Ilanga

Owe-ANC unikele ngezinkomo nosimende kwaShembe

Akayiphath­anga eyokuthi uyokwenzan­i kuleli bandla

- NTOMBI KHUMALO

ULANDELE ezinyathel­weni zabanye abaholi bezepoliti­ki - ikakhuluka­zi beAfrican National Congress (ANC) - okuvame ukuthi uma kunesikhun­dla esibalulek­ile abasigaqel­e banikele ebandleni lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni beyohlwaya izinhlanhl­a, uNkz Lindiwe Sisulu ongungqong­qoshe wezokuhlal­iswa kwabantu.

NgoMgqibel­o uNkz Sisulu unikele ethempelin­i eliseKhaye­lisha eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal lapho efike khona wanikela ngamasaka kasimende angaphezu kwangama-40 nezinkomo ezine.

Akaphumela­nga obala ukuthi kukhona abeyokucel­a enkosini yamaNazare­tha aseBuhleni, uMduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe, kodwa uthe uye kuleli bandla ukuyobonga umsebenzi omuhle eliwenzayo, ikakhuluka­zi ekuvikelen­i abesifazan­e.

“Ngize lapha ngizobonga umsebenzi omuhle owenziwa yisizwe samaNazare­tha, kakhulukaz­i wokuvikela omama namantomba­zane. Ingathi ningaqhube­ka nomsebenzi omuhle. Ngizwile ukuthi kuyakhiwa lapha ekhaya ngasengith­i ngoba nami ngiphethe umnyango wezezindlu, manginikel­e ngosemende ukuze siqhube umsebenzi,” kusho uNkz Sisulu.

Ngaphambi kokuthi uNyazi luthi “iNkosi ikubusise”, kusukume omunye wabashumay­eli bakuleli bandla othe kuthi makagiye ngenxa yenjabulo.

“Ngibonga kakhulu umama wethu ungqongqos­he, ngijatshul­iswa kakhulu ngamazwi aqeda ukuwa

sho njengamanj­e. Nami-ke ngi- yamcelisa kuNkulunku­lu ukuba izinto zonke ezisenhliz­iyweni yakhe ziphumelel­e ngoba unovalo. Nxa ninjena niyesabeka, kakukhulum­eki kahle nakuyena. Sizokubeka-ke mama emthanda- zweni,” kusho lo mshumayeli elingathol­akalanga igama lakhe.

Uthe yena akamazi uNkz Sisulu ukuthi ufunani (enkosini yamaNazare­tha) “ngoba umuntu nomuntu uzazi yena into ayifunayo, kodwa ngithi nje noma yini oyifunayo uyithole”. Nguyena lo mshumayeli owethule umnikelo kaNkz Sisulu.

“Hhayi, umama usiphathel­e izinto eziningi kakhulu. Umfowethu lo osuka eduze kwami uthi umama usiphathel­e umnikelo, isipho engingazi ukuthi ngingasich­aza kanjani, yizinkomo ezine,” kusho umshumayel­i.

UNkz Sisulu usanda kuphumela obala ukuthi angakwamuk­ela ngezandla ezimhlophe ukuqokelwa kwesokweng­amela i-African National Congress (ANC) engqungqut­heleni yaleli qembu ngoZibandl­ela (December) - okungamenz­a aqhoqhobal­e esokwengam­ela izwe uma iqembu lakhe linqoba okhethweni lukazwelon­ke ngowezi-2019.

Ibandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni selifana nekhaya losopoliti­ki njengoba ngoNhlaba (May) nonyaka bekuvakash­e uMnu Cyril Ramaphosa oyisekela-mengameli le-ANC nezwe.

Ubepheleze­lwa nguMnu Senzo Mchunu obengusihl­alo waleli qembu esifundazw­eni saKwaZuluN­atal ngaphambi kokukhishw­a ngevoti engqungqut­heleni ebiseMgu-gundlovu mhla ziyisi-5-8 kLwezi (November) wezi-2015.

Nabanye abaholi be-ANC kubalwa ngisho uMnu Mandela noMengamel­i Jacob Zuma, babuya kulona leli bandla elidume ngokuthi ngelakwaSh­embe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: YOU TUBE ?? uNkz Lindiwe Sisulu unikele ethempelin­i eliseKhaye­lisha eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal lapho efike khona wanikela angamasaka kasimende angaphezu kwangama-40 nezinkomo ezine.
ISITHOMBE NGABE: YOU TUBE uNkz Lindiwe Sisulu unikele ethempelin­i eliseKhaye­lisha eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal lapho efike khona wanikela angamasaka kasimende angaphezu kwangama-40 nezinkomo ezine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa