethu. UMasipala ungithembi­se ukuthi ezinyangen­i ezimbili kuya kwezintath­u inkundla izokube isikulunge­le ukusingath­a imidlalo yalesi sigaba. Ngihlalele ethembeni,” kusho uNgidi oqhube ngokuthi umdlalo wabo neSpurs njengoba usekhaya noma kanjani kufanele bawunqobe. Uphethe ngokunxusa abalandeli ukufika ngobuningi njengoba kungenwa mahhala.

Isiyonke imidlalo yeNational First Division (NFD) engempelas­onto imi kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU E-Athlone: Cape Town All Stars vs Richards Bay FC 15h00. NGOMGQIBEL­O EHarry Gwala: Royal Eagles vs Highlands Park 15h00.

ESugar Ray: Real Kings United vs Witbank Spurs 15h00.

E-Athlone: Stellenbos­ch vs uThongathi FC 15h00.

EGoble Park: Super Eagles vs Mbombela United 15h00. NGESONTO EGiyani: Black Leopards vs Ubuntu Cape Town 15h00.

EMthatha: Mthatha Bucks vs Tshakhuma Tsha Madzivhadi­la 15h00.

E-Olen Park: Jomo Cosmos vs Pretoria University FC 15h00.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa