Ukuphucwa amaqatha kakuyitheni i-Arrows
Iyaqhubeka nomkhankaso wokuvundulula abadlali
UKUPHUNYUKWA ngezinye izinyamazane sezisemgodleni kweLamontville Golden Arrows ngeke kuyithene amandla le kilabhu kaMato Madlala ukuqhubeka nokuvundulula abadlali abasafufusa esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Lokhu kuzwakaliswe nguMandla “Mhloli” Ncikazi oyisekela likaClinton Larsen ongumlolongi waBafana Bes’thende ngesikhathi ekhuthaza abadlali abebebambe iqhaza emidlalweni kanobhutshuzwayo kwiNongoma Mayoral Cup ebingoMgqibelo ezinkundleni ezahlukene zakule ndawo.
Uvuthondaba beluKwaGqikazi Sports Ground lapho kuklonyeliswe khona bonke abenze kahle emidlalweni eyahlukene ebigijinywa lapha kulungiselelwa eyeZululand District Municipality ezokuba ngoMandulo (September).
UNcikazi ubethunywe yi-Arrows kulo mqhudelwano ukuzoyihlwayela abadlali abanekhono njengoba le kilabhu idume ngokuvundulula nokuthuthukisa abadlali besifundazwe.
NamaZulu FC asanda kushaya ibuya kwi-Absa Premiership abemelwe nguRonnie Moroka ophethe iqembu elizodlala kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC) abuye asize uCavin Johnson oyinhloko yabaqeqeshi oSuthwini. UMoroka ubehambisana no-Ayanda Mkhize obhekene nokuhlwayela uSuthu abadlali.
UNcikazi ukhuthaze abadlali baKwaNongoma ukuzimisela kukho konke abakwenzayo ebathembisa ukuthi le kilabhu kayibheki indawo umdlali aqhamuka kuyona, kodwa igxila ekhonweni elibonayo esuke ikholwa ukuthi lingapholisheka bese likhazimula.
Nokho ukhale ngokuthi kuye- nzeka kuthi sebeliqhakazisile ikhono labanye abadlali bazithole sebencela izithupha, labo badlali sebethathwe ngamanye amakilabhu.
“Baningi abadlali esibavundulula emidlalweni yalolu hlobo. Nakhona lapha eZululand sisanda kuvundulula uThembela Sikhakhane osedlala kumaZulu FC owathathwa yi-Orlando Pirates kithina. Akuyena yedwa bakhona nabanye okwenzeka okufanayo nakubona.
“Nokho sizoqhubeka nokubavundulula, ngeke siphele amandla ngoba ikhono siyalibona nakwabanye benu yize lisadinga ukulungiswa lapha nalaphaya,” kusho uNcikazi.
Lo mqeqeshi utshele ILANGA ukuthi bathathu abadlali abathathe iso lakhe kule midlalo. Uthe usazohlela kahle nabagqugquzeli bale midlalo ukuba laba badlali beze eThekwini ukuze i-Arrows izobabona kahle eduzane.
Ukuhanjelwa kwale midlalo yilaba baqeqeshi boSuthu ne-Arrows kuqinise idolo neMeya yaKwaNongoma, uKhansela uMangaqa Albert Mncwango ukuthi bakhona abadlali bakule ndawo, ekhungethwe wububha, abangadlala ibhola elikhokhelayo osekuphileka ntofontofo ngalo.
Lo mqhudelwano uvalwe ngabaculi abadumile bakamaskandi, uKhangelani “DSD” Mhlongo noMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele abahlanyise izihlwele ezidele amakhaza ashubisa umnkantsha yize bekulokhu kuphoxa ugesi obulokhu unqamuka izikhawu baze batheneka amandla laba baculi. zakhelem@