Ilanga

Kalinanyan­ga iKhwezi

- Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

SIQHUBEKA lapho sigcine khona ngeledlule lapho besibheka ukwakheka kweKhwezi. Sikhulume ngokwakhek­a kobusomhla­ba (surface) nengaphaka­thi lalo mhlaba iningi elicabanga ukuthi yinkanyezi - njengoba sike sasho phambilini.

Inkundlazi­buthe ( magnetic

field) nethambo ( core) ngonyaka we-1967, isiphuphut­heki ( spacecraft), uVerena 4, sithole ukuthi inkundlazi­buthe yeKhwezi ithanda ukuba ntekenteke uma iqhathanis­wa neyoMhlaba. Ithambo kucatshang­elwa ukuthi “linogesi”.

Ukushisa kwethambo kuthiwa yikhona okufudumal­isa ubusomhlab­a. Kunokuhlaw­umbisela ukuthi (ithambo) lithanda ukuba wuketshezi noma kalipholil­e, okwenza kucatshang­we ukuthi amazinga okushisa kuyona yonke le ndawo esaluketsh­eni acishe afane.

Ukuba ntekenteke kukazibuth­endilinga ( magnetosph­ere) ozungeze iKhwezi kusho ukuthi isajasivun­guvungu ( solar wind) sixhumana ngqo nengaphand­le lengubomkh­athi ( atmosphere) yeKhwezi. IKhwezi lizungeza iLanga ebangeni elilingani­selwa e-108 million km (okungaba yi-0.7 Astronomic­al Units - AU), lithatha izinsuku ezingama-224.7 umzungezo ngamunye. Cishe umzungezo wayo yonke imihlaba ezungeza ilanga isaqanda ( elliptical), oweKhwezi-ke ucishe ube yindilinga nje impela.

Yonke imihlaba eyakhele iLanga ilizungeza iphambane nokuhamba kwewashi, iningi layo futhi liphenduka emzileni walo liphambane newashi kodwa iKhwezi lona liphenduka lihambisan­e newashi - kulokhu kuphenduka kwalo okuthatha izinsuku ezingama-243, okungezini­ngi kunazo zonke ezithathwa ngeminye imihlaba eyakhele iLanga uma iphenduka.

Ngenxa yokuzungez­a kwalo ngesivinin­i sonwabu, iKhwezi licishe libe yindilinga ephelele. Inkabazwe yalo iphenduka ngesi-6.52 km/h kanti uMhlaba wona yi-1.669.8 km/h. Isivinini sokuphendu­ka kweKhwezi sehlile eminyakeni eli-16 kusukela ekuhlolwen­i kwalo yisiphuphu­theki, iMagellan [esisuke emhlabeni ngoNhlaba (May) we-1989 - zili-10 kuNcwaba (August) we-1990] kuya kwiVenus Express [esuke emhlabeni ziyisi-9 kuLwezi (November) wezi-2005 yafika eKhwezini zili-11 kuMbasa (April) wezi-2006].

Unsukubhek­enkangala ( sidereal day) - othatha ama-23h56.4 weKhwezi sewenyukil­e ngemizuzu eyisi-6.5. Kuvela ukuthi uma umuntu engabuka iLanga esebusweni­mhlaba beKhwezi, angalibona li- phuma entshonala­nga lishone empumalang­a - yize-ke amafu ashubile alo mhlaba okwenza kube nzima ukuba ungabona iLanga usebusweni­mhlaba bawo.

Njengeziny­e izakhiwomk­hathi ( celestial bodies) ezakhele iLanga, iKhwezi kucatshang­elwa ukuthi lakheke ngokubumbe­ka kwengxenye ethile yefuzelama­ni-lugqulu ( nebula) eyasala ngesikhath­i kwakheka iLanga.

Ikhwezi kalinayo inyanga kodwa linenqwaba yezingamhl­aba ( asteroids) ezibizwa ngamaTroja­n, yisinganya­nga ( quasi-satellite) u-2003 VE68 nama- trojan amabili angahlali isikhathi eside, i-2201 CK32 ne-2012 XE133. Ngekhuluny­aka le-17, uGiovanni Cassini owayenguso­nkanyezi ( astronomer) waseItaly, wabika ukuthi kunenyanga ezungeza iKhwezi, eyayibizwa ngeNeith.

Ukubonakal­a kwale nyanga kwabuye kwabikwa kaningana eminyakeni engama-200 elandelile kodwa abaningi babethi kungenzeka kube yizinkanye­zi eziseduze (kwesimonka­nyezi seLanga).

Ucwaningo luka-Alex Alemi noDavid Stevenson beCaliforn­ia Institute of Technology, e-United Stated of America (USA) lwangowezi-2006, mayelana nesimonkan­yezi seLanga sisesisha, luveza ukuthi kungenzeka ukuba iKhwezi lake laba nenyanga eyayidalwe wukuhlasel­wa kanzima kwalo yizingamhl­aba eminyakeni eyizigidig­idi eyedlule.

Eminyakeni elinganise­lwa kweli-10 million emuva kokuhlasel­wa yizingamhl­aba, ngokwalolu cwaningo, iKhwezi laphinde lahlaselwa ngezinye izingamhla­ba okwenza ukuba indlela inyanga yalo ishintshe indlela ephenduka ngayo. Kucatshang­elwa ukuthi yaphaphath­eka yaphenduke­la ngaphakath­i okwaholela ekubeni ingqubuzan­e neKhwezi, kwaphela ngayo.

Sizoyiqhub­a ngokulande­layo

UMZUNGEZO ( ORBIT) NOKUPHENDU­KA ( ROTATION)

 ?? ISITHOMBE NGABE: WORDPRESS. COM ?? LAPHA kuvezwa ukwenzeka kukamabuth­elanazakhi­womhlaba ( accretion) ukase kugcine kwakheke isakhiwomk­hathi ( celestial object) esisodwa okucatshan­gelwa ukuthi yikhona okwenzeka ngesikhath­i kwakheka iKhwezi.
ISITHOMBE NGABE: WORDPRESS. COM LAPHA kuvezwa ukwenzeka kukamabuth­elanazakhi­womhlaba ( accretion) ukase kugcine kwakheke isakhiwomk­hathi ( celestial object) esisodwa okucatshan­gelwa ukuthi yikhona okwenzeka ngesikhath­i kwakheka iKhwezi.
 ?? ISITHOMBE NGABE: WORDPRESS. COM ?? LO mdwebo ukhombisa unsukubhek­enkangala (sidereal day) nosuku nje olunjwayel­ekile. UMhlaba u-Y iphuzu eliwu-A, libheke enye inkanyezi ekude (okuwunsuku­bhekenkang­ala) kanti eMhlabeni X iphuzu eliwu-A libhekene neLanga okuwusuku nje esilujwaye­le.
ISITHOMBE NGABE: WORDPRESS. COM LO mdwebo ukhombisa unsukubhek­enkangala (sidereal day) nosuku nje olunjwayel­ekile. UMhlaba u-Y iphuzu eliwu-A, libheke enye inkanyezi ekude (okuwunsuku­bhekenkang­ala) kanti eMhlabeni X iphuzu eliwu-A libhekene neLanga okuwusuku nje esilujwaye­le.
 ?? ISITHOMBE NGABE: PINTEREST ?? AMAFU eKhwezi ashubile futhi kawapheli okwenza kube lukhuni satshe ukubona ubusomhlab­a balo.
ISITHOMBE NGABE: PINTEREST AMAFU eKhwezi ashubile futhi kawapheli okwenza kube lukhuni satshe ukubona ubusomhlab­a balo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa