Ilanga

Kabaliphon­si ithawula nge-Europe

- SENZO SOKHELA

UMNIKAZI we-Ajax Cape Town u-Ari Efstathiou akaliphons­i ithawula ngokudayis­a e-Europe umdlali wakhe omqoka okuvela ukuthi ufeyile izivivinyo zempilo.

I-Urban Warriors imemezele ngokusemth­ethweni ngeledlule ukuthi uRivaldo Coetzee odlala emuva kuyona uyahamba kule kilabhu usejoyine izingqwele zaseScotla­nd, iGlasgow Celtic.

Nokho lishone elangoMgqi­belo sekusabale­le izindaba zokuthi lo mdlali ngeke esasayina nale kilabhu yase-Europe ngenxa yokuthi ithole ukuthi unokulimal­a okuzothath­a isikhathi ukuthi kuphole.

Ukuvela kwalezi zindaba kuthiwa kakwehlang­a kahle kulo mdlali kwazise ubesejabul­e ezitshela ukuthi uzothola ithuba lokudlala i-Uefa Champions League okuyiphuph­o lanoma yimuphi umdlali ukugijima kulo mqhudelwan­o. Kuthiwa ngaphandle kwalokho, lo mdlali ubesebalil­e ebona ukuthi izoshintsh­a impilo yakhe njengoba ubehola imali engatheni kwi-Ajax.

Kuthiwa ubetshela abangani bakhe ukuthi ufuna ukuthengel­a umndeni wakhe isithabath­aba somuzi.

U-Efstathiou oyisikhulu esiphezulu kwi-Ajax, ophinde abe ngumnikazi wale kilabhu, uthi bazokulwel­a ukuthi lo mdlali abuyele phesheya.

“Sidumele ngokuthi uCoetzee akasezokuy­a ukuyodlala phesheya kodwa-ke ithawula kasiliphon­sile, sizomelaph­a ngokweqoph­elo eliphezulu. Kungenzeka abuyele khona ngoMasinga­na (January) ngoba uphethwe yinkampani eseqophelw­eni eliphezulu,” kusho u-Efstathiou.

Imizamo yokuthola uMike Makaab wakwaProsp­ort Internatio­nal okuyinkamp­ani ephethe izindaba zalo mdlali iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungange­ni.

Kuvela ukuthi uMakaab ubesase-Europe njengoba ebeyolungi­sa udaba lukaCoetze­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa