I-UDM YELULE ISANDLA EMINDENINI ESWELE
IPHENDUKE uvemvane - oluhlobe ngemibala emihle - eMkhanyakude, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, i-United Democratic Movement (UDM) ikhipha iminikelo ngesikhathi igcoba amagatsha ayo ayisi-6 KwaMhlabuyalingana emcimbini obuseHlokohloko Hall, eMboza ngoMgqibelo.
La maziko abegcotshwa ngokusemthethweni ngunobhalajikelele we-UDM, uMnu Bongani Msomi, obehambisana noNkk Thandi Nontenja ongumgcinimafa kuzwelonke.
Lobu buholi bebuhambisana nobesifundazwe KwaZulu-Natal obebuholwa nguMnu Philani Dlamini ongusihlalo. I-UDM iqale ukubonakala kule ndawo (KwaMhlabuyalingana) ngoNdasa (March) kanti iningi lamalunga ayo liseMtubatuba, eMkhanyakude. Ngaphambi komcimbi, ubuholi besifundazwe buqale ngokuyovula ngokusemthethweni indlu eyakhelwe umndeni wakwaMdluli onamalunga ayisi-7 obusulale etendeni isikhathi eside.
UNkk Nontenja uthi le ndlu yakhiwa nje, yingoba bebethole imibiko ngesimo salo mndeni beyinikwa nguMnu Sboniso Mabika, ongumgqugquzeli waleli qembu eMkhanyakude.
“Lokhu sikwenza ngoba vele kuwumgomo weqembu lethu ukuba silekelele abaswele uma nje amandla ekhona. Kuyisifiso sethu ukuqhubeka silekelele nabanye abaswele izindlu zokulala njengawo lo mndeni wakwaMdluli,” kusho uNkk Nontenja. UNkk Ntombi Mdluli (55), ohola lo mndeni, ubonge kakhulu ezikhu- lwini zaleli qembu.
“Ekugcineni sengilala endlini njengabo bonke abantu, ngibonga kangiqedi kubaholi baleli qembu. Ngibonge nomfana kaMabika ngokuhambisa udaba lwami ezikhulwini, bese ngiphile impilo ebuhlungu yokulala etendeni iminyaka eminingi.
"Uma kumakhaza itende liyabanda, uma kushisa, lishisa kakhulu. Benginethwa yimvula ngilele. Besingakwazi ngisho ukugqoka izimpahla eziphilayo, kwesinye isikhathi bekuphoqa ukuba siyoquba komakhelwane,” kusho uNkk Mdluli.
Ethula inkulumo yakhe uMnu Msomi, unxuse amalunga aleli qembu nawomphakathi nje jikelele ukuba ayethembe i-UDM ngoba iza nomehluko.
Ephawula ngeminye yemigomo yaleli qembu, uthe kalikholelwa ekugxekeni amanye amaqembu noma abaholi bawo ngoba uma ukhuluma ngabo kakwehlukene nokubakhankasela.
Uphethe inkulumo yakhe ngokunikelela ibandla labaPhosto- li elikhonzela ngaphansi kwesihlahla ngobhazabhaza wetende, yizihlalo zalo namajezi kanobhutshuzwayo adluliselwe emaqenjini endawo ayisi-6. “Nami ngizalwa emakhaya, ngilwazi kahle usizi lwemindeni eminingi nokweswela kwamabandla. Kusemizweni yami ukuba ngifukule ezemidlalo lapha eMkhanyakude.
"Sicela nibethembe ubuholi bethu ngoba ngaphakathi enhlanganweni, sinendlela yokuqeqesha abaholi ukuze bangafaki igama lenhlangano ehlazweni lenkohlakalo. Kwamanje yithina sodwa esingakaze sinukwe ngenkohlakalo.
"Maduze sizobuya sizokwenza eminye imisebenzi, sizimisele ngokuwupenda ngombala ophuzi uMkhanyakude wonkana.
"Okusithokozisayo wukuthi iningi lamawadi kubona bonke omasipala (abangaphansi koMkhanyakude) sinamalunga. Siyethemba ukuthi sizokwenza umehluko ezinkethweni ezilandelayo, ikakhulukazi olukazwelonke,” kusho uMnu Msomi.