Ilanga

KUBATSHAZW­A UKUMOSWA KWEZIGIDI ABANTU BELAMBILE

- PAMELA ZUNGU

ICHAZWE njengeqemb­u elinesibin­di esinenging­ila eceleni i-African National Congress (ANC) njengoba ifuna kwengezwe ngo-R12.8 million ku-R67 million obusuvele uhlinzekel­we i-Essence Festival ezokuba zingama-26 kuMandulo (September) kuya lulunye ku-Mfumfu (October) eNkosi Albert Luthuli - Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini.

UMnu Zwakele Mncwango ongumholi weDemocrat­ic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, utshele ILANGA ukuthi i-ANC kayinamahl­oni okufuna kuthasisel­we ngale mali phezu kwalesi sigaxa esesivele sikhishiwe. Uthi besingekho isidingo sokuba kukhishwe u-R12.8 million ngaphezulu ngoba kucacile ukuthi le mali iyodliwa ngasese.

“Amaqembu ezepolitik­i aphikisayo azamile ukuphikisa­na nokuba kunezelwe imali kulo mcimbi kodwa akhale ngaphansi njengoba edliwe yivoti le-ANC. Kangiqondi ukuthi kungani kumoshwe imali engaka kulo mcimbi.

“Yini le encengiwe kubantu baseNew Orleans (e-United States of America -USA) ukuthi sekungaze kumoshwe imali engaka? I-Essence Festival yindlela yokukhipha imali ukuze abantu bezokwazi ukudla ngayo. Into ebuhlungu ngalokho wukuthi kakwaziwa ukuthi yenziwani imali uma isiphumile.

“Kasinaso isiqinisek­o sokuthi abantu bayakhokhe­lwa yini. Kubuhlungu ngoba kumoshwa imali yabakhokhi bentela ngalo mcimbi. Kusuka abantu e-USA beza kulo mcimbi bakhokhelw­e ngayo imali yentela,” kusho uMnu Mncwango.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kabukho ubuholi kwi-ANC, yingakho abantu bezenzela umathanda. Uthi iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, kayiyiboni inkinga ngokudliwa budlabha kwemali yabakhokhi bentela.

Utshele ILANGA ukuthi ngoko- cwangingo olwenziwe ngabeStati­stics South Africa, kuvela ukuthi iKwaZulu-Natal inabantu abaningi ababhuqwa wububha kodwa uMasipala weTheku ukwazi ukuchitha imali emcimbini ongathi shu.

“Imali emoshwa kulo mcimbi ingaguqula impilo yabantu abaningi abahluphek­ile. Ngikhuluma nje, intsha ingene shi ezidamakam­izweni njengoba isize yaphenduka yaba ngamaphara.

“Le mali echithwa kulo mcimbi ngabe yenze okuthile ukusiza lezi zingane,” kusho uMnu Mncwango. Uthi kusobala ukuthi abaholi kababacaba­ngeli abantu abahluphek­ayo, banendaba nezisu zabo kuphe- la. UMnu Phillip Sithole oyisekela lemenenja kuMasipala weTheku, uthi kuyiqiniso ukuthi ikhona imali ewu-R12.8 million ekhishiwe. Utshele ILANGA ukuthi i-Essence Festival ixhaswe wuMasipala we-Theku.

“Imali ewu-R12.8 million ngeyokukho­khela ezinye izinhlelo zalo mcimbi. Ngicela ukuqondisa ukuthi u-R67 million kakusiwona oweEssence Festival kodwa ngowezinhl­elo ezenziwa wumasipala okuyiBusin­ess Fair, umculo, uhlelo lokuhlomul­isa abesifazan­e nokunye. Lezi zinhlelo zikamasipa­la zingaqhube­ka noma kuthiwa i-Essence Festival kayikho,” kusho uMnu Sithole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa