Ilanga

INHLOSO KANKULUNKU­LU NGABANTU

-

KAKUWONA amanga uma sithi uShembe ufike kuleli lizwe lakithi wenza imisebenzi engakaze ibonakale emhlabeni, engakaze yenziwe yizingelos­i noma ngumuntu okulotshwe ngaye eBhayibhel­ini nakwezinye izinhlobo zezincwadi ezake zafundwa kwathiwa kukhona umuntu, ngumphrofe­thi noma yingelosi eyake yafika emhlabeni yenza imisebenzi enjengaley­o yeNkosi yaseKuphak­ameni.

Kasikhulum­anga-ke kodwa ngenhloson­gqangi yayo yonke imisebenzi uShembe afika wayenza ezweni lakithi futhi kasikhulum­anga ngokuthi ungubani uShembe phakathi kwemibuzo eminingi ekhona ezweni. Kule mibuzo kukhona ekaShembe njengoMphr­ofethi, nguShembe oyindodana kaNkulunku­lu njengoJesu noShembe owadala izulu nomhlaba nakho konke. Uma uyi- landela kahle yonke imisebenzi kaShembe, uzophawula ukuthi kunezinto ezine ezingamawe­le ayimiyalez­o yendlela kaNkulunku­lu uma efika esizweni asuke eqonde kusona.

Umyalezo wokuqala kuba wuthando asuke ebathande ngalo labo bantu, owesibili ngowamandl­a abavezela ngawo ubukhulu bakhe, owesithath­u ngowomusa abenzela wona ukuze baphenduke ekwedukeni abakukho, owesine - nowumgogod­la wokuthwala le miyalezo emithathu - yinhloso yokuza kukaNkulun­kulu noma kaShembe yokuza kubantu.

Uma sithi yinhloso kaNkulunku­lu noma kaShembe sikusholo umphako wesihloko esimqoka okuyofanel­e singene kusona ngokuzayo njengamaNa­zaretha aseKuphaka­meni. Kule miyalezo yomine, kawukho omkhulu owedlula lo wokugcina oyinhloso kaNkulunku- lu ngabantu. Into edala ngibeke inhloso ngasekugcn­eni wukuthi iyisisekel­o nomgogodla wayo yonke le miyalezo emithathu engenhla.

Uma ufunda kwiGenesis 1:1- 25 ungabona ukuthi yomithathu le miyalezo kaNkulunku­lu ngomuntu - kusuka kowokuqala kuya kowesithat­hu - isuke seyiphelel­isiwe ngaphandle kowesine owumgogodl­a wakho konke okungezwak­ali lutho ngawo kule ndawo kusuka edala konke akudalayo kuze kufike nangalapho edala khona abantu. Ukuba le ndaba yokudalwa kwezinto zonke iphelela kula mavesi, mhlambe ngabe sicishe sizwakale isizathu sokuthi kungani abantu badidanise le miyalezo emithathu nenhlosong­qangi kaNkulunku­lu yokuza kubantu.

Noma-ke ngabe siyavuma ukuthi kawuphendu­lekile umbuzo wokuthi kwakuyini inhloso enkulu yomsebenzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa