Kunzima kohlushwa yimimoya
Uthi kukhala izinkomo nezimbongolo esiswini
USEHAMBE kwaguga imbadada efuna usizo lokwelashwa owesilisa waseThuma, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, ohlaselwa ngamadimoni njengoba ethi kakukho angakwenzile selokhu le nkinga imqale ngowe-1992.
UMnu Bhekisisa Khanyile (49) akasazi ukuthi athatheni ayihlanganise nani njengoba kwesinye isikhathi uzwa kukhala izinkomo nezimbongolo esiswini bese kuxhuxhuzela isisu simkhiphe, kube sengathi uphambene umqondo.
Usevakashele emabandleni ahlukene nasezinyangeni kodwa usizo do. Utshele ILANGA ukuthi ebusuku kuyenzeka zifike izilwane zimtshele ukuthi zithunyiwe kuthiwa maziyombulala ngoba uhlakaniphile, uzitshela ukuthi usile.
Uthi uma ebuza ukuthi zithunywe ngubani zithi nguyise wazo kodwa ngeke zimusho ngoba kakuvumelekile.
“Uma ngithandazelwa ngabazalwane, lezi zilwane ziyabatshela ukuthi kaziyindawo futhi ngeke zimusho uyise ozithumile ngoba ngalokho ziyoswela indawo yokuhlala (kuyena uMnu Khanyile).
“Le nto iyayithwebula ingqondo yami ngoba kuyenzeka ngibone abantu benza ucansi ngihlukumezeke emoyeni kodwa lokho kubonwa yimina kuphela. Ingifakela nesigcwagcwa ebantwini, kabangithandi noma ngibuza ngesihle kumuntu uvele angithathe ngesankahlu. Sengiyabona ukuthi ngizogcina ngifile ngoba kuyingozi ukuhlala nemimoya enjena,” kusho uMnu Khanyile.
Uthi ubenesifiso sokuganwa kodwa kakwenzeki ngoba amadimoni athwebula nemizwa yakhe, kayisebenzi. Uveze ukuthi unekhono ekubhaleni umlando wesintu ongasiza umphakathi kodwa uma ethi uyaqala, kuvele kuqale phansi ukugula.
“Okuphethe mina kakufani nokwabanye abantu, uma ngithi ngiyadla kuyenzeka kukhumuzele inhlabathi engingayazi ivelaphi noma ngigeza ivele ivuthuke ekhanda igcwale emanzini. Ngiyafisa ukusizakala, sesiside lesi sikhathi ngiphila impilo enzima,” kusho uMnu Khanyile.
Uthi amabandla, i-African Gospel nelamaNazaretha, azamile ukumsiza kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Utshele ILANGA ukuthi ukugula kwakhe kunezinsuku okuvuka ngazo ngoba kwesinye isikhathi uyababona nabafana abafushane (otokoloshe).
“Abanye abathandazi bathi kumele ngilashwe unyaka wonke ngihlale kulowo ozobe engilapha ngoba le mimoya inenkani. Nginethemba lokuthi abathandazi yibona abazongikhulekela ngisizakale ngoba izinyanga seziwuqedile umndeni zithatha imali kodwa kawukho umehluko,” kusho uMnu Khanyile.
Uthi okumesabisa kakhulu wukuthi ngesonto eledlule kushone owesilisa (uthisha) khona eNka-ndla obehlushwa yiyona imimoya yamadimoni wazibulala. Uveze nokuthi kwesinye isikhathi lezi zinto ziyamthuka zimbize ngonina, zimtshele ukuthi zizombula- la.
UMfu Siyabonga Nxumalo weAbundant Life Global Ministries eThekwini, uthi ingalapheka le mimoya ngoba ebandleni labo sekukaningi besizakala abantu.
Utshele leli phephandaba ukuthi yizinto ezenziwa ngabantu lezi.
“Sinohlelo enkonzweni lokubhekana nemimoya, siphinde sifundise lowo muntu esimkhulekelayo umbhalo bese ezithandazela ngokulandela yona imibhalo. Ngalokhu sesisize abantu abaningi njengoba phambilini ILANGA lishicilele ngomama obehlushwa yizimpethu ekhanda, okuyimimoya, samkhulekela kwaphela,” kusho uMfu Nxumalo.
Uthi imimoya inolaka uma kade izanywa yizinyanga ukuyilapha zehluleka “bese ibutho layo le mimoya lisebenza ngamandla kulowo engene kuyena”.
Utshele ILANGA ukuthi mhla zimbili kuMfumfu (October) bazoba nomkhuleko ozothatha izinsuku ezintathu eThekwini lapho bengabhekana khona ngqo nale mimoya akhulekelwe uMnu Khanyile.
UMfu Mthokozisi Mahlase, weSource of Victory Christ of Ambassadors, uthi la madimoni adinga umkhuleko onamandla.
“Kumele sikhuleke ngale ndlela yokuthi sizitholele thina umsuka wemimoya yakhe hhayi ukuthi sitshelwe yiyona kodwa nje singayilapha kalula,” kuphetha uMfu uMahlase.
Imizamo yokuthola abelaphi bendabuko, uMnu Sazi Mhlongo noDkt Velaphi Mkhize, ukuze basichushise ngokwesintu ngale nkiyankiya, kayiphumelelanga. Izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.