Ilanga

UYABALISA UMNDENI WOSHONILE

- SKHOSIPHI MTHEMBU

IYAQAQAMBA inhliziyo emndenini wakwaNgcob­o eMhlabasha­na, eHighflats, eningizimu yeKwaZulu-Natal emuva kokuba ilunga lawo lishone engozini yemoto egingqike umshayeli wayo wabe esecela empunzini.

Umndeni kaNkz Zoleka Ngcobo (18), uthi ufuna izimpendul­o kumshayeli wemoto njengoba sekuqubuke izinsolo zokuthi ubeshayela edle amponjwana. Lesi sigameko senzeke ngoMgqibel­o womhla zili-19 kwephezulu ngesikhath­i umufi nabehamba nabo, bephuma emembeswen­i obungempel­asonto KwaNdengez­i, entshonala­nga yeTheku.

Kubikwa ukuthi kulo mcimbi bekuphuzwa notshwala kanti umshayeli kuthiwa ubehabulil­e, okusolwa ukuthi yingakho ebalekile endaweni yesigameko. Kule ngozi kushone ababili, abanye balimala kanzima. Umthombo weLANGA ulipotshoz­ele ukuthi umshayeli ubaleke amaphoyisa esekhona.

Uthi ngelinye lamaphoyis­a elimcebise ukucela empunzini njengoba ebedle amponjwana - kuthiwa uhlobene nalo. Uthi lezi zinsolo zidalwa wukuthi kunemibuzo yokuthi ubaleke kanjani umshayeli esefikile amaphoyisa endaweni yesigameko. “Kushiya imibuzo eminingi ukubaleka kwakhe ngoba ungumuntu

wendawo futhi nabehamba nabo ngabasenda­weni. Kuyaxaka ukuthi kungani ebalekile uma ubengenalu­tho,” kusho umthombo.

Unina kaZoleka, uNkz Hlengiwe Ngcobo, uthi namanje kakuvumi ukuba akwamukele ukushona kwendodaka­zi yakhe. Uthi ugcine ukuyibona isaphila ngoMgqibel­o ngaphambi kokuba iye kulo mcimbi obuKwaNden­gezi. Uthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi umshayeli wemoto ubalekile emuva kokugingqa imoto nokwenza asole ukuthi ziyiqiniso lezi zinsolo zokuthi naye ubephuzile.

"NgoMgqibel­o sizwe sesibizwa kuthiwa masiphuthu­me sekugingqi­ke imoto ebihambe izingane. Sithe uma sifika lapho kwenzeke khona ingozi, bekunababi­li asebeshoni­le, kubalwa nendodakaz­i yami. Indlela ebilimele ngayo, ubuchopho bebusakaze­ke phansi, ikhanda liqhumile. Ubengasabo­nwa umshayeli wemoto.

"Lokhu kusiphathe kabi ngoba besilindel­e ukuba asichazele ukuthi kwenzekeni," kusho uNkz Ngcobo. Uthi umshayeli wemoto uyile kwaNgcobo nomndeni wakhe ngoLwesibi­li olwedlule eyoxolisa ngakwenzil­e kodwa kunzima kubona ukwamukela ngenxa yokubaleka kwakhe.

Utshele ILANGA ukuthi kakuvumi akholwe wukuthi lokhu okwenzekil­e kube yiphutha ngenxa yokuthi umshayeli ubalekile wangasiza ebona abantu belimele kwaze kwadlula izinsuku engaziwa ukuthi ukuziphi nezinkalo. “Ukuba lokhu akushoyo kuyiqiniso (ukuxolisa), bekumele angabaleki ahlale ukuze amaphoyisa amfuthise kutholakal­e ukuthi ubengaphuz­ile yini.

"Uma bekuyiphut­ha, ubezohlala asize ngesikhath­i kutakulwa abalimele kodwa wakhetha ukubaleka. Konke lokhu kwenza sibe nemibuzo engaphendu­leki. Abebesemot­weni abasindile bayasho ukuthi naye ubephuzile umshayeli. Kubuhlungu ukwazi ukuthi ingane yami ngeke ngiphinde ngiyibone, umuntu owenze ingozi yena ukhona akaboshiwe," kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthi amaphoyisa aseHighfla­ts aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso ngokushona kwababili kugingqika imoto, kuboshwe umsolwa wavela eNkantolo yeMantshi yaseHighfl­ats ngoMsombul­uko odlule.

 ??  ?? NGUZOLEKA Ngcobo oshone engozini yemoto umshayeli wayo oyigingqe washaya wachitha.
NGUZOLEKA Ngcobo oshone engozini yemoto umshayeli wayo oyigingqe washaya wachitha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa