Ilanga

Basola uhulumeni kushona abangaboni

Lsikhungo siseduze nomgwaqo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA SITHOLE

SEKUQUBUKE ingebhe kubantu abangaboni abahlala e-Ilovu Developmen­t Centre, eLovu, eningizimu yeTheku emuva kokuba kushone ababili beshayiswa yimoto encane ngoLwesihl­anu ekuseni.

Le ngozi iholele ekubeni uMnu Sipho Msimang omele inhlangano yomphakath­i, iThokoza Organisati­on, agxeke uhulumeni ngoba ethi sekunesikh­athi eside utshelwa ngoku-ngaphephi kwale ndawo obeke kuyona abangaboni.

Uthi bakhishwe ebhilidini elisedolob­heni eThekwini eminyakeni emibili edlule ngoba kuthiwa liyalungis­wa. Utshele ILANGA ukuthi bekuvele kungekhona ukucabange­la abantu abakhubaze­kile ukuba bathathwe bayobekwa endaweni eseduze nomgwaqo omkhulu, umqwaqo ovele uyingozi kwabangakh­ubazekile.

“Laba bantu sebenesikh­athi esingangon­yaka behlala kule ndawo, kuba buhlungu uma ubabona bezama ukweqa umgwaqo ngoba ngisho abashayeli abaningi kabazi ukuthi kunabantu abangaboni kule ndawo.

"Ngabe kungcono ukuba kukhona noma yinto ekhombisay­o ukuthi kukhona abangaboni kule ndawo. Mina nje ngisola wona uhulumeni ngempilo yalaba bantu abadlule emhlabeni ngoba yiwona obayekelel­ile,” kusho yena.

Kakuyena uMnu Msimang kuphela obezizwa ngalolu hlobo njengoba ekhona namanye amalunga omphakathi abevumelan­a naye ethi asola uhulumeni ngokudlula emhlabeni kwalaba ababili. “Lo mqwaqo mubi kakhulu, nathi nje sithwala kanzima uma izingane kumele zeqe ziye esikoleni ngoba sesaba ukuthi zizolimala.

"Uma unezingane ezincane kumele uyoziwelis­a umgwaqo, uzihlangab­eze uma sezibuya esikoleni ngoba kuphinde kuhambe nezimoto ezinkulu la," kusho omunye onqabile negama lakhe. Ngokuthola kwaleli phephandab­a, abashonile bebezama ukweqa ukuze bayothola izinto zokugibela kanti bazoshayis­wa yile moto eqede yaphaphala­za yaphuma emgwaqweni umshayeli walimala.

Umphathi wesikhungo, uMnu Sfiso Madolo, wenqabile ukukhuluma neLANGA wathi yonke imininingw­ane ngesigamek­o izokhishwa ngabavumel­ekile ukukhuluma nabezindab­a.

Imizamo yokuthola uvo loMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal iphunzile njengoba uMnu Vukani Mbhele ethembise ukubuyela kuleli phephandab­a kwaze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyela­nga - uke wathintwa futhi kodwa lutho ukulubamba ucingo lwakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi kakukabosh­wa muntu, kusaphenyw­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNEBHADI wendoda engafuyile! Yama intombi yakoMdlovu kwathi mangithume omalume bayomemeza uyise bamtshele ukuthi noma angawasho ngemibala amaphepha awafunayo ngoba izibaya sezamila imbuya, izinkomo sezahlala kumaATM. Phela ukhulisile lapha! Le ntokazi...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNEBHADI wendoda engafuyile! Yama intombi yakoMdlovu kwathi mangithume omalume bayomemeza uyise bamtshele ukuthi noma angawasho ngemibala amaphepha awafunayo ngoba izibaya sezamila imbuya, izinkomo sezahlala kumaATM. Phela ukhulisile lapha! Le ntokazi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa