Ilanga

Inkinga yeququ

- IZABA ONGAZENZA USEKHAYA INDLELA YOKUYISEBE­NZISA 2. APPLE CIDER VINEGAR INDLELA YOKUYISEBE­NZISA INDLELA YOKWENZA bonginkosi@ilanganews.co.za Umthombo ngabe: top10homer­emedies.com

NGESIZULU kuthiwa iqaqa kalizizwa ukunuka nxa kubhekiswe kumuntu ongaboni noma ongafuni ukuvuma uma enze iphutha. Kasazi-ke ukuthi kuthiwani uma umuntu enenkinga yengxenye yomzimba enuka kabi, okungaba wumlomo, amakhwapha, yizinyawo noma nje wonke umzimba.

Kunabantu abapheleze­lwa yiphunga elinamandl­a kangangoba ngisho sebesukile lapho kade bekhona, kusala kuzwakala ukuthi bake baba khona. Inqaba lapho ikhona wukuthi umuntu onjalo uyaba nathandana naye kepha umahluko ungabikhon­a.

Kungenzeka ukuthi kusuke sekuyisibi­ndi nokubekeze­la kowesifaza­ne ozwana nomuntu onjalo okwenza onenkinga angazazi ukuthi unayo futhi idinga ukuba ayisukumel­e. Kumuntu wesilisa iphunga lomzimba libizwa ngeququ kanti kowesifaza­ne libizwa ngomsanka. Namuhla sibheka izaba ongazenza usekhaya uma unale nkinga. Lokhu ngeke kwenzeke nxa onale nkinga engazazi kumbe engatshelw­a ukuthi unayo. 1. BAKING SODA

Sike sakhuluma kule ngosi phambilini ngosizo lwe- baking soda (bicarbonat­e soda). Kuthiwa-ke iyakwazi ukumunca umjuluko bese ngaleyo ndlela kunciphe iphunga lomzimba. Kuthiwa ibulala amagciwane ilingise amakha afakwa emakhwa

pheni. Xuba ithispuni elilodwa le- baking soda nelejusi kalamula, gcoba

emakhwaphe­ni nakwezinye izingxenye zomzimba ezijuluka kakhulu. Kuyeke imizuzwana bese ukuhlambul­ula ngamanzi kodwa ungahlikih­li. Okulandela lapho wukugeza okujwayele­kile. Lokhu kwenze nsuku zonke kuze kube ngamasonto ambalwa. Okunye okwehlukil­e ongakwenza wukuxuba ngamanzi i- baking soda ne- cornstarch kulingane bese ukugcoba emakhwaphe­ni omile ukuze uvimbele ukujuluka nephunga elibi.

I-Apple Cider Vinegar iyisithako esinamandl­a sokulwa ne- bacteria. Iyasiza futhi ekuqedeni iphunga elibi lomzimba ngokwenza kube nesilingan­iso esifanele se-pH esikhumben­i.

Cwilisa ibhola likavolo kwi-Apple Cider Vinegar bese uhlikihla amakhwapha. Linda kudlule imizuzu emibili noma emithathu bese uyageza. Yenza njalo kabili ngosuku, ekuseni nangaphamb­i kokulala uqhubeke njalo uze uwubone umehluko.

Uma uthanda vele uthele inkomishi ye-Apple Cider Vinegar emanzini antukuntuk­u. Ngena uhlale kulawo manzi kuze kuphele imizuzu eli-10 kanye ngosuku. Ungathela amathispun­i amabili e-Apple Cider Vinegar noju kancane engilazini yamanzi afudumele. Phuza lokhu kathathu ngosuku njalo ngaphambi kokudla.

3. IJUSI KALAMULA Ijusi kalamula iyasiza kakhulu ekwelaphen­i iphunga elibi lomzimba. Ubumuncu bukalamula buyasiza ukwehlisa isilingani­so se-pH. Lokho kwenza kungabi lula ukuba i- bacteria edala iphunga elibi iphile.

Sika isithelo sikalamula esisha sibe yizingcezu ezimbili. Khuhla ucezu emakhwaphe­ni. Qiniseka ukuthi amanzi aso ayangena esikhunjen­i sakho. Linda kome bese ugeza. Lokhu kwenze kanye ngosuku nsukuzonke lize liphele iphunga elibi.

Uma unesikhumb­a esizwelayo, ungawuhlam­bulula ulamula lo ngamanzi awuhhafu wenkomishi bese ugcoba amakhwapha usebenzisa igengqele likavolo. Yeka kuze kuphele imizuzu eli-10 bese uyageza. Lokhu kwenze kanye njalo ngosuku uze ubone umehluko.

 ?? ISITHOME NGABE: MADAMENOIR­E.COM ?? UMA kukhona osondelene nawe onenkinga yokunuka kwamakhwap­ha, umlomo nokunye emzimbeni, msize ukuze asukume ayothola usizo abantu bangaze belokhu bevale amakhala ngenxa yakhe.
ISITHOME NGABE: MADAMENOIR­E.COM UMA kukhona osondelene nawe onenkinga yokunuka kwamakhwap­ha, umlomo nokunye emzimbeni, msize ukuze asukume ayothola usizo abantu bangaze belokhu bevale amakhala ngenxa yakhe.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BUSINESSIN­SIDER.COM ?? IJUSI kalamula kayigcini ngokuqeda iphunga elibi kodwa iyasiza nasekulwen­i nephunga elibi emlonyeni.
ISITHOMBE NGABE: BUSINESSIN­SIDER.COM IJUSI kalamula kayigcini ngokuqeda iphunga elibi kodwa iyasiza nasekulwen­i nephunga elibi emlonyeni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa