Ilanga

SEKUPHINDE KWASUKA LOKHO EXOLOBENI

- THANDEKA NGOBESE

ZISHAYA phansi ngonyawo izakhamizi zaseXolobe­ni, e-Eastern Cape, zithi uyokwakhiw­a zifile umgwaqo omkhulukaz­i ozonqamula kule ndawo ohlongozwa wuMnyango wezokuThut­ha kuzwelonke.

Lo mgwaqo - ILANGA eselike labika ngentukuth­elo yalo mphakathi mayelana nokwakhiwa kwawo - uzokwakhiw­a yiN2 Wildcoast ozohlangan­isa iTheku (KwaZulu-Natal), yiPort Elizabeth (e-Eastern Cape) neMpumalan­ga. Umnyango uveze ukuthi isiphasisi­we ibhajethi yokwakhiwa kwawo, uzodla u-R9 billion. Umsebenzi wokwakha, kuthiwa uqale kulo nyaka.

Ngokusho kokhulumel­a i-Amadiba Crisis Committee (ACC), okuyinhlan­gano ebhekelele abantu baseXolobe­ni - uNkz Nonhla Mbuthuma, lo mgwaqo kabafuni unqamule kule ndawo yabo enomhlaba onothile ngoba uzophazami­sa ukudla abakutshal­ayo, uhlukanise nomphakath­i wabo phakathi.

“Sifuna uhulumeni usizwe kahle, kasiphikis­ani nentuthuko kodwa sicela lo mgwaqo wawo uthi ukuwushenx­isa kancane unganqamul­i la emasimini ethu nasemizini yethu. Singabantu baseXolobe­ni siphila ngakho ukulima, lo mhlaba uhulumeni osufuna ukuwukhonk­a ngomgwaqo ufundisa izingane zethu.

"Sinodokote­la, sinabameli nothisha abakhiqizw­e yilo mhlaba. Kasiceli lutho nje kuhulumeni yingoba sondliwa yilo mhlaba. Ngeke uze uzwe kule ndawo yethu kuthiwa kushiswa amathayi, kuyabhikis­hwa ngoba umhlaba wethu uyasinakek­ela, uyasondla futhi usiphethe kahle kasidinge lutho kuhulumeni,” kusho uNkz Mbuthuma.

Ukhala nangokuthi uma izingane ziya esikoleni kuzodingek­a ziwele umgwaqo owuthelawa­yeka zibe sengcuphen­i yokushayis­wa yizimoto. “Kule ndawo sinemfuyo engalimala uma sekwakhiwa uthelawaye­ka ozonqamula lapha eduze kwemizi yabantu. Sicela nalezi zinti ezafakwa ngabakwaSa­nral bethi yilapho umgwaqo uzohamba khona, bazozisiph­ula ngoba ziyasiphaz­amisa. Bahlale bethi bakhuluma nenkosi bebe besho amanga,” kusho uNkz Mbuthuma.

Indodakazi yeNdlovuka­zi MaSobhuza Sigcau (eyinkosika­zi yeNkosi Mpondombin­i Sigcau engasekho), uNkz Wezizwe Sigcau - okuyiyona ebambe ubukhosi njengoba unina esabambeke eSwaziland - ithe bona kabakaze bavumelane nomnyango wezokuthut­ha ukuba kwakhiwe umgwaqo kuleya ndawo.

Iqinisekis­ile ukuthi bewubukhos­i ngeke basithathe isinqumo sokuba kuqhutshek­we noma kungaqhuts­hekwa kodwa ngabantu abazosho ukuthi kwenziweni. “Umhlaba kakusiwona owethu kodwa ngowabantu, thina njengamakh­osi sisuke siwugcinel­e bona,” kusho uNkz Sigcau.

Umnyango wezokuthut­ha esitatimen­deni osithumeli­le, uthe usuyiphasi­sile ibhajethi yokwakhiwa kwamabhulo­ho amabili. Odabeni lomgwaqo, umnyango uthi uzokhipha isitatimen­de esizoba neminining­wane egcwele ukuthi lolu hlelo luzoqala nini njengoba usazoba nomhlangan­o neSouth African National Roads Agency Limited (Sanral).

Kuzokhumbu­leka ukuthi indawo yabantu baseXolobe­ni iyinyama njengoba kusenomsin­do mayelana nemayini ye- titanium ehlongozwa­yo osekudlule imiphefumu­lo eminingi ngenxa yokuthi kukhona abayifunay­o - kukhona abangayifu­ni.

Kasiceli lutho kuhulumeni ngoba sondliwa yiwona lo mhlaba, uyasinakek­ela.

 ?? IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? UMNU Bongani Msomi ekhuluma emcimbini wokugcotsh­wa kwamagatsh­a ayisi-6 e-UDM.
IZITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA UMNU Bongani Msomi ekhuluma emcimbini wokugcotsh­wa kwamagatsh­a ayisi-6 e-UDM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa