UJomo angase axoshise umqeqeshi
Abashelwa yiDowns bafake izicelo zokukhululwa
IJOMO Cosmos ingase ixoshise uShaun Bartlett ongumqeqeshi we-University of Pretoria ebhudluzwe ngezeNkosi ngo-5-0 koweNational First Division (NFD) izolo ngeSonto e-Olen Park, eNorth West.
ILANGA lihabule ukuthi izikhulu zeTuks zibhodla umlilo ngombozo odlalwe yile kilabhu kangangoba sezicabanga ukuqasha uSerame Letsoaka ukuthatha indawo kaBartlett osolwa ngokuba nemisebenzi eminingi emaceleni okwenza angabi nesikhathi esanele sokulola kahle le kilabhu edume ngeleTuks.
Kuzo ezeNFD, ubengekho ebhentshini leBlack Leopards uJean Loscuito ongumqeqeshi njengoba ebhentshini bekuhleli u-Abel Makhubele, u-Aubrey Mathibe no-Andrew Rabutla ngesikhathi le kilabhu ibambana noBuntu Cape Town kuba ngu-2-2 eGiyani.
U-Asavela Mbekile weMamelodi Sundowns kuqina izinsolo zokuthi uli-bhekisa kwi-Orlando Pirates ejabulela izindaba zokukhombisa izimpawu zokululama ngokushesha kukaThembinkosi Lorch.
Kuzo ezeDowns, kubikwa ukuthi uJeremy Brockie weSuperSport United noLebogang Manyama weCape Town City sebefake izincwadi zokucela ukukhululwa emakilabhini abo ngoba befuna ukujoyina izingqwele zaseAfrika.
Nokho iSuperSport isalokhu ishaya pha- nsi ngonyawo ithi ngeke imdedele lo mgadli ofunwa nayiBucs.
Isiyonke imiphumela yeNFD imi kanjena: Black Leopards 2, Ubuntu Cape Town 2; Mthatha Bucks 2, Tshakhuma Tsha Madzivhadila 0; Jomo Cosmos 5, Pretoria University FC 0; Royal Eagles 1, Highlands Park 2; Real Kings United 1, Witbank Spurs 1; Stellenbosch 1, uThongathi FC 1; Super Eagles 1, Mbombela United 3; Cape Town All Stars 1, Richards Bay FC 0.
Eye-English Premiership: Tottenham 1, Burnley 1; Liverpool 4, Arsenal 0; West Brom 1, Stoke City 1; Chelsea 2, Everton 0; Man United 2, Leicester 0; Watford 0, Brighton & Hove Albion 0; Newcastle United 3, West Ham 0; Huddersfield Town 0, Southampton 0; Crystal Palace 0, Swansea 2; AFC Bournemouth 1, Man City 2.