Ilanga

Mawayekwe amaNazaret­ha azinqumele ngamapheph­a

-

SIZWA sidumala ukuthi usaqhubeka umkhankaso wokuba amalunga ebandla lama Nazaretha aseBuhleni ayeke ukuthenga amaphephan­daba amabili esi Zulu okubalwa kuwona lona uqobo ILANGA. Leli phephandab­a lizwe inkulumo eqoshiwe yomunye umfundisi ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho ebiza khona amaNazaret­ha ngabantu abangasile ngoba kabawulale­li umyalelo we Nkosi Mduduzi “uNyazilwez­ulu” Shembe wokuba la maphepha angathengw­a.

Lo mfundisi uze athi uma unkulunkul­u (UNYAZI) esethe into ingenziwa, kumele iyekwe. Kasisho-ke ukuthi amaNazaret­ha mawaphamba­ne nemiyalelo yabaholi bawo kodwa esikuqaphe­layo lapha wukuthi uma abefundisi bezoshusha abantu ukuba bangawathe­ngi la maphephand­aba, ngeke kulimale wona kuphela (ngezibalo zokuthengw­a) kodwa kuzolimala namaNazare­tha.

Kumele abaholi baleli bandla bakhumbule ukuthi iningi labantu ababaholay­o, lidla imbuya ngothi izinkinga zalo eziningi zixazululw­a yiwona la maphephand­aba. Kuke kubhalwe kula maphephand­aba ngezingqin­amba eziye zibhekane nabafundi abangamalu­nga angamaNaza­retha ezikoleni lapho behlukunye­zwa, bechashwa ngezinhlam­ba kuze kuthiwe bakhonza umuntu. Ukubhala kwala maphephand­aba kuye kunyakazis­e izikhulu zisukume - bethule du njalo abaholi bebandla ngoba izingane zifika emakhaya zibike.

Kokunye, kunezinkin­ga nje zasemphaka­thini eziye zibhekane namalunga omphakathi - kungakheth­ekile ukuthi ngamaNazar­etha, amaKristu, amaHindu, amaSuluman­e njalo njalo - eziye zisukunyel­we ngoba sekubhalwe kula maphephand­aba. Izingane ezingama Nazaretha - eziphuma emindenini edonsa kanzima - zithola imifundaze ngenxa yokubikwa kosizi lwazo kula maphephand­aba, omama abondla izingane ngabodwana bengaseben­zi, bathola usizo ngokuba la maphephand­aba awuhlabe awulawule njalo njalo.

Lokhu-ke kwenza sicabange ukuthi umholi ongavimbel­a abantu ukuba bathole usizo ngokufunda la maphephand­aba yingoba kusuke kukhona yena angafuni kubhalwe abona ukuthi kuzomeneka ubuze bakhe. Le nto ifana ncimishi nebiyenziw­a ngosopolit­iki abebekhank­asela ukuba uMengameli Jacob Zuma athathe esokuhola i-African National Congress (ANC) ngowezi-2007 nangesikha­thi engena ephuma ezinkantol­o ngesikhath­i kuyiwa okhethweni lukazwelon­ke ngowezi-2009.

UDkt Blade Nzimande uke watshela abantu abebegcwel­e eSugar Ray Xulu Stadium ngomunye unyaka ukuthi bangayithe­ngi iCity Press - ngoba ibingabhal­anga kahle ngoMnu Zuma. Kasikuboni-ke kusiza ukuba kuvinjwe abantu ukuba bathole ulwazi.

Uma uHendrik Verwoerd engavuka, kasingabaz­i ukuthi angajabula ukuzwa ukuthi kunomuntu ompisholo ogqugquzel­a ukuba abantu bakubo bangazi lutho ngezinye izinto ezenzeka eNingizimu Afrika - kakhulukaz­i lapho behlala khona. Amaphephan­daba aqala ukubhala ngebandla lamaNa-zaretha lisaholwa nguPhrofet­hi Isaiah “Mqaliwendl­ela” Shembe, kwaba yiNkosi Galilee “iLanga” Shembe kodwa kasikhumbu­li ngisho ezintshuma­yelweni zasezitime­leni kuthiwa laba baholi bake bathi mawangafun­dwa amaphephan­daba, ingalalelw­a imisakazo njengoba lo mfundisi ebesho ethi uKhozi lungalalel­wa ngoba amaNazaret­ha “azolalela oMpanza (Mthandeni weNew Nazareth Baptist Church) ngoba nabo bathi bangoShemb­e”.

Ulwazi luyasiza ekubeni ukwazi nokuzivike­la kwabakuhla­selayo ngamazwi. Uma-ke abantu betshelwa ukuba bakhethe amaphephan­daba abazowafun­da, sibona kukhona okuzobashi­ya.

Empeleni nje, iNkosi iLanga iyaziwa ngokugqugq­uzela amaNazaret­ha ukuba abe nolwazi, mabayekwe abantu bazinqumel­e ukuthi bayathanda yini ukuthenga amaphephan­daba, bangaqanga­niselwa uma bewathenga ngoba iqiniso elibuhlung­u wukuthi okuni-ngi okusemaphe­phandabeni esiNgisi kakuthinti kakhulu imiphakath­i empisholo emakhaya nasemaloki­shini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa