Ilanga

Unenge abantu uWinnie Khumalo emcimbini weDstv MVC Awards

- LWAZY MBUTHO

BASIGXEKE njengendle­la eshibhile yokuheha abezindaba isenzo sikaWinnie Khumalo ( osesithomb­eni) sokungena emcimbini wezindondo iDstv Mzansi Viewers Choice Awards eqhutshwa ngesihlalo sabangakwa­zi ukuzihambe­la

Lo mcimbi ubuse Sandton Convention Centre, eGoli, ngoMgqibel­o ebusuku.

UWinnie ungene eqhutshwa ngalesi sihlalo watshela abantu ukuthi ulimele ngesikhath­i bembuza ethatha izithombe emcimbini.

Kuthe sekufanele angene esiteji kwajika izinto esedansa kwabonakal­a ukuthi akanalutho nokwenze abantu bakhombisa okukhulu ukunengeka.

Esixukwini bekukhona abakhonond­ayo bethi lesi senzo sakhe sikhombisa ukungahlon­iphi abantu abakhubaze­kile noma abangakwaz­i ukuhamba.

Lo mcimbi ubalwa neminye yemicimbi esezingeni eliphezulu njengoba ubuhlangan­ise cishe bonke osaziwayo eNingizimu Afrika.

UThembisa Mdoda oseshiya ohlelweni i-Our Perfect Wedding uhlabane ngezindond­o ezimbilli. Eyokuqala bekungeyok­uba ngumethuli ovelele, eyesibili kwaba ngeyokuvot­elwa kakhulu emkhakheni wakhe.

UThembisa exoxa nabezindab­a uthe njengoba liphela ithuba lakhe kwi-OPW usezogxila kwezamafil­imu nezeshasha­lazi.

Uthe ngeke akhohlwe yithuba alinikezwe yiConnect Tv.

UVatiswa Ndara ungomunye wabalingis­i abazuze izindondo njengoba ethole eyokuba ngumlingis­i ovelele kanti ungene esiteji esehamba ngezinyawo ekhala ngokuthi izinyawo ziyavutha, ngeke akwazi ukuzenza into angeyona.

Yize lo mcimbi ubungowoku­qala ukuba khona kodwa abantu abebewuham­bele bakhombise ukuwuthaka­sela kakhulu.

USummary unqobe emkhakheni wosomahlay­a ehlula uSkhumba Hlophe noCeleste Ntuli kanti kakuphelan­ga sikhathi abantu bangena ezinkundle­ni zokuxhuman­a beveza ukungenami kukaSkhumb­a ngokunganq­obi indondo.

UNondumiso Mabhece ongumphath­i omkhulu wezokuxhum­ana kuMzansi Magic uthe njengoba libe likhulu isasasa kulo mcimbi nakanjani ngonyaka olandelayo kuzobe kushubile kakhulu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UTHEMBISA Mdoda owemuke nezindondo ezimbili kwi-Dstv Mzansi Viewers Choice Awards eGoli.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UTHEMBISA Mdoda owemuke nezindondo ezimbili kwi-Dstv Mzansi Viewers Choice Awards eGoli.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa