Kukhalwa ngedimoni elihlasele ezikoleni
Kuthiwa kunabasebenzisa abafundi ukushushumbisa izidakamizwa
SIKHULU isililo ngokucanasa kwedimoni ezikoleni zaseKokstad, eningizimu yeKwaZulu-Natal.
Kubikwa ukuthi kudlange ubugebengu, wudlame nezidakamizwa njengoba kunezigameko ezibikwa mihla namalanga zokugwazana kwabafundi emagunjini okufundela kanti ibhizinisi lokushushumbisa izidakamizwa ngaphakathi emagcekeni ezikole, ikakhulukazi i-nyaope ne- mercedes kuthiwa lihamba phambili.
Lesi sililo sizwakale nakusomlomo kaMasipala iGreater Kokstad, uMnu Zolani Mhlongo, oqhuba uhlelo lukamasipala lokuvakashela izikole zakuleya ndawo ukuyoxwayisa abafundi ngobungozi bokusebenzisa izidakamizwa, utshwala nangokuziphatha kwabo.
Uzwakalisa lesi sililo nje, kakukapholi maseko kugwazane abafundi abalinganiselwa eminyakeni eli-15 ubudala, baseCarl Malcomess Secondary School, eBhongweni, eKokstad, emuva kwengxabano.
Kubikwa ukuthi indaba isukele ekutheni omunye alingise ukugwaza uzakwabo ngepeni kanti yena uphethe ummese, wawukhipha wambhokoda amanxeba amathathu khona esikoleni. UMnu Mhlongo uthi kunzima ukuba isikole siphatheke ngoba kasibiyiwe, izingane zingena noma yikuphi okwenza unogada ohlala esangweni agcine esesebenza umsebenzi wokuvulela izimoto kuphela.
“Esikuqaphelayo wukuthi izikole zethu zikhungethwe wubugebengu bamaqembu abafundi,” kusho uMnu Mhlongo. Uthe ngisho othisha kabasebenzi ngokukhululeka ngoba kunamalunga omphakathi azichanaselayo emagcekeni ezikole, okubikwa ukuthi asebenzisa abafundi ukwenza amabhizinisi abo ezidakamizwa.
“Okubuhlungu wukuthi izikole zethu zingezinye ezibalwa nezihamba phambili ekukhiqizeni imiphumela emihle KwaZulu-Natal kube kunamalunga omphakathi asebenzela ukubulala ikusasa lezingane,” kusho uMnu Mhlongo. Uthe nokho ngeke bakhathale ukuba yingxenye yezikole. Unxenxe nabazali ukuba bangenelele ekulweni nalesi sihlava.
“Ngikhuluma nje, kunothisha otholwe elokishini egwazwe wa- bulawa, okuthe uma sekulandelelwa kwatholakala indaba isuke engxabanweni abe nayo nabafundi. Ngeke wazi-ke ukuthi ubulawe ngubani,” kusho uMnu Mhlongo.
Ngaphandle kwalezi zinkinga ezibikwayo ezikoleni, eCarl Malcomess kunothisa omisiwe okubikwa ukuthi kusabalele i- video yakhe lapho ebhaxabula khona umfundi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mhlambi, ukugxekile ukushaywa kwezingane wathi kuvalwe ngowe-1997 futhi kakulungile. Uthi kubaphatha kabi kakhulu ukuthi ezinye zezikole seziphenduke indawo yezidakamizwa kodwa wathi bazoqhubeka nohlelo lomnyango lokugasela namaphoyisa ezikoleni zingazelele kuboshwe abafundi abatholwa nezinto ezingalungile emagcekeni ezikole.
Unxuse abazali ukuba bazibheke njalo izikhwama zabantwana babo uma beya esikoleni ukuthi kazinazo yini izikhali nezinye izinto eziphambene nomthetho. Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi kalikho icala elivuliwe njengoba kubikwa ukuthi udaba lungenelwe ngabazali.