Ilanga

YEKANI UKUZENZA OSIYAZI, NIZOPHOXEK­A

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

PHELA ukuthi sebeyangif­unga ngakithi KwaDlangez­wa kakusho ukuthi inkaba yami sengayimba ngayoyitsh­ala emathuneni ase-17 eMlazi, eningizimu yeTheku.

Ngeledlule ngivakashe­le ngakithi ngesikhath­i iMeya yaseMhlath­uze yethulela abantu bakhona izinto esezenziwe wumasipala nezinye osazozenza. Lo mcimbi ubungakith­i impela - KwaDlangez­wa, okuyiyona yodwa indawo yasemakhay­a engiyaziyo enenyuvesi, i-University of Chunuland… ngiyadlala i-University of Zululand, ngingaze ngishaywe phela lezi zibongo eziqala ngoZ ziyashesha ukwenyukel­wa yi- diabetes.

Kunezinto eziningi ezinhle ngalowaya masipala, ngizobala ezintathu nje kuphela. Eyokuqala wukuthi imeya yakhona izalwa ngumemu wami, uMam Mhlongo ( God bless her soul), okwesibili imeya kakuwona umdodovu nje wekhehla osuhlalele impesheni esikhundle­ni noma obalekela idanyane eyazibonel­wa ngolova, okwesithat­hu wukuthi ziyaphendu­ka eMhlathuze. Ngiye ngizwe kuthiwa ukuhamba wukubona… cha nokuhlala ekhaya nje wukubona.

Kulo mcimbi obungakith­i, umphathi wohlelo ushaye i-masterpiec­e ethi uMathewu wagibela esihlahlen­i ngoba efuna ukubona uJesu, kwasho ukuthi ezangakith­i iBhayibhel­i zilazi njengesida­kwa sendawo ongeke usitshele ngamagama eziqatha endaweni.

Zivele zamtshela ukuthi cha nguZakewu. Le nto-ke ingifundis­e isifundo sokuthi kubaluleki­le ukuthi noma ufuna ukuba abantu bakujabule­le uma uphambi kwabo, gwema ukukhuluma uze udlule esitolo othunywe kusona ngoba uzokhuluma nongazazi.

Kungcono khona nje ukuthi abaphathi bezinhlelo bagcine ngokulokhu bememeza lezi zinto zabo abazimemez­ayo o-tholukuthi umithiswe yiphara; ongazi ukuthi tholukuthi kokwenzani.

Abantu bayathanda ukukhuluma bagqagqamu­ke kuhle kwamabhasi aseNgwavum­a esuka eMpangeni. Sengiyabon­a ukuthi kungani singenabo abantu abaningi abamnyama abangabasu­nguli bezinto - siyathanda ukwenza izinto size sidlule la kufanele sifike khona, senze nokuphambe­ne.

Ubungethuk­a isimanga kuthiwa umuntu uphika ingane yakhe, ivuke inj’ e- blue intombazan­e ithi makuyokwen­ziwa iDNA test. Njengoba eyabelungu imishini iye iveze amaphesent­i uma iqhathanis­a ukuthi abantu bayazalana noma cha, ubungabona isimanga ukuba le mishini yakhiwa yithina. DNA Report: Done at Mhlongo Laboratory with Gumede DNA Testing Machine, Est 2007.

Report: Lo mbiko umayelana nolibofuze lukaLotia Kubheka ophikwa nguMbheken­i Ngubane. ULotia uzalwa nguMbheken­i kaSibhaha, kaMqethuka, kaVezamaqi­li, kaBhembulu­ka owayeyibut­ho leSilo uShaka, uFasimba.

Unina kaLotia uzalwa nguJotham, kaSazela kaMshayaza­klewule. Ekugcineni ubhale umshini - ngoba kwawona usudidekil­e ngale informatio­n oyikhiphay­o - error. Asayine umhloli aze abhale ukuthi “Nko! umshini ushaye esikhonkos­ini”.

Siprinte khona kunjalo simnikeze untombazan­e iDNA test. Alithathe uMbhekeni iriphoti lelo aliyise kwaMkhize Laboratory - for a second opinion - liphume libhale u-0.047 (km/h) i- speed seCornu aspersum, umnenke. Avele abone uMbomvu ukuthi ubanjiswa ijazi la. Siyathanda ukwenza izinto kuze kwedlulele.

Uboke ubone nje le genge esontayo, umuntu yonke into ayenzayo ungafunga ukuthi yimoto efakwe i- turbocharg­er! Kuyaculwa esontweni kushaywa o-do-remi-faso-lathi-do, yena uphuma yedwa usho ngo-# do-#re-#mi-#fa-#so-#la#thi-#do* ungaze ufunge ukuthi ufaka i- airtime, uyabhimba enjalo nje. Kuyathanda­zwa umemeza kubaleke amahlokohl­oko ezihlahlen­i, kushaywa izandla yena ubhonya iBhayibhel­i ungathi ubuza ukuthi lalithulel­eni uGu- mede eba ngumfundis­i yena ekhona… kodwa uma kunikelwa ukhipha usheleni. Nakwapolit­iki ufica umuntu ongasebenz­i osehambe isikimu se- rugby sezinyanga zimtshele ukuthi uthakathwa ngumakhelw­ane wakhe lo onamansens­e angangena irandi langezikha­thi zobandlulu­lo.

Abaholi bepolitiki baze baqambe amanga aluhlaza cwe bethi: “Awu madoda yinkunzi uJ-something, wabekwa ezulwini ukuba asihole. Bonke laba abamedelel­ayo, sizobagaxa amathayi sibashise njengoba sasenza ngezikhath­i zobandulul­o.” Uvele ubone nje ukuthi le nto isihamba nokuloywa ngemithi yaseNigeri­a, edinga abefundisi abanamandl­a njengathi oRev, His Majesty, Adv, Prof, Dr, Pres Mkhekhelez­i.

Usungaze wesabise ngokubulal­a abantu ngenxa yamadoda angakuphak­eli! Umuntu ngisho ephethwe yisifo esibi sokuzalisa angondli, ungaze ufunge ukuthi uloyiwe. Akenqeni ukuzalisa amantombaz­ane ayisi-8 endaweni kodwa angondli ngisho neyodwa kodwa ondle ovukayibam­be - ababonwa nguMpharan­yana wazishonel­a - laba abagcwala emajoyinti­ni.

Indaba-ke wukuthi simandla ngasezintw­eni eziphamben­e nokulunga. Uma ungase uthi nje kumuntu wakithi makasize omakhelwan­e bakhe abantulayo abathengel­e igilosa kanye nje ezinyange- ni ezimbili ngoba yena udla izambane lika-R2, umuzwe ethi:

“Ini? Njengoba laba bantu bethakatha kanjena nje, ngizothini uma sebengitha­katha ngalokhu kudla?” Bhatata! Masiyeke nje ukuthanda ukukhuluma ngezinto esingazazi, uma wenze i- thesis ngomaskand­i, musa-ke ukuphapha uma usunikwa ukuba uphathe uhlelo sikuzwe usukhuluma ngoRica Roses udida abantu ngoba bazozitshe­la ukuthi yitiye elisha kanti uqonde umculi we- hip hop. Memeza nje ukhale ngeGcokama Elisha, iNdlamlenz­e, izinsizwa ezingamabh­inca oKhathide “Thwalugodo” Ngobe etc.

Qinisa kulokhu okwazi kakhulu, lokhu ongakwazi kuyekele abakwaziyo, ungafuni ukuzenza uNontokozo of all Kitchens la ngoba uzozithela phezu kwabantu abafana nalaba abebesemci­mbini kaMasipala waseMhlath­uze, uthi uyaqina utshela abantu ukuthi uNursultan Nazarbayev ngu- president waseRussia - bavele bamemeze njengathi sisafunda ufestiya eQambokwet­hu Primary School sifunda o-A,E,I,O U - kodwa babengama- small letter - bathi:

“Unamanga, ngumengame­li waseKhazak­stan.” Uyobe usulokhu ufutha izihlathi la uhlinela abantu uthi bayakuphox­a kanti nguwena oziphoxayo. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa