AKANUKANGA NGISHO INDIBILISHI UNINAKHULU WOMFUNDI ONGENELWE U-R14 MILLION NGEPHUTHA
UYABALISA uninakhulu womfundi waseWalter Sisulu University (WSU) okungene ngephutha u-R14 million ekhawuntini yakhe ngabe-IntelliMali, ababheke imali yeNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngoNhlangulana (June). UNkk Nombulelo Mani (67), waseQueenstown, e-Eastern Cape okhulise uNkz Sibongile Mani (27), uthi nakuba efisa umzukulu wakhe ukuba axolelwe ngokudla imali engangoR818 000 kulo R14 million, kodwa kubuhlungu ukuthi akazange acabange ukumakhela indlu ngale mali ayitholile.
UNkz Mani owenza unyaka wesibili ezifundweni ze-Accounting, sekuwumlando ukuthi bekufanele athole u-R1 400 wokuthenga ukudla nezincwadi kodwa wagcina ethola lesi sigaxa. Kulo R818 000, uNkk Mani uthi umzukulu wakhe akazange amnike ngisho isenti kodwa ubesephenduke unontandakubukwa nosaziwayo enzela abangani bakhe iziphihli zamadili, ethenga nezi- nwele ezibizayo, izingubo ezinamagama, yizikhwama nomakhalekhukhwini ababizayo.
Ekhuluma nephephandaba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iCity Press, uNkk Mani uthi nakuba egcine ezwile ukuthi ngumzukulu wakhe lo - okukhulunywa ngaye nale mali - utshelwe ngomakhelwane bakhe.
“Ngiqale ukugula ngalolo suku ngaya kodokotela. Omakhelwane balokhu befika ekhaya ukuzokhuleka nami kangisalali nasebusuku ngi- cabangana nale nto. Ngiyazama ukumfonela nocingo akalubambi, kwesinye isikhathi uyaluvala,” kusho uNkk Mani.
Uthi uNkz Mani ubehlala naye kusukela emncane waze waqeda umatikuletsheni, unina ubesebenza eGeorge, eWestern Cape. Uthi ngabe kungcono ukuba umzukulu wakhe ukhokhiswa le mali nje, ubeyichitha ezintweni ezibalulekile hhayi imisangano le abeyenza.
Indlu ehlala uNkk Mani iyawa kolunye uhlangothi lodonga, yakhiwe ngezitini kanti kolunye kuvalwe ngothayela. Phezulu kubekwe izitini ukwenzela ukuthi uma kunomoya uthayela ungaphephuki. Amanzi uwakha empompini osemgwaqweni kanti ugesi akanawo.
UNkk Mani uthi nakuba umzukulu wakhe emlahlile kodwa usamthanda futhi ngeke amla- hle nakuzona izikhathi ezinzima abhekene nazo.
“Okumele basolwe yilabo abanike umzukulu wami le mali. Bamxolele yena ulingwe nguSathane, nginesiqiniseko sokuthi ubengaqondile ukwenza lokhu,” kusho uNkk Mani.
UNkz Mani uma ebuyele ekhaya kuvalwe izikole, akasahlali noninakhulu kodwa usefikela komunye umuzi ongumakhelwane. Lo makhelwane okuthiwa ungumngani kanina kaNkz Mani, uthi ubemhlalisa nje uma kuvalwe izikole njengengane yomngani wakhe.
“Umuzi wami ngiyawulungisa, ngidinwe kabi uma sengizwa omakhelwane kuthiwa sebehleba ngami bethi umuzi wami ngiwulungisa ngemali yeNsfas. Lo muzi ngiqale ukuwulungisa ngaphambi kwaNhlangulana - okuyinyanga uNkz Mani athole ngawo izizumbulu zeNSFAS. Ngiyafundisa mina nginguthisha, kangifune kukhuluma ngale nto, abafuna ukungiphenya mabeze bazongiphenya.
“Le ndlu ngiyakhe ngemali yami, kangisizwanga yimuntu ukuyilungisa,” kusho lo makhelwane igama lakhe elingatholakalanga. Okhulumela iWSU, uNkz Yonela Tukwayo, uthi baphoxekile ukuthi nakuba umfundi wabo esebonile ukuthi kungene imali engafanele e-akhawuntini yakhe kodwa uqhubekile wayidla.