Ilanga

Uhlawulisi­we ocele isinene esihlotshe­ni

Usebenzise ukuhluphek­a kwaso esethembis­a umsebenzi

- PHUMLANI GAMA

UHLAWULISW­E imbuzi ehamba ngamasondo owesilisa osekhulile waseNkomen­i eNgwavuma, enyakatho yeKwaZulu-Natal ocele ucansi esihlotshe­ni sakhe, esebenzisa ukuxakeka kwaso ngakwezomn­otho.

UMnu Duladula Msweli (59), oyikhansel­a lenduna yesigodi iNtabayeng­we khona eNkomeni, uMnu Joseph Sithole, uhlawulise­lwe ukuholela ehlathini indodakazi yomfowabo, enguNkz Khululiwe Mafuleka (29) angasebenz­isi isibongo esifanayo naye futhi kabazalwa ngunina oyedwa.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Msweli ubefuna ukuyozicel­ela ucansi kuNkz Mafuleka ngethemba lokuthi uzobonga ngokumfaka emsebenzin­i wokuphakam­isa iduku elilawula ukuhamba nokuma kwezimoto njengoba kwakhiwa umgwaqo u-D1842 osuka eNtabayeng­we uze uyofinyele­la eManyiseni kwesakwaMa­thenjwa.

Leli phephandab­a liyizwile inkulumo eqoshiwe lapho uMnu Msweli enxusa uNkz Mafuleka ukuba ehlise isikhindi sakhe sangaphans­i ukuze bezothokoz­isana ngocansi, okuyinto abethi bazohlala beyenza kuleli hlathi abebekulon­a.

Kuzwakala ecela ukujola noNkz Mafuleka okuyinto abethi kufanele iphethe ngokuba amlobole.

Kule nkulumo ukhala ngokuthi yena akakwazi ukuhlala nesalukazi (inkosikazi yakhe) esingasakw­azi nokuwasha izimpahla zakhe.

Iyaqhubeka le nkulumo kuzwakala nezinto okungelula ukuzibhale­la umphakathi.

UMnu Msweli uzwakala ethi: “Ungesabi lutho mntanami ngifuna ukulala nawe ukuze ungikhumbu­le uma sengingekh­o, nami ngizokukhu­mbula,” kusho yena.

UNkz Mafuleka utshele ILANGA ukuthi ubone kungcono ukuba aqoqe ubufakazi ngoba kunemibiko ethi baningi abasebenza ngoba bevume ukugilwa imikhuba yingxenye yobuholi bomdabu endaweni, okuthiwa isebenzisa amandla ewanikwe yizinkampa­ni eziyokwenz­a imisebenzi endaweni ukuba kube yibona abathumela abantu lapho kusetshenz­izwa khona.

“Ngibe nokusola uma ethi ufuna inombolo yocingo lwami. Uqale wathi mangihlang­ane naye ehlathini kukhona into afuna siyixoxe.

"Ngiqale ukushaya amakhala uma esethi ufuna ukujola nami, ngaleso sikhathi ubengithin­tathinta elimisa ngesihloko elokuthi ufuna ukujola nokulala nami ukuze ngimkhumbu­le,” kusho uNkz Mafuleka obethukuth­ele egane unwabu.

NgoLwesine ekuseni kuhlangane imindeni yabo bobabili kwaphunywa nesinqumo sokuba uMnu Msweli ahlawulisw­e imbuzi ehamba ngamasondo maqede wabekwa icala lokufuna isinene sesihlobo.

Ethintwa ukuba aziphawule­le ngalolu daba uMnu Msweli, uthe kuyiqiniso ukuthi ubefuna isinene kodwa inhloso yakhe enkulu wukuthi ukujola kwabo kuphethe ngokuba uNkz Mafuleka abe yindlu yakhe yokugugela.

“Mina ngisifunil­e isinene, nginqabile ukukhokha inkomo yokuqeda ubuhlobo ngoba intombi kayingiqom­anga. Mina ngifuna umakoti omncane, kangishong­o ukuthi ngizomqash­a emgwaqweni kodwa ngithe ngizombhek­ela.

"Ukukhokha kwami imbuzi kakungivim­bi ukuba ngiqhubeke nokweshela intombi,” kusho lo mlisa.

UMnu Phathenhlo­ko Mafuleka, oyilunga lomndeni, usigxekile lesi senzo. Uthe kubi okwenziwa nguMnu Msweli ngoba usebenzisa budlabha amandla awanikezwe wubukhosi ukuba ahole isizwe ngokwethem­beka.

“Ngimhlawul­ise imbuzi ngoba mina naye siyazalana. Ungumfowet­hu. Ngeke mina ngisuke kwami ngiyoqomis­a ezinganeni zakhe. Impela ngiyazidin­ga izinkomo kodwa hhayi ezesihlobo.

"Kubi lokhu akwenzayo ngoba uzehlisa isithunzi,” kusho uMnu Mafuleka.

Elinye ilunga lomndeni wakwaMswel­i, elingathan­danga ukuba kudalulwe igama lalo, lithe kunzima ngisho nasemndeni­ni ngenxa yalesi senzo.

Lithi sekuqubuke nezindaba ezindala. “Inkinga sekukapake­la nezinye izinduna zezigodi ezithintek­ayo ekwenzeni imikhuba emibi kubantu besifazane maqede bangaqashw­a.

"Kubuhlungu okwenziwa yilaba baholi ngoba behlisa isithunzi sobukhosi besizwe. Kuyaye kwale noma kumenyezel­we esidlangal­aleni kodwa izinduna zithi kuzoqasha zona. Sikubhekil­e ukuba kungabikho­na ofayo ngoba siyezwa ukuthi enye yezinduna ezithintek­ayo ihamba yenza izinsongo ngale nkulumo eqoshiwe,” kusho leli lunga. UMnu Sithole ubhokele ILANGA wathi lolu daba kalufanele ukubhalwa kodwa yathi lingabhala elikuthand­ayo. “Lolo daba ngiyalwazi kodwa kangizimis­ele ngokuphawu­la ngalo, hamba uyobhala okuthanday­o, kusho yena egaklaza ucingo okuthe uma ephinda eshayelwa wangaluphe­ndula ucingo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa