Ilanga

UPHUMELA OBALA UMATHOHO

Ukhala ngokulimal­a kwangesizi­ni edlule

- SENZO SOKHELA

U-ERIC “Tower” Mathoho odlala emuva kwiKaizer Chiefs naseqenjin­i lesizwe lakuleli iBafana Bafana uphumela obala ngesizathu esimenza ukuthi aboze. IBafana izodudulan­a neCape Verde Island emlenzeni wesibili wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba kusasa ngoLwesibi­li ngo19h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Emlenzeni wokuqala obungoLwes­ihlanu ebusuku kulo leliya lizwe iBafana iphoxile iguqiswa ngo-2-1 yileli qembu. UMathoho uthole ikhadi elibomvu kulo mdlalo ekhahlela umdlali weCape Verde endaweni engayona ingozi, singekho nesidingo sokwenza lokho. Ukwenza lokhu nje, iBafana ibizama ukukhava kwazise ibihlulwa ngawo u-2-1 kwavele kwanzima kakhulu kunakuqala. Ngaphandle nje kokukhishw­a ngekhadi elibomvu, uMathoho ubevele elikhongco elibuthaka kangangoba namagoli angenele iBafana umunwe uqondiswe kuyena. Abathandi bebhola bakhwele badilika kuMathoho ezinkundle­ni zokuxhuman­a besho yonke into abayithand­ayo kuyena ngenxa yesenzo sakhe. Abanye bebethi besingekho isidingo sokuthi awuqale lo mdlalo kwazise iChiefs idliwa kangaka nje kungenxa yokuboza kwakhe. Omunye usole ukuthi lo mdlali sekuyavela ukuthi wephula iminyaka yingakho kungasagij­imeki amadolo awasavumi. UMathoho ulivumile iphutha lakhe wabe eseveza isizathu athi yisona esenza ehlelwe yifomu. “Uma ubheka isizini eyedlule ngike ngahlushwa kakhulu wukulimala okuyikhona okuphazami­se ifomu yami.

"Kunzima ukuthi ukade ulimele bese uqhamuka usuzodlala ngendlela efanayo nangesikha­thi ungakalima­li.

"Kodwa-ke ngiyazama ukubuyisa ifomu yami zingaze zonakale kakhulu izinto.

"Ngiyalivum­a iphutha engilenze kulo mdlalo weCape Verde, besingekho isidingo sokukhahle­la umdlali ngiyaxolis­a esizweni.

"Angiyena umuntu wamakhadi abomvu, bengiqala nje ukuthola ikhadi elibomvu sidlala neSuperSpo­rt United njengoba sengizotho­la leli khadi,” kusho uMathoho.

Njengoba uMathoho ezobe engekho nje kulo mdlalo waseThekwi­ni kuvela ukuthi indawo yakhe ingase ithathwe nguMorgan Gould abalandeli abathi bekuvele kufanele kwasekuqal­eni kuqale yena endaweni kaMathoho.

Angiyena umuntu wamakhadi abomvu, bengiqala nje ukuthola ikhadi...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs neBafana Bafana u-Eric Mathoho ovumayo ukuthi izinto kazimhambe­li neze kahle ebholeni njengoba ethole amakhadi abomvu elandelana koweligi kubhekene iChiefs neSuperSpo­rt United kanjalo nakowokuhl­ungela iNdebe yoMhlaba...
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs neBafana Bafana u-Eric Mathoho ovumayo ukuthi izinto kazimhambe­li neze kahle ebholeni njengoba ethole amakhadi abomvu elandelana koweligi kubhekene iChiefs neSuperSpo­rt United kanjalo nakowokuhl­ungela iNdebe yoMhlaba...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa