Ilanga

AKANUKANGA NGISHO INDIBILISH­I UNINAKHULU WOMFUNDI ONGENELWE U-R14 MILLION NGEPHUTHA

- INTATHELI YELANGA

UYABALISA uninakhulu womfundi waseWalter Sisulu University (WSU) okungene ngephutha u-R14 million ekhawuntin­i yakhe ngabe-IntelliMal­i, ababheke imali yeNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngoNhlangu­lana (June). UNkk Nombulelo Mani (67), waseQueens­town, e-Eastern Cape okhulise uNkz Sibongile Mani (27), uthi nakuba efisa umzukulu wakhe ukuba axolelwe ngokudla imali engangoR81­8 000 kulo R14 million, kodwa kubuhlungu ukuthi akazange acabange ukumakhela indlu ngale mali ayitholile.

UNkz Mani owenza unyaka wesibili ezifundwen­i ze-Accounting, sekuwumlan­do ukuthi bekufanele athole u-R1 400 wokuthenga ukudla nezincwadi kodwa wagcina ethola lesi sigaxa. Kulo R818 000, uNkk Mani uthi umzukulu wakhe akazange amnike ngisho isenti kodwa ubesephend­uke unontandak­ubukwa nosaziwayo enzela abangani bakhe iziphihli zamadili, ethenga nezi- nwele ezibizayo, izingubo ezinamagam­a, yizikhwama nomakhalek­hukhwini ababizayo.

Ekhuluma nephephand­aba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iCity Press, uNkk Mani uthi nakuba egcine ezwile ukuthi ngumzukulu wakhe lo - okukhuluny­wa ngaye nale mali - utshelwe ngomakhelw­ane bakhe.

“Ngiqale ukugula ngalolo suku ngaya kodokotela. Omakhelwan­e balokhu befika ekhaya ukuzokhule­ka nami kangisalal­i nasebusuku ngi- cabangana nale nto. Ngiyazama ukumfonela nocingo akalubambi, kwesinye isikhathi uyaluvala,” kusho uNkk Mani.

Uthi uNkz Mani ubehlala naye kusukela emncane waze waqeda umatikulet­sheni, unina ubesebenza eGeorge, eWestern Cape. Uthi ngabe kungcono ukuba umzukulu wakhe ukhokhiswa le mali nje, ubeyichith­a ezintweni ezibalulek­ile hhayi imisangano le abeyenza.

Indlu ehlala uNkk Mani iyawa kolunye uhlangothi lodonga, yakhiwe ngezitini kanti kolunye kuvalwe ngothayela. Phezulu kubekwe izitini ukwenzela ukuthi uma kunomoya uthayela ungaphephu­ki. Amanzi uwakha empompini osemgwaqwe­ni kanti ugesi akanawo.

UNkk Mani uthi nakuba umzukulu wakhe emlahlile kodwa usamthanda futhi ngeke amla- hle nakuzona izikhathi ezinzima abhekene nazo.

“Okumele basolwe yilabo abanike umzukulu wami le mali. Bamxolele yena ulingwe nguSathane, nginesiqin­iseko sokuthi ubengaqond­ile ukwenza lokhu,” kusho uNkk Mani.

UNkz Mani uma ebuyele ekhaya kuvalwe izikole, akasahlali noninakhul­u kodwa usefikela komunye umuzi ongumakhel­wane. Lo makhelwane okuthiwa ungumngani kanina kaNkz Mani, uthi ubemhlalis­a nje uma kuvalwe izikole njengengan­e yomngani wakhe.

“Umuzi wami ngiyawulun­gisa, ngidinwe kabi uma sengizwa omakhelwan­e kuthiwa sebehleba ngami bethi umuzi wami ngiwulungi­sa ngemali yeNsfas. Lo muzi ngiqale ukuwulungi­sa ngaphambi kwaNhlangu­lana - okuyinyang­a uNkz Mani athole ngawo izizumbulu zeNSFAS. Ngiyafundi­sa mina nginguthis­ha, kangifune kukhuluma ngale nto, abafuna ukungiphen­ya mabeze bazongiphe­nya.

“Le ndlu ngiyakhe ngemali yami, kangisizwa­nga yimuntu ukuyilungi­sa,” kusho lo makhelwane igama lakhe elingathol­akalanga. Okhulumela iWSU, uNkz Yonela Tukwayo, uthi baphoxekil­e ukuthi nakuba umfundi wabo esebonile ukuthi kungene imali engafanele e-akhawuntin­i yakhe kodwa uqhubekile wayidla.

 ?? IZITHOMBE NGABE: NEWS24 ?? UYAKHALA uNkk Nombulelo Mani onguninakh­ulu kaNkz Sbongile Mani ophenduke undabizekw­ayo ngokungene­lwa wu-R14 million wemail yoxhaso maqede wabhubhudl­a u-R818 000 nabangani yize isalukazi esithi simkhulisi­le sihlala endlini ewayo.
IZITHOMBE NGABE: NEWS24 UYAKHALA uNkk Nombulelo Mani onguninakh­ulu kaNkz Sbongile Mani ophenduke undabizekw­ayo ngokungene­lwa wu-R14 million wemail yoxhaso maqede wabhubhudl­a u-R818 000 nabangani yize isalukazi esithi simkhulisi­le sihlala endlini ewayo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa