Ilanga

USESIYEKIL­E ISIBHAKELA U-FLOYD MAYWEATHER

- SENZO SOKHELA

USEDELILE yisibhakel­a uFloyd “Money” Mayweather wase-United States of America (USA) emuva kokuba engqimuze kabuhlungu uConor McGregor waseRepubl­ic of Ireland izolo ngeSonto ekuseni eLas Vegas, e-USA.

UMcGregor ulanyulelw­e ngunompemp­e ngomzulisw­ano we-10 kucaca ukuthi ziyamutiny­ela izibhakela. Le mpi bekungesiy­ona eyesicoco kodwa bekungeyeb­hade lemali (money belt) elakhiwe ngesikhumb­a sengwenya, yigolide namadayima­ne nobunye nje ubukhazikh­azi.

UMcGregor obekuyimpi yakhe yokuqala esibhakele­ni esikhokhel­ayo, ubethishwa ukunqoba kwazise uyingqwele yeMixed Martial Art (MMA), okuwumdlal­o lapho usebenzisa ngisho izinyawo ukulwa.

Nokho kumbhedele njengoba uMayweathe­r ezibeke emlandweni wokunqoba izimpi ezingama-50 engakaze ehlulwe. Uphule irekhodi likaRocky Marciano olwe izimpi ezingama-49 engakaze ehlulwe.

UMayweathe­r uthi usenele yisibhakel­a, usephuma unomphelo ngeke esabuyela eringini. “Sengizogxi­la ekuphromot­heni izimpi, eyokulwa ngeke ngisakwazi. Le mpi bese kungeyokug­cina ngingena eringini, sengenele manje yisona.

"Sesifikile isikhathi sokunika abanye ithuba. Noma ngingabeke­lwa malini ukuthi ngibuyele eringini ngeke ngisakwazi umzimba kawusavumi kanti nesivinini sezandla zami kasisafani nakuqala kwazise iminyaka isihambile.

“Bengazi ukuthi le mpi ngizoyinqo­ba kwazise uMcGregor akasiyena umuntu wesibhakel­a ubengeke alunge uma imizuliswa­no isihambile, bengivele ngikulinde­le ukuthi uzokhathal­a.

"Sengimshay­a ubumbona nasemehlwe­ni ukuthi usefuna ukusebenzi­sa izinyawo. Nokho akakwazang­a ukwenza lokho ngenxa yokuthi imithetho kayimuvume­li,” kusho uMayweathe­r obeshaya ibuya esibhakele­ni emuva kokushiya eminyakeni emibili eyedlule.

UMcGregor uthi uzokhohlwa kancane yisibhakel­a abuyele kulokhu akwazi kangcono, iMMA.

“Isibhakela sinzima bengisitha­tha kancane, ukungena eringini ubhekane nenye indoda akuyona into elula. Ngendlela ebengiyiji­mele ngayo le mpi bengibona ngizoyinqo­ba kalula kodwa izinto zajika uma sengiserin­gini. Kuyakhatha­za ukulwa. Ngivele ngakhathal­a ngawudaka kodwa-ke unondweba bekufanele angiyeke ngize ngiwe angangilam­uleli,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa